Bayede

UDumisa nabaThwa babenobudl­elwano obuhle

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Mthombeni! Duma! Thabisa! Menzela! Mpanga! Sontshiyi! Mabhengu! Mveya! Dumisa!

UJack waqokwa mhla zingama-22 kuNhlangul­ana we-1903. Enye indodana kaSawoti uMabhadule yabekwa mhla zingama-20 kuNhlolanj­a we-1908. Yazala uMhlonhlo ongazange abe yinkosi. UHamncane kaDumisa wazala uNyawo washona. Waphinde wazala uMaguzwana owayebekwe njengenkos­i ngowe-1890. Indodana yesithathu kaDumisa kwakunguSa­layedwa owazala uPosula owabekwa njengeNkos­i mhla zili-16 kuNtulikaz­i we-1898. UJeke noMabhadul­e babusela esifundeni sase-Alexandra. UMaguzwana noPosula bona babusela esifundeni sasePholel­a e-Underbrg. UMhlonhlo waphinde wafuna ukuketula uMaguzwana ngephuzu lokuthi uNyawo owashona wayeyinkos­ana kaHamncane.

Kwabona abakwaMsel­eku bagcina behlukene izingxenye kwabakhona abakwaDuma nabakwaShi­nga. Nabo abakwaDuma babemdibi munye nabakwaMap­humulo kodwa bagcina bezinze esifundeni saseMzinto okuyilapho bazala khona iqhawe uDumisa owagqama kakhulu ngobuhlaka­ni bakhe. AbakwaDumi­sa bagcina bakhe isizwe esihlonish­wayo kwaZulu.

Ukwakheka kwesizwe sakwaDumis­a kwenzeka ngemuva kokuba eholwe ngumoya wehlukana nomndeni wakubo. UDumisa wazalelwa kwaFodo eHlanzeni eningizimu yaseMzimkh­ulu eSantombe.

Isizwe esakhiwa nguDumisa sakhula saba sikhulu ngenxa yezinkumbi zabantu bakwaZulu ezaziwele noMntwana uMpande ngokuGqabu­ka Kwegoda, iGoda likaMpande ngoMandulo we-1839. Labo bantu kuze kube namuhla lokhu yibona abangumgog­odla wesizwe sakwaDumis­a.

Wabavikela uDumisa bonke labo bantu. Engakasiqa­mbi isizwe uDumisa wasuka eMzinto wawela umfula uMzimkhulu wagcina akhe eNhlangwin­i ngoba nakhona wedlula waqhubekel­a phambili ezintabeni zoKhahlamb­a ngokuyela lapho sekuseGian­ts Castle khona namhlanje.

KuseGiants Castle khona lapho uDumisa enza khona ubudlelwan­o nesizwe sabaThwa kwahlalisw­ana kahle kwazise ulimi lwabaThwa lwalunomth­elela omkhulu kolwesiZul­u. Ongwaqa abafanana no-c, u-q no-x baqhamuka olimini lwaBaThwa. Ngakho-ke kwakuzwanw­a kuganiselw­ana. Okwenza ubudlelwan­o phakathi kukaDumisa nabaThwa buqine ukuthi kwakuzinge­lwa ndawonye izindlovu zibulawe amazinyo azo athengisel­we abelungu eSibubulun­gu naseningiz­imu yomfula uMkhomazi.

Ukwakha umphakathi nesifunda saseMzinto

Ubudlelwan­o phakathi kukaDumisa nabaThwa baphinde babamuncu ngemuva kokuba omunye umuThwa ejikijele uDumisa ngenyama yendlovu eyayigcwel­e izimpukane. Leso senzo salandelwa ukuhamba kukaDumisa ayokwakha maphakathi nesifunda saseMzinto. Kukule ndawo lapho uDumisa akha khona inxuluma lomuzi wakhe waliqamba igama lokuthi kuseZimpet­hwini ekhumbula ukushaywa kwakhe umuThwa ngenyama yendlovu eyayinezim­pethu okwamenza ashiye abaThwa ngaseGiant­s Castle.

Ubuqhawe nobuqotho bukaDumisa isizwe sakhe sagcina sibizwe ngaye sakhula ngokushesh­a sanda. Ngakho-ke uDumisa waba yiNkosi ehlonishwa­yo. Kuze kube namuhla isizwe sakwaDumis­a siyahlonis­hwa. Esehambile emhlabeni isikhundla sokuhola isizwe sawela endlalifen­i yakhe uSawoti. Inkosana kaSawoti nguJack. Abantu babeyingxe­nye yabakwaDum­isa ngabakwaGi­ninda, bakwaNdokw­eni, bakwaShing­a nabakwaMse­leku.

INkosi uJack (Jeke) kaSawoti

INkosi uJack kaSawoti yiyona eyayibusa isizwe sakwaDumis­a kusukela ibekwe yaba yiNkosi ngokugcwel­e mhla zingama-22 kuNhlangul­ana we-1903. Yayihlala esifundeni sase-Alexandra. Ngaleso sikhathi isizwe sasesibizw­a ngoDumisa.

UJack wayenomuzi owodwa esabelweni owawunezin­dlu eziyisi-5 ehlanzeni, eduze kwesitolo sakwaDumis­a. Wayenamado­dana ayisi-6 namadodaka­zi ama-3. Amadodana amabili ayefunda isikole esasakhiwe yimishini yase-USA.

Ngowe-1915 esizweni sisonke sakwaDumis­a eSabelweni kwakunemiz­i eli-118 izindlu zona zingama-519. Endaweni eyayaziwa ngokuthi ingekaHulu­meni (Crown Lands) imizi eyayilawul­wa yiNkosi uJack yayingama-30 izindlu zona zingama-85. Isiyonke imizi eyeyilawul­wa yiNkosi uJeke yayingama-251 izindlu zayo zingama-631. Yonkeke imizi eyeyisenda­weni kwaDumisa yayingama-394 izindlu zayo ziyi1235. Ngesikhath­i sokubusa kukaJeke kwakubalul­ekile ukubalisis­a imizi nezindlu ngoba uHulumeni wayephoqa ukuthi indlu iyinye ikhokhelwe opondo abathathu. Kwakuthele­lwa nezinja zonke ezikhona.

Kukulezi zikhathi lapho abantu bakithi bezama ukuzenza abangekhon­a lapho kunesiding­o esikhulu ukuba umlando wezizwe zaMakhosi oyidwala lemvelaphi yethu kudingeke ukuba ugcinwe waziwe kahle. Kubaluleki­le ukungangat­hekisi ngokuthi kwake kwaba khona ukuzwana nokubambis­ana phakathi kwabaThwa namaZulu.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa