UDumisa nabaThwa babenobudlelwano obuhle
Mthombeni! Duma! Thabisa! Menzela! Mpanga! Sontshiyi! Mabhengu! Mveya! Dumisa!
UJack waqokwa mhla zingama-22 kuNhlangulana we-1903. Enye indodana kaSawoti uMabhadule yabekwa mhla zingama-20 kuNhlolanja we-1908. Yazala uMhlonhlo ongazange abe yinkosi. UHamncane kaDumisa wazala uNyawo washona. Waphinde wazala uMaguzwana owayebekwe njengenkosi ngowe-1890. Indodana yesithathu kaDumisa kwakunguSalayedwa owazala uPosula owabekwa njengeNkosi mhla zili-16 kuNtulikazi we-1898. UJeke noMabhadule babusela esifundeni sase-Alexandra. UMaguzwana noPosula bona babusela esifundeni sasePholela e-Underbrg. UMhlonhlo waphinde wafuna ukuketula uMaguzwana ngephuzu lokuthi uNyawo owashona wayeyinkosana kaHamncane.
Kwabona abakwaMseleku bagcina behlukene izingxenye kwabakhona abakwaDuma nabakwaShinga. Nabo abakwaDuma babemdibi munye nabakwaMaphumulo kodwa bagcina bezinze esifundeni saseMzinto okuyilapho bazala khona iqhawe uDumisa owagqama kakhulu ngobuhlakani bakhe. AbakwaDumisa bagcina bakhe isizwe esihlonishwayo kwaZulu.
Ukwakheka kwesizwe sakwaDumisa kwenzeka ngemuva kokuba eholwe ngumoya wehlukana nomndeni wakubo. UDumisa wazalelwa kwaFodo eHlanzeni eningizimu yaseMzimkhulu eSantombe.
Isizwe esakhiwa nguDumisa sakhula saba sikhulu ngenxa yezinkumbi zabantu bakwaZulu ezaziwele noMntwana uMpande ngokuGqabuka Kwegoda, iGoda likaMpande ngoMandulo we-1839. Labo bantu kuze kube namuhla lokhu yibona abangumgogodla wesizwe sakwaDumisa.
Wabavikela uDumisa bonke labo bantu. Engakasiqambi isizwe uDumisa wasuka eMzinto wawela umfula uMzimkhulu wagcina akhe eNhlangwini ngoba nakhona wedlula waqhubekela phambili ezintabeni zoKhahlamba ngokuyela lapho sekuseGiants Castle khona namhlanje.
KuseGiants Castle khona lapho uDumisa enza khona ubudlelwano nesizwe sabaThwa kwahlaliswana kahle kwazise ulimi lwabaThwa lwalunomthelela omkhulu kolwesiZulu. Ongwaqa abafanana no-c, u-q no-x baqhamuka olimini lwaBaThwa. Ngakho-ke kwakuzwanwa kuganiselwana. Okwenza ubudlelwano phakathi kukaDumisa nabaThwa buqine ukuthi kwakuzingelwa ndawonye izindlovu zibulawe amazinyo azo athengiselwe abelungu eSibubulungu naseningizimu yomfula uMkhomazi.
Ukwakha umphakathi nesifunda saseMzinto
Ubudlelwano phakathi kukaDumisa nabaThwa baphinde babamuncu ngemuva kokuba omunye umuThwa ejikijele uDumisa ngenyama yendlovu eyayigcwele izimpukane. Leso senzo salandelwa ukuhamba kukaDumisa ayokwakha maphakathi nesifunda saseMzinto. Kukule ndawo lapho uDumisa akha khona inxuluma lomuzi wakhe waliqamba igama lokuthi kuseZimpethwini ekhumbula ukushaywa kwakhe umuThwa ngenyama yendlovu eyayinezimpethu okwamenza ashiye abaThwa ngaseGiants Castle.
Ubuqhawe nobuqotho bukaDumisa isizwe sakhe sagcina sibizwe ngaye sakhula ngokushesha sanda. Ngakho-ke uDumisa waba yiNkosi ehlonishwayo. Kuze kube namuhla isizwe sakwaDumisa siyahlonishwa. Esehambile emhlabeni isikhundla sokuhola isizwe sawela endlalifeni yakhe uSawoti. Inkosana kaSawoti nguJack. Abantu babeyingxenye yabakwaDumisa ngabakwaGininda, bakwaNdokweni, bakwaShinga nabakwaMseleku.
INkosi uJack (Jeke) kaSawoti
INkosi uJack kaSawoti yiyona eyayibusa isizwe sakwaDumisa kusukela ibekwe yaba yiNkosi ngokugcwele mhla zingama-22 kuNhlangulana we-1903. Yayihlala esifundeni sase-Alexandra. Ngaleso sikhathi isizwe sasesibizwa ngoDumisa.
UJack wayenomuzi owodwa esabelweni owawunezindlu eziyisi-5 ehlanzeni, eduze kwesitolo sakwaDumisa. Wayenamadodana ayisi-6 namadodakazi ama-3. Amadodana amabili ayefunda isikole esasakhiwe yimishini yase-USA.
Ngowe-1915 esizweni sisonke sakwaDumisa eSabelweni kwakunemizi eli-118 izindlu zona zingama-519. Endaweni eyayaziwa ngokuthi ingekaHulumeni (Crown Lands) imizi eyayilawulwa yiNkosi uJack yayingama-30 izindlu zona zingama-85. Isiyonke imizi eyeyilawulwa yiNkosi uJeke yayingama-251 izindlu zayo zingama-631. Yonkeke imizi eyeyisendaweni kwaDumisa yayingama-394 izindlu zayo ziyi1235. Ngesikhathi sokubusa kukaJeke kwakubalulekile ukubalisisa imizi nezindlu ngoba uHulumeni wayephoqa ukuthi indlu iyinye ikhokhelwe opondo abathathu. Kwakuthelelwa nezinja zonke ezikhona.
Kukulezi zikhathi lapho abantu bakithi bezama ukuzenza abangekhona lapho kunesidingo esikhulu ukuba umlando wezizwe zaMakhosi oyidwala lemvelaphi yethu kudingeke ukuba ugcinwe waziwe kahle. Kubalulekile ukungangathekisi ngokuthi kwake kwaba khona ukuzwana nokubambisana phakathi kwabaThwa namaZulu.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.