Izaba kazisizi, okwehlukile okungaphumelelisa iNkatha
UMfundisi uMusa Zondi owabe enguNobhala Jikelele weqembu iNkatha ephendula abezindaba ngezizathu zokungenzi kahle kweqembu okhethweni ngowezi-2009 nangowezi-2011, wathi kabenzanga kahle ngoba beswele amandla emali eyayizobavumela ukukhankasa njengamanye amaqembu abenawo lawo mandla. Wathi amaqembu abe enemali wona enza kahle kepha lawo abengenayo awenzanga kahle. Okhulumela leli qembu, uMnu uMkhuleko Hlengwa, muva nje ekhuluma nabezindaba ngendlela leli qembu nezindaba zalo elethulwa ngayo, wakhala ngokuthi kabamenywa ukuba bayokwethulela izwe umbono wabo ngokuphathwa kwalo, abezindaba kabayihambeli imihlangano yezinye izinhlaka zeqembu lakhe bakhetha ukuveza inkulumo ebekwa nguMntwana waKwaPhindangene kuphela. UMengameli weqembu, uMnu uVelenkosini Hlabisa, ngike ngamuzwa kaningana enxenxa emsakazweni nasezindabeni zethelevishini, ekhuthaza lezi zinkundla ukuba zingakhohlwa wukumema iNkatha uma kukhulunywa ezombusazwe. Kukhona isinqumo esakhishwa yiKhomishini yophenyo kaMnu uJoe Thloloe, esasisola iqembu elibusayo ngokugwamanda iphimbo lenhlangano yokusakazela umphakathi iSABC. Ekuthulweni kwalesi sinqumo abafunda izindaba emisakazweni basibika sinjengoba base belanda okunye okuseceleni bathi iqembu iDemocratic Alliance kukhona abathi yake yayenza imizamo yokugwamanda iSABC. Asitshelwanga ukuthi ngobani labo ababesola iDA ngaleli cala. ISABC yabe izama ukulinganisa ukuthi ububi beqembu elibusayo buyefana nobenziwe yiDA. ISABC inesiqubulo esithi basakaza ngokuzimela kabachemile. Kusobala ukuthi ukubikwa kwalesi sinqumo ngeqembu elibusako yiSABC ngale ndlela kwabe kunenhloso yepolitiki. Kayikho inhlangano esakaza izindaba ngokuzimisela nokuhlonipha imigomo yokubika izindaba ngokungachemi eyayingabikela izwe le ndaba ngale ndlela.
ISABC yaziveza ukuthi iyanuka phu yiphunga lokuchema nokulawulwa yiqembu elibusayo. Le ndaba ngiyithinta ngoba ngikholwa wukuthi iqembu iNkatha kalisoze lasithola isikhathi somoya esizobanelisa emisakazweni yezindaba kuSABC. Iqembu elibusayo nalo lenza konke okusemandleni alo ukuthi iSABC isebenze ukuvuna lona. Izinhlangano ezisakaza izindaba zinezazo izinhloso ezibandakanya ipolitiki nomnotho. Uma esikhathini esiningi izinhloso zeNkatha zingahambisani nezabezindaba futhi kungekho abangakuzuza ngokubamema kabakhohlwe. Isu lokusebenzisa izinkundla zabezindaba ukuzikhangisa ezweni kuyabavuna abanye kubalandule abanye. Angiboni kuyisebenzela iNkatha lokhu. Kabanalo ugazi kwabezindaba nemisakazo.
INkatha Yenkululeko kayisoze yaba yikho konke kuwo wonke umuntu. Uvuko lwayo luKwaZuluNatal. Kayibe yiqembu elimele abantu bakulesi sifundazwe. Uma ngabe bezokhula ngaphandle kwaso, abadle ukhetho babuse uHulumeni waso kuqala. Iphutha elenziwa yiNkatha wukucabanga ukuthi bazokhula ngokulandelwa abezindaba. Ubuholi baleli qembu abaziwa ngabaningi lapha esifundazweni.
INkatha ayizihambeli izindawo lapho selokho kwaqala ukuvotwa kubusa i-ANC yodwa. Indlela okuyiyona yokukhankasa wukuhambela imiphakathi lapho ikhona, ubuholi buzazise buxhumane nayo. Isikhathi sokukhankasa yile minyaka emihlanu ehlukanisa ukhetho oludlule noluzayo. Into yokuqala okufanele bayenze wukuhambela sonke isifundazwe iKwaZulu-Natal ikakhulukazi imiphakathi evame ukuvotela izimbangi zabo. Emalokishini aseMgungundlovu selokho kwaqala inqubo yevoti abakaze bawuhambele bayozethula kuwo futhi nazo lezi zesilungu abakaze bazihambele. Ubuholi bonke bukazwelonke kufanele bubonakale emahholo, emasontweni nasemigwaqweni emiphakathini bukhuluma nabantu baziwe bengekho abezindaba. Okumqoka wukulalela abantu nokuthi iqembu lizimiseleni ngabo. Imiphakathi eminingi nezimbangi zeNkatha zakha isithombe esithile ngaleli qembu, manje kuyadingeka ukuba ubuholi buyoziveza siqu sabo kubantu kuvele lesi sithombe abafisa sihlume kubo.
INkatha kufanele iyeke ukuqhatha amadolobha Ulundi noMgungundlovu. Lawa ngamadolobha esifundazwe esisodwa, sesadlula isikhathi sokuwaqhudelanisa. Yisikhathi sokuba abaholi balwele intuthuko yenhlokodolobha ukuze ikwazi ukuqondana nentuthuko yesifundazwe. Inhlokodolobha ayibonakale ukuthi yinhlokodolobha. Izinhlaka zikaHulumeni zokubusa isifundazwe akube nohlelo lokuzibuyisela enhlokodolobha. Leli dolobha kumqoka ukuba libe namandla libukeke ezweni linamandla. Kalibe yinkundla yepolitiki yesifundazwe. Inhlangano engakwenza lokhu yiNkatha ngoba eqinisweni i-ANC nombimbi lwayo bayasiphika isakhiwo sesifundazwe. Okwesibili oHulumeni bezifundazwe kabanamandla ngoba umgomo weANC uthi izinhlaka ezisemazingeni aphansi kazithobele imiyalelo yezinhlaka eziphezulu zeqembu. Lo mgomo ugcina usukapakela nasekusebenzeni kukaHulumeni bese kubonakala sengathi izifundazwe kazinasidingo, umsebenzi wazo kawubonakali kanti zenziwa nteke yinqubo yeqembu elibusayo. Amaqembu agwamanda wonke amandla epolitiki nasezindabeni eziphathelene nezifundazwe nomasipala kubusa ipolitiki ekuzwelonke. Esigabeni sezifundazwe amandla epolitiki kawekho. Yisizathu sokuqala lesi esidala ukuthi umnotho ezifundazweni ungakhuli kepha ube ugxile emadolobheni alawula umnotho wezwe. Osopolitiki nabezindaba baye bacabange ukuthi ukukhuluma kwabo ipolitiki kuzwelonke kuzoletha izisombululo zayo yonke imiphakathi nomasipala ezweni. Ukuba namandla kuyayidala ingqondo ezikhohlisayo. Umnotho wakhiwa ngamakhono nobuhlakani babantu nezinsiza kuhola ipolitiki evuna intuthuko yomphakathi. Kawakhiwa uhulumeni, osopolitiki nabatshalizimali kepha wakhiwa ngabantu beholwa yipolitiki ebavunayo.
INkatha ayingafisi ukufana namanye amaqembu, kayehluke. Ayibe yinhlangano evulela bonke abantu abangamalungu nabangewona ithuba lokuba yingxenye yokwakhiwa kwenqubomgomo yeqembu, yezifundazwe nezifunda. Ayivulele ukhetho lobuholi beqembu kubona bonke abantu abangamalungu nabangewona ukuze kucace ukuthi iyinhlangano emele intando yabantu. Zikhona izindlela zokukwenza lokhu, njengokusebenzisa ubuchwepheshe neposi uma kuvotwa. Bonke ubuholi ezinhlakeni zezifundazwe nezifunda bukhethwe ngabantu begunyazwa wukuba yizakhamuzi. Ukuxhumana kobuholi nabantu kuqala kubalulekile, bese kuba yibo futhi ubuholi obuzosabalalisa lokhu kuxhumana ngezindlela ezingadingi mali njengoba ubuchwepheshe banamuhla buvuma.
Sekwangena umkhuba wokukhuluma isiNgisi kuzo zonke izinhlangano zakuleli. Sengike ngabona nalo iqembu iNkatha lihambele izindawo zasemakhaya liphelezelwe abezindaba, bathi uma bekhuluma nomphakathi bakhulume ngesiNgisi. Kuyacaca basuke bekhuluma nabezindaba hhayi nomphakathi. Lokhu wukubukela phansi abantu. Ake bafunde ukukhuluma nabantu ngesiZulu bafunde ukuhlonipha isithunzi sabantu osopolitiki. Wukungabakhathaleli abantu ukwenza sengathi ukhuluma nabo kanti ukhuluma nabezindaba. INkatha kayingafisi ukufana namanye amaqembu, kayehluke.