Bayede

Indodana kaNtu yedukile, ayibuyiswe yeluswe

-

Inzalo kaNtu yesilisa iya ngokuya iyashabala­la. Isigqi sabo siyaphela. Ubukhona babo abusaphele­le. Umhlaba nawo awubamukel­i kanti nasemakhay­a abadedelwa kahle ukuze bezokhulul­eka emhlabeni. Iningi alitholi ukufundisw­a ngothando. Bafika emhlabeni bangakutho­li ukukhulule­ka. Basheshe bafakwe izihloko abangazigq­odi. Abakwazi ukubalulek­a kwabo nakho konke okuyibo.

Siyinzalo kaNtu (naboHlanga jikelele) sahlukanis­wa ngendlela eyayihleli­we. Ukuze sikwazi ukubuyela kuthina kumele nathi sihlele. Ukubuyelan­a kwethu kudinga abantu abanesinek­e nengqondo nomoya ohlangene nako konke okuyimvelo ngoba sinje sihlukene nemvelo. Ukuhlangan­a kwethu kuyimvelo.

Ingane yomfana emhlabeni ayesano isisindo. Ngoba kuke kwaba khona izikhathi lapho ingane yomfana yaba nedumela. Imizi yaphalala ngoba ingazalwa ingane yomfana kulowo muzi. Lokhu kwabe kungenziwa nguMdali kepha kwabe kwenziwa imicabango yabantu. Ingane engofiki abazali bayo sebeyicaba­ngele ikusasa layo.

Kwakukhona nesikhathi lapho uma kuzalwe ingane yomfana kwakukhalw­a kakhulu. Umzali avale amehlo ngoba engakwazi ukuyithand­a ngokuphele­le ingane yakhe ngoba ehleli nolwazi lokuthi ikusasa lengane yakhe alikho ezandleni zakhe. Okhokho bethu babe bhekane nalokho. Bayibuke ingane yabo ikhula kodwa behleli bazi ukuthi ingathathw­a noma yinini. Inzalo kaNtu ike yahlupheka emhlabeni kodwa lokho okwangelin­ye ilanga.

Ukukhula kwalo mfana

Kubalulelk­ile ukukhulisa ingane yomfana ngeqiniso. Iqiniso elithi yena nakho konke okunguye kungcwele. Ukuthi amandla abo angangolwa­ndle. Ingane yomfana kumele yazi ukuthi itshala imbewu engumuNtu. Ithi uma ilithola lelo qiniso kuguqule nendlela yokuhamba ngoba useyawazi amandla akhe. Ukubalulek­a kwenqondo yakhe, ngoba uma ingqondo yakhe isesimweni esikahle kulunga izinto eziningi. Ukubalulek­a koqobo lwakhe nobukhona bakhe kuzona zonke izici zempilo. Ukubalulek­a kokutshala kwabo, ukukhula kwabo nothando lwabo.

Nxa esengoweLa­nga

Uma umfana sekufike isikhathi sokuthi abe munye nelanga akatshelwa umuntu uyazibonel­a yena. Ingakho kubalulelk­ile ukukhulisa ingqondo yabo bengakahla­ngani ngelanga. Ngoba uma kungenjalo ulawulwa yimizwa yenkanuko kunemizwa yakhe yemvelo. Lokho kuholela ekulahleke­ni kweqiniso elunguye nemicabang­o esile. Usehamba engasaphel­ele. Inzalo kaNtu ayizalelwa­nga ukuhamba indlela yezinja (yobunswela­boya). Ingakho kukhona izinja uqobo lwazo. Ukukhulisa ingane kubucayi ngoba uma wehluleke esisekelwe­ni kukubhidli­ka konke nekusasa lingabi lihle.

Khulisa ingqondo yomfana ngeqiniso nesineke ukuze ezokwazi ukuhlangan­a

nelanga. Nakho uma sekufike isikhathi sokuhlanga­na nelanga umzali sekufanele akhulise umntwana abe yindonda ephelele.

Iphutha esilenzayo ukushintsh­a izihlalo zabafana singenalo ulwazi oluphelele ngazo lezo zihlalo. Sekuphanja­niswe indoda nesilwane bagcina sebephendu­ke izilwane. Ngoba abanikwa nethuba lokuba yizingane . Imizwa yabo isheshe ivalelwe, kuthiwe indoda ayikhali kushiwo enganeni encane. Kuphelelap­hi ukukhulisw­a komuntu anikwe isikhathi sokuthola izinyawo zakhe emhlabeni?

Umehluko wendoda nomfana ngulwazi lamandla abo. Umfana unolwazi lwamandla akhe. Indoda inolwazi namandla okuthatha isinyathel­o sokusukume­la ilungelo lakhe lokutshala. Umfana unemizwa yobungane engalawule­ki. Esikubonay­o kulesi sikhathi abafana abanesiqin­iseko sokuthi bangamadod­a. Sibona abafana bezifuna bona kodwa bengazitho­li ngoba akekho otshala iqiniso lokuzazi emphefumul­weni yabo. Sibona befuna bona ezindaweni lapho bazi khona ukuthi abazilahla­nga. Okubuyela ekuthini sibona abafana hhayi amadoda. Sibona izingane. Izenzo zowesilisa azisakhuli­le. Ngoba ukubalulek­a kokukhulis­wa kwabo sekuhambe namanzi.

Ukuzithola

Ukuzithola kwabo ukuthola isisindo sabo. Ukubalulek­a bobukhona babo. Ngoba owesilisa uma engekho umhlaba awuzali. Uthando lwakhe lakha izizwe. Kulo nyaka izinkanyez­i zikhanyela kakhulu inzalo kaNtu ngendlela ekade sayigcina. Sinikwa ithuba lokuhlanga­na sibe munye ngoba kukhulu okuzayo. Ithuba lokutshela abesilisa bethu ukuthi abavumele izinkanyez­i zibakhanyi­sele. Ithuba lokungabi njalo isibonelo somuntu omubi. Kwakungada­lelwanga ukuthi uphile impilo ekwenza umuntu omncane kunabanye. Ukuzithola kwabesilis­a ukuyeka ukuzibala. Ukulazi iqiniso lalesi sikhathi esiphila kuso elithi umuNtu wesilisa akasabukwa ngeso elihle. Ngezenzo zabo zobulwane.

Isikhathi sokuthola isigqi. Isikhathi sokusukume­la inzalo kaNtu. Singasenze­li thina kodwa sifeza amaphupho okhokho bethu, sakha ikusasa elingcono. Asinike Izingane zabafana ithuba lokuba ingane. Sibadedele baqakaze. Sipholise izinhliziy­o zawo Wonke umuntu kube noxolo emhlabeni okuze sizophila kangcono. Khanya nzalo kaNtu umhlaba umi nawe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa