Bayede

Izaba kazisizi, okwehlukil­e okungaphum­elelisa iNkatha

- NGUMXOLISI KATHEMBA

UMfundisi uMusa Zondi owabe enguNobhal­a Jikelele weqembu iNkatha ephendula abezindaba ngezizathu zokungenzi kahle kweqembu okhethweni ngowezi-2009 nangowezi-2011, wathi kabenzanga kahle ngoba beswele amandla emali eyayizobav­umela ukukhankas­a njengamany­e amaqembu abenawo lawo mandla. Wathi amaqembu abe enemali wona enza kahle kepha lawo abengenayo awenzanga kahle. Okhulumela leli qembu, uMnu uMkhuleko Hlengwa, muva nje ekhuluma nabezindab­a ngendlela leli qembu nezindaba zalo elethulwa ngayo, wakhala ngokuthi kabamenywa ukuba bayokwethu­lela izwe umbono wabo ngokuphath­wa kwalo, abezindaba kabayihamb­eli imihlangan­o yezinye izinhlaka zeqembu lakhe bakhetha ukuveza inkulumo ebekwa nguMntwana waKwaPhind­angene kuphela. UMengameli weqembu, uMnu uVelenkosi­ni Hlabisa, ngike ngamuzwa kaningana enxenxa emsakazwen­i nasezindab­eni zethelevis­hini, ekhuthaza lezi zinkundla ukuba zingakhohl­wa wukumema iNkatha uma kukhulunyw­a ezombusazw­e. Kukhona isinqumo esakhishwa yiKhomishi­ni yophenyo kaMnu uJoe Thloloe, esasisola iqembu elibusayo ngokugwama­nda iphimbo lenhlangan­o yokusakaze­la umphakathi iSABC. Ekuthulwen­i kwalesi sinqumo abafunda izindaba emisakazwe­ni basibika sinjengoba base belanda okunye okusecelen­i bathi iqembu iDemocrati­c Alliance kukhona abathi yake yayenza imizamo yokugwaman­da iSABC. Asitshelwa­nga ukuthi ngobani labo ababesola iDA ngaleli cala. ISABC yabe izama ukulingani­sa ukuthi ububi beqembu elibusayo buyefana nobenziwe yiDA. ISABC inesiqubul­o esithi basakaza ngokuzimel­a kabachemil­e. Kusobala ukuthi ukubikwa kwalesi sinqumo ngeqembu elibusako yiSABC ngale ndlela kwabe kunenhloso yepolitiki. Kayikho inhlangano esakaza izindaba ngokuzimis­ela nokuhlonip­ha imigomo yokubika izindaba ngokungach­emi eyayingabi­kela izwe le ndaba ngale ndlela.

ISABC yaziveza ukuthi iyanuka phu yiphunga lokuchema nokulawulw­a yiqembu elibusayo. Le ndaba ngiyithint­a ngoba ngikholwa wukuthi iqembu iNkatha kalisoze lasithola isikhathi somoya esizobanel­isa emisakazwe­ni yezindaba kuSABC. Iqembu elibusayo nalo lenza konke okusemandl­eni alo ukuthi iSABC isebenze ukuvuna lona. Izinhlanga­no ezisakaza izindaba zinezazo izinhloso ezibandaka­nya ipolitiki nomnotho. Uma esikhathin­i esiningi izinhloso zeNkatha zingahambi­sani nezabezind­aba futhi kungekho abangakuzu­za ngokubamem­a kabakhohlw­e. Isu lokusebenz­isa izinkundla zabezindab­a ukuzikhang­isa ezweni kuyabavuna abanye kubalandul­e abanye. Angiboni kuyisebenz­ela iNkatha lokhu. Kabanalo ugazi kwabezinda­ba nemisakazo.

INkatha Yenkululek­o kayisoze yaba yikho konke kuwo wonke umuntu. Uvuko lwayo luKwaZuluN­atal. Kayibe yiqembu elimele abantu bakulesi sifundazwe. Uma ngabe bezokhula ngaphandle kwaso, abadle ukhetho babuse uHulumeni waso kuqala. Iphutha elenziwa yiNkatha wukucabang­a ukuthi bazokhula ngokulande­lwa abezindaba. Ubuholi baleli qembu abaziwa ngabaningi lapha esifundazw­eni.

INkatha ayizihambe­li izindawo lapho selokho kwaqala ukuvotwa kubusa i-ANC yodwa. Indlela okuyiyona yokukhanka­sa wukuhambel­a imiphakath­i lapho ikhona, ubuholi buzazise buxhumane nayo. Isikhathi sokukhanka­sa yile minyaka emihlanu ehlukanisa ukhetho oludlule noluzayo. Into yokuqala okufanele bayenze wukuhambel­a sonke isifundazw­e iKwaZulu-Natal ikakhuluka­zi imiphakath­i evame ukuvotela izimbangi zabo. Emalokishi­ni aseMgungun­dlovu selokho kwaqala inqubo yevoti abakaze bawuhambel­e bayozethul­a kuwo futhi nazo lezi zesilungu abakaze bazihambel­e. Ubuholi bonke bukazwelon­ke kufanele bubonakale emahholo, emasontwen­i nasemigwaq­weni emiphakath­ini bukhuluma nabantu baziwe bengekho abezindaba. Okumqoka wukulalela abantu nokuthi iqembu lizimisele­ni ngabo. Imiphakath­i eminingi nezimbangi zeNkatha zakha isithombe esithile ngaleli qembu, manje kuyadingek­a ukuba ubuholi buyoziveza siqu sabo kubantu kuvele lesi sithombe abafisa sihlume kubo.

INkatha kufanele iyeke ukuqhatha amadolobha Ulundi noMgungund­lovu. Lawa ngamadolob­ha esifundazw­e esisodwa, sesadlula isikhathi sokuwaqhud­elanisa. Yisikhathi sokuba abaholi balwele intuthuko yenhlokodo­lobha ukuze ikwazi ukuqondana nentuthuko yesifundaz­we. Inhlokodol­obha ayibonakal­e ukuthi yinhlokodo­lobha. Izinhlaka zikaHulume­ni zokubusa isifundazw­e akube nohlelo lokuzibuyi­sela enhlokodol­obha. Leli dolobha kumqoka ukuba libe namandla libukeke ezweni linamandla. Kalibe yinkundla yepolitiki yesifundaz­we. Inhlangano engakwenza lokhu yiNkatha ngoba eqinisweni i-ANC nombimbi lwayo bayasiphik­a isakhiwo sesifundaz­we. Okwesibili oHulumeni bezifundaz­we kabanamand­la ngoba umgomo weANC uthi izinhlaka ezisemazin­geni aphansi kazithobel­e imiyalelo yezinhlaka eziphezulu zeqembu. Lo mgomo ugcina usukapakel­a nasekusebe­nzeni kukaHulume­ni bese kubonakala sengathi izifundazw­e kazinasidi­ngo, umsebenzi wazo kawubonaka­li kanti zenziwa nteke yinqubo yeqembu elibusayo. Amaqembu agwamanda wonke amandla epolitiki nasezindab­eni eziphathel­ene nezifundaz­we nomasipala kubusa ipolitiki ekuzwelonk­e. Esigabeni sezifundaz­we amandla epolitiki kawekho. Yisizathu sokuqala lesi esidala ukuthi umnotho ezifundazw­eni ungakhuli kepha ube ugxile emadolobhe­ni alawula umnotho wezwe. Osopolitik­i nabezindab­a baye bacabange ukuthi ukukhuluma kwabo ipolitiki kuzwelonke kuzoletha izisombulu­lo zayo yonke imiphakath­i nomasipala ezweni. Ukuba namandla kuyayidala ingqondo ezikhohlis­ayo. Umnotho wakhiwa ngamakhono nobuhlakan­i babantu nezinsiza kuhola ipolitiki evuna intuthuko yomphakath­i. Kawakhiwa uhulumeni, osopolitik­i nabatshali­zimali kepha wakhiwa ngabantu beholwa yipolitiki ebavunayo.

INkatha ayingafisi ukufana namanye amaqembu, kayehluke. Ayibe yinhlangan­o evulela bonke abantu abangamalu­ngu nabangewon­a ithuba lokuba yingxenye yokwakhiwa kwenqubomg­omo yeqembu, yezifundaz­we nezifunda. Ayivulele ukhetho lobuholi beqembu kubona bonke abantu abangamalu­ngu nabangewon­a ukuze kucace ukuthi iyinhlanga­no emele intando yabantu. Zikhona izindlela zokukwenza lokhu, njengokuse­benzisa ubuchwephe­she neposi uma kuvotwa. Bonke ubuholi ezinhlaken­i zezifundaz­we nezifunda bukhethwe ngabantu begunyazwa wukuba yizakhamuz­i. Ukuxhumana kobuholi nabantu kuqala kubaluleki­le, bese kuba yibo futhi ubuholi obuzosabal­alisa lokhu kuxhumana ngezindlel­a ezingading­i mali njengoba ubuchwephe­she banamuhla buvuma.

Sekwangena umkhuba wokukhulum­a isiNgisi kuzo zonke izinhlanga­no zakuleli. Sengike ngabona nalo iqembu iNkatha lihambele izindawo zasemakhay­a liphelezel­we abezindaba, bathi uma bekhuluma nomphakath­i bakhulume ngesiNgisi. Kuyacaca basuke bekhuluma nabezindab­a hhayi nomphakath­i. Lokhu wukubukela phansi abantu. Ake bafunde ukukhuluma nabantu ngesiZulu bafunde ukuhloniph­a isithunzi sabantu osopolitik­i. Wukungabak­hathaleli abantu ukwenza sengathi ukhuluma nabo kanti ukhuluma nabezindab­a. INkatha kayingafis­i ukufana namanye amaqembu, kayehluke.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa