UDingiswayo wafikela oYengweni
Nayo iNkosi uSenzangakhona yayisivamisile ukufika oYengweni izivakashele nje kungonakele lutho. Ifike ibuke amajadu esizwe sakwaMthethwa nokusina kwakhona.
INkosi uDingiswayo ifika ivela ekudingisweni yafika igibele ihhashi iphethe nesibhamu. Yenza izinguquko eziningi esizweni sayo njengokuhlela abesilisa ibahlukanisa ngokwamabutho nangobudala kwabo.
Yileli nalelo butho lalinikezwa igama lalo. Ibutho ngalinye laliba nenduna yalo, bese kuba khona izinduna zempi yeNkosi nezikhulu zezwe nabeluleki beNkosi. Izinduna zaziphaka impi sezibonisene neNkosi yesizwe.
UNdunankulu wesizwe sakwaMthethwa embusweni weNkosi uDingiswayo kwabe kunguNgomane kaMqomboli waseMdletsheni. Igama lomuzi wakhe owawakhe laphaya eSangoyana kwakuseZisayini. Zonke izimpi zakwaMthethwa zaziphakwa nguyena.
Ukuthuthuka kwezinga lokulwa ngendlela ayehlasela ngayo kwadaleka ukuhlakazeka kwezizwana ezazakhelene nayo iNkosi yasoYengweni. Ikakhulukazi lezi ezazingafuni ukuthela kuyo iNkosi isiwakhile umbuso wayo waqina, yaqala yahwebelana nabamhlophe laphaya eDelagube (Delagoa Bay).
INkosi uDingiswayo yayithumela izinkomo, amazinyo endlovu nezikhumba ezishukiwe zezinyamazane zekhethelo. Abelungu babeyithumela izipho okubalwa izitsha zokudlela, ubuhlalu, imicamelo, amadlelo kagwayi nokunye. INkosi yayizithatha lezi zipho iziphe abantu bayo. Abantu ababengamaciko babebukisisa izipho ezivela kwabamhlophe bese bezibaza nabo.
Laba ababakha okucishe kufane nezipho ezivela kwabamhlophe iNkosi yayibaklomelisa ngobuchule nangobuciko babo. Uma sesigxila ezibongweni zeNkosi ibinza lithi “UMafa avuke onjengedangabane”. Phela idangabane ukhula. Ukhula luhlakulwa lubuye lumile.
INkosi uDingiswayo ifaniswa nedangabane nxa uyise ethi mabagwazwe ngamabutho inhloso kwakuwukuthi babulawe kodwa wavuka. “Umkhonto usimuka noNdiyane” kwakushiwo ngoba wabaleka nomkhonto enyameni. Injongolo kushiwo into ecijile.
Lapha kubhekiswe emkhontweni owayegwazwe ngawo.
UDonda okukhulunywa ngaye ezibongweni ngenhla kwakungowakwaMbokazi lapho kwakuzalwa khona iNkosi uGodongwana.
Ibinza elithi “USahlula aMakhosi asohlangeni” kushiwo ngoba ngisho aMakhosi amakhulu ayethathwa engaMakhosi oHlanga ngaleso sikhathi, iNkosi uPhakathwayo, iNkosi uMacingwane neNkosi uZwide onke ayeyihlonipha iNkosi uDingiswayo eyithatha njengeNkosi enkulu ngaphezu kwawo nakuba nawo ayengaMakhosi oHlanga ngesingawo.
Igama izindlakudla ngenhla lichaza izinsimba zokuhloba ekhanda.
Akuqondakali noma iNkosi ngesikhathi isekudingisweni yake yafika yini ezweni lamaMpondo, nanso phela imbongi ngenhla ithi: “Betha betha ngomoya wasemaMpondweni”, Ibinza elithi “Inyoni edla ezinye” kushiwo ngoba uma kuhlaselwa iNkosi into yokuqala ayeyithatha kwakuba yizinkomo. Ngakhoke imbongi yayisho ukuthi wayedla ezale nkosi, adle ezale, adle ezale nezinye futhi. IGuqa yiduna noma yinkunzi esencane.
Kusho ngoba iNkosi uDingiswayo yafika emaHlutshini kwaduma kuzo zonke izizwe nezinye ezingomakhelwane aMazizi (Miya) naMaNgwane (Hlongwane) ababakhe ezintabeni zoNdi noKhahlamba ukuthi uBhungane uthukuse iwundlu lasoYengweni. Amawundlu kushiwo izingane zamabhubesi.
Inyoni kayiphumuli kushiwo umbala wezinkomo omhlophe. Lapha imbongi isho inkabi eyahlatshwa uGodongwana efika emaHlutshini.
INkosi uShaka nayo yenza okufanayo iqala ukubusa, ihlasela aMakhosi idla izinkomo zawo. Nembongi yeNkosi uShaka uMshongweni waseZibisini yathatha lelo binza elisezibongweni zeNkosi uDingiswayo yabiza ngazo iNgonyama yakwaDukuza uNodumehlezi kaMenzi.
Umbhali uNyambose wadlula emhlabeni ngowezi-2018