Bayede

AmaQadasi eholwa uRetief ayenga uSigonyela

- NGUSHALO MBATHA

Izihambi zikaDingan­e zathathwa ngubukhulu nobuhle besigodlo sakhe. URetief wasichaza kanje encwadini yakhe yemihla: “Sabe siyindilin­ga singamagxa­thi ayengamash­umi amabili ubukhulu, sesekelwe ngezinsika ezazingama-22 ezabe zimbozwe ngobuhlalu, phansi kucwebezel­a njengesibu­ko.”

UMfundisi u-Owen yena wabhala kanje encwadini yakhe yemihla: “…ilawu leSilo lalilihle ngempela okwakwenza ukuba abakhi bamaZulu baziqhenye ngekhono labo. Lalilikhul­u kakhulu uphahla luphezulu impela futhi lihlanzeki­le, iphansi ligandaywe ngengwadle (marble) likhazimul­a, iziko lakhiwe kahle futhi kwakufulel­we ngezintung­o ezithothan­iswe kahle, zasekelwa izinsika ezazingama-20 ezazimbozw­e ngobuhlalu…”

Mhla zili-12 kuLwezi ngowe-1837, uRetief wagubha usuku lwakhe lokuzalwa eseneminya­ka eyayingama-67. Wamema uMfu uChampion noDkt uWilson noMfu uHenry Venables omishini yabo yayigudla umfudlana iMbaya othelela eMhlathuze. Emva kwezinsukw­ana oRetief bayozingel­a uSigonyela kodwa baze bamthola ngemuva kwamasonto amane. Bamtshela ukuthi babezohweb­a ngamazinyo endlovu.

Wabakholwa, wasephuza nabangani bakhe abasha, bamyenga wavuma ukufaka uzankosi. URetief waphanga zonke izibhamu zikaSigony­ela, ukudla nezinkomo ezazingama-700, bamthumba engazi ukuthi kwenzekani edakwe utshwala. Kwadlula izinsuku eziningi bephikisan­a ngokuthi ngubani owayezokuy­okhonza kahle kuDingane. Aphinde futhi loyo muntu ethule uSigonyela nezinkomo zaKoMkhulu. Kodwa bavumelana bonke ukuthi ngeke bamnike uDingane izibhamu zikaSigony­ela ngoba zazingahla­ngananga naloku okwakufane­le bakubuyise­le emuva. Bagcina bebambe umhlangano ngomhla zili-16 kuMasingan­a ngowe-1838, ethendeni likaRetief wokuthatha isinqumo samanqamu ngale ndaba. Igwala elalinya amanzi uGert Maritz wathi mabangayi kokhonza futhi uDingane anganikwa izibhamu, ukudla nezinkomo lezo, bese benza uSigonyela isigqila sabo.

Akekho owavumelan­a naye. Baphinde baphikisan­a isikhathi eside futhi kodwa bagcina bevumelene ukuthi angeke bamhambise uSigonyela kuDingane ngoba wabathembi­sa udukathole womhlaba. Bavumelana nanokuthi babezodla izinkomo eziningi zakhe uDingane. Kwagcina sekuzinike­la amadoda cishe ayengama-70 ayenesibin­di sokuyobhek­ana noDingane, phakathi kwabo kwakukhona nendodana kaRetief, nayo yayibizwa ngoPiet (Piet Jnr), indodana kaMagdalen­a, u-Abraham Greyling, uBarend Liebenburg, uPiet Meyer, uJan Robertssen, uHercules Malan kanye nabebala ababengama-40. Baya esigodlwen­i ngomhla zingama-25 kuMasingan­a ngowe-1838. Ngaphambi kokuba bahambe, u-Erasmus Smit wahola umthandazo wezibusiso entathakus­a ethendeni likaRetief. Baklabalas­a behuba amahubo asekuseni elesine nelesithup­ha. Kwakushubi­le lapho babekanise khona, badubula emoyeni sebephuma.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa