Indodana kaNtu yedukile, ayibuyiswe yeluswe
Inzalo kaNtu yesilisa iya ngokuya iyashabalala. Isigqi sabo siyaphela. Ubukhona babo abusaphelele. Umhlaba nawo awubamukeli kanti nasemakhaya abadedelwa kahle ukuze bezokhululeka emhlabeni. Iningi alitholi ukufundiswa ngothando. Bafika emhlabeni bangakutholi ukukhululeka. Basheshe bafakwe izihloko abangazigqodi. Abakwazi ukubaluleka kwabo nakho konke okuyibo.
Siyinzalo kaNtu (naboHlanga jikelele) sahlukaniswa ngendlela eyayihleliwe. Ukuze sikwazi ukubuyela kuthina kumele nathi sihlele. Ukubuyelana kwethu kudinga abantu abanesineke nengqondo nomoya ohlangene nako konke okuyimvelo ngoba sinje sihlukene nemvelo. Ukuhlangana kwethu kuyimvelo.
Ingane yomfana emhlabeni ayesano isisindo. Ngoba kuke kwaba khona izikhathi lapho ingane yomfana yaba nedumela. Imizi yaphalala ngoba ingazalwa ingane yomfana kulowo muzi. Lokhu kwabe kungenziwa nguMdali kepha kwabe kwenziwa imicabango yabantu. Ingane engofiki abazali bayo sebeyicabangele ikusasa layo.
Kwakukhona nesikhathi lapho uma kuzalwe ingane yomfana kwakukhalwa kakhulu. Umzali avale amehlo ngoba engakwazi ukuyithanda ngokuphelele ingane yakhe ngoba ehleli nolwazi lokuthi ikusasa lengane yakhe alikho ezandleni zakhe. Okhokho bethu babe bhekane nalokho. Bayibuke ingane yabo ikhula kodwa behleli bazi ukuthi ingathathwa noma yinini. Inzalo kaNtu ike yahlupheka emhlabeni kodwa lokho okwangelinye ilanga.
Ukukhula kwalo mfana
Kubalulelkile ukukhulisa ingane yomfana ngeqiniso. Iqiniso elithi yena nakho konke okunguye kungcwele. Ukuthi amandla abo angangolwandle. Ingane yomfana kumele yazi ukuthi itshala imbewu engumuNtu. Ithi uma ilithola lelo qiniso kuguqule nendlela yokuhamba ngoba useyawazi amandla akhe. Ukubaluleka kwenqondo yakhe, ngoba uma ingqondo yakhe isesimweni esikahle kulunga izinto eziningi. Ukubaluleka koqobo lwakhe nobukhona bakhe kuzona zonke izici zempilo. Ukubaluleka kokutshala kwabo, ukukhula kwabo nothando lwabo.
Nxa esengoweLanga
Uma umfana sekufike isikhathi sokuthi abe munye nelanga akatshelwa umuntu uyazibonela yena. Ingakho kubalulelkile ukukhulisa ingqondo yabo bengakahlangani ngelanga. Ngoba uma kungenjalo ulawulwa yimizwa yenkanuko kunemizwa yakhe yemvelo. Lokho kuholela ekulahlekeni kweqiniso elunguye nemicabango esile. Usehamba engasaphelele. Inzalo kaNtu ayizalelwanga ukuhamba indlela yezinja (yobunswelaboya). Ingakho kukhona izinja uqobo lwazo. Ukukhulisa ingane kubucayi ngoba uma wehluleke esisekelweni kukubhidlika konke nekusasa lingabi lihle.
Khulisa ingqondo yomfana ngeqiniso nesineke ukuze ezokwazi ukuhlangana
nelanga. Nakho uma sekufike isikhathi sokuhlangana nelanga umzali sekufanele akhulise umntwana abe yindonda ephelele.
Iphutha esilenzayo ukushintsha izihlalo zabafana singenalo ulwazi oluphelele ngazo lezo zihlalo. Sekuphanjaniswe indoda nesilwane bagcina sebephenduke izilwane. Ngoba abanikwa nethuba lokuba yizingane . Imizwa yabo isheshe ivalelwe, kuthiwe indoda ayikhali kushiwo enganeni encane. Kuphelelaphi ukukhuliswa komuntu anikwe isikhathi sokuthola izinyawo zakhe emhlabeni?
Umehluko wendoda nomfana ngulwazi lamandla abo. Umfana unolwazi lwamandla akhe. Indoda inolwazi namandla okuthatha isinyathelo sokusukumela ilungelo lakhe lokutshala. Umfana unemizwa yobungane engalawuleki. Esikubonayo kulesi sikhathi abafana abanesiqiniseko sokuthi bangamadoda. Sibona abafana bezifuna bona kodwa bengazitholi ngoba akekho otshala iqiniso lokuzazi emphefumulweni yabo. Sibona befuna bona ezindaweni lapho bazi khona ukuthi abazilahlanga. Okubuyela ekuthini sibona abafana hhayi amadoda. Sibona izingane. Izenzo zowesilisa azisakhulile. Ngoba ukubaluleka kokukhuliswa kwabo sekuhambe namanzi.
Ukuzithola
Ukuzithola kwabo ukuthola isisindo sabo. Ukubaluleka bobukhona babo. Ngoba owesilisa uma engekho umhlaba awuzali. Uthando lwakhe lakha izizwe. Kulo nyaka izinkanyezi zikhanyela kakhulu inzalo kaNtu ngendlela ekade sayigcina. Sinikwa ithuba lokuhlangana sibe munye ngoba kukhulu okuzayo. Ithuba lokutshela abesilisa bethu ukuthi abavumele izinkanyezi zibakhanyisele. Ithuba lokungabi njalo isibonelo somuntu omubi. Kwakungadalelwanga ukuthi uphile impilo ekwenza umuntu omncane kunabanye. Ukuzithola kwabesilisa ukuyeka ukuzibala. Ukulazi iqiniso lalesi sikhathi esiphila kuso elithi umuNtu wesilisa akasabukwa ngeso elihle. Ngezenzo zabo zobulwane.
Isikhathi sokuthola isigqi. Isikhathi sokusukumela inzalo kaNtu. Singasenzeli thina kodwa sifeza amaphupho okhokho bethu, sakha ikusasa elingcono. Asinike Izingane zabafana ithuba lokuba ingane. Sibadedele baqakaze. Sipholise izinhliziyo zawo Wonke umuntu kube noxolo emhlabeni okuze sizophila kangcono. Khanya nzalo kaNtu umhlaba umi nawe.