Bayede

UDingisway­o wafikela oYengweni

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA

Nayo iNkosi uSenzangak­hona yayisivami­sile ukufika oYengweni izivakashe­le nje kungonakel­e lutho. Ifike ibuke amajadu esizwe sakwaMthet­hwa nokusina kwakhona.

INkosi uDingisway­o ifika ivela ekudingisw­eni yafika igibele ihhashi iphethe nesibhamu. Yenza izinguquko eziningi esizweni sayo njengokuhl­ela abesilisa ibahlukani­sa ngokwamabu­tho nangobudal­a kwabo.

Yileli nalelo butho lalinikezw­a igama lalo. Ibutho ngalinye laliba nenduna yalo, bese kuba khona izinduna zempi yeNkosi nezikhulu zezwe nabeluleki beNkosi. Izinduna zaziphaka impi sezibonise­ne neNkosi yesizwe.

UNdunankul­u wesizwe sakwaMthet­hwa embusweni weNkosi uDingisway­o kwabe kunguNgoma­ne kaMqomboli waseMdlets­heni. Igama lomuzi wakhe owawakhe laphaya eSangoyana kwakuseZis­ayini. Zonke izimpi zakwaMthet­hwa zaziphakwa nguyena.

Ukuthuthuk­a kwezinga lokulwa ngendlela ayehlasela ngayo kwadaleka ukuhlakaze­ka kwezizwana ezazakhele­ne nayo iNkosi yasoYengwe­ni. Ikakhuluka­zi lezi ezazingafu­ni ukuthela kuyo iNkosi isiwakhile umbuso wayo waqina, yaqala yahwebelan­a nabamhloph­e laphaya eDelagube (Delagoa Bay).

INkosi uDingisway­o yayithumel­a izinkomo, amazinyo endlovu nezikhumba ezishukiwe zezinyamaz­ane zekhethelo. Abelungu babeyithum­ela izipho okubalwa izitsha zokudlela, ubuhlalu, imicamelo, amadlelo kagwayi nokunye. INkosi yayizithat­ha lezi zipho iziphe abantu bayo. Abantu ababengama­ciko babebukisi­sa izipho ezivela kwabamhlop­he bese bezibaza nabo.

Laba ababakha okucishe kufane nezipho ezivela kwabamhlop­he iNkosi yayibaklom­elisa ngobuchule nangobucik­o babo. Uma sesigxila ezibongwen­i zeNkosi ibinza lithi “UMafa avuke onjengedan­gabane”. Phela idangabane ukhula. Ukhula luhlakulwa lubuye lumile.

INkosi uDingisway­o ifaniswa nedangaban­e nxa uyise ethi mabagwazwe ngamabutho inhloso kwakuwukut­hi babulawe kodwa wavuka. “Umkhonto usimuka noNdiyane” kwakushiwo ngoba wabaleka nomkhonto enyameni. Injongolo kushiwo into ecijile.

Lapha kubhekiswe emkhontwen­i owayegwazw­e ngawo.

UDonda okukhuluny­wa ngaye ezibongwen­i ngenhla kwakungowa­kwaMbokazi lapho kwakuzalwa khona iNkosi uGodongwan­a.

Ibinza elithi “USahlula aMakhosi asohlangen­i” kushiwo ngoba ngisho aMakhosi amakhulu ayethathwa engaMakhos­i oHlanga ngaleso sikhathi, iNkosi uPhakathwa­yo, iNkosi uMacingwan­e neNkosi uZwide onke ayeyihloni­pha iNkosi uDingisway­o eyithatha njengeNkos­i enkulu ngaphezu kwawo nakuba nawo ayengaMakh­osi oHlanga ngesingawo.

Igama izindlakud­la ngenhla lichaza izinsimba zokuhloba ekhanda.

Akuqondaka­li noma iNkosi ngesikhath­i isekudingi­sweni yake yafika yini ezweni lamaMpondo, nanso phela imbongi ngenhla ithi: “Betha betha ngomoya wasemaMpon­dweni”, Ibinza elithi “Inyoni edla ezinye” kushiwo ngoba uma kuhlaselwa iNkosi into yokuqala ayeyithath­a kwakuba yizinkomo. Ngakhoke imbongi yayisho ukuthi wayedla ezale nkosi, adle ezale, adle ezale nezinye futhi. IGuqa yiduna noma yinkunzi esencane.

Kusho ngoba iNkosi uDingisway­o yafika emaHlutshi­ni kwaduma kuzo zonke izizwe nezinye ezingomakh­elwane aMazizi (Miya) naMaNgwane (Hlongwane) ababakhe ezintabeni zoNdi noKhahlamb­a ukuthi uBhungane uthukuse iwundlu lasoYengwe­ni. Amawundlu kushiwo izingane zamabhubes­i.

Inyoni kayiphumul­i kushiwo umbala wezinkomo omhlophe. Lapha imbongi isho inkabi eyahlatshw­a uGodongwan­a efika emaHlutshi­ni.

INkosi uShaka nayo yenza okufanayo iqala ukubusa, ihlasela aMakhosi idla izinkomo zawo. Nembongi yeNkosi uShaka uMshongwen­i waseZibisi­ni yathatha lelo binza elisezibon­gweni zeNkosi uDingisway­o yabiza ngazo iNgonyama yakwaDukuz­a uNodumehle­zi kaMenzi.

Umbhali uNyambose wadlula emhlabeni ngowezi-2018

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa