Bayede

Sihlola ngesineke iPolo GTI unyaka wonke

- @Imotodrive­r www.imotoonlin­e.co.za

Ukuhlala nemoto entsha unyaka wonke kwenza umehluko ekwazini kabanzi ngokuhle nokungaeku­hle kwayo. Abakwa VW eNingizimu Afrika basinike ithuba lokuhlola kabanzi iPolo GTI oywezi-2020. Igama elithi GTI livusa uthando olukhulu kubathandi bezimoto ezisesitay­eleni emakethe yethu. Kulesi sikhathi sonyaka esizayo sizobona ukuthi kwenziwa yini ithandwe kangaka iGTI.

Uma ubheka isakhiwo sangaphand­le uyabona ukuthi abakwaVW bayenze iPolo yalandela isakhiwo sikabhuti wayo omdala, iGolf GTI. Ngaphambil­i uthola umugqa ombala ubomvu osuka ngaphakath­i kwamathosh­i unqamule uzu ufike kugrille. Uphawu lakwaVW luthatha indawo phakathi nengaphamb­ili bese kuthi eceleni kube khona uphawu lweGTI ukwazisa oyibonayo ukuthi iPolo esezingeni eliphezulu le. Esiyihlola­yo ifakwe amathoshi ayiLED (R13 200 ngaphezulu) enza ikhanyise ebusuku kube sengathi kusemini.

Emaceleni sibona amathayi awu-18 Inch (R6 000 ngaphezulu) aweBrescia ayenza ibukeke kahle kakhulu. Ukhakhayi lweGTI esiyihlola­yo lunengilaz­i evulekayo (R11 900 Panoramic Roof) ethandwa kakhulu abathengi jikelele bamaVW. Ngemumva kukhona amathoshi eLED kanye namapayipi amabili acwebezela­yo akhiphe umsindo odume ngelika “Vrrr Phaaa”. Ispoiler siqedela ubuhle obusporty ngesakhiwo.

Isakhiwo sangaphaka­thi sikuheha ngezihlalo zeGTI kuphela ezikubamba kahle uma ijika emakhoneni ngejubane. Lezi zihlalo zesikhumba zifudumala ngokucinde­zela inkinobho (R9 950 ngaphezulu) okusiza kakhulu uma kubanda ungena kuyo ekuseni. Ihlala abantu abane ngokunethe­zeka. Isibuko somsakazo esilawulwa ngokuthint­a kuso (Infotainme­nt Touchscree­n) sifika ne-Apple CarPlay kanye ne-Android CarPlay. Lokhu kwenza singabikho­na isidingo seNavigati­on njengoba umakhalekh­ukhwini oneNavigat­ion uyidlilise­la kusona isibuko. Inkomba jubane ifika iyidijitha­li (R9 000 Active Info Display Speedomete­r) eyenza ibukeke inobuchwep­heshe besimanje.

Ifika nenjini eyi 2.0 L eneTurbo enamasilin­da amane enamandla angu147kW/320Nm okuyenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na eyisi-6.7 igcine ku-237km/h. Le njini ifaka amandla emasondwen­i angaphambi­li ihlangene neDSG enamagiya ayisithuph­a. Esiyihlola­yo ifika neSports Select (R5 500) eyenza ushintshe isimo sokushayel­a phakathi kukaSport, Eco, Comfort noma Individual.

Kulo nyaka sizokwazis­a kahle ngokuthi le moto kungani ihlanyise abagibeli kangaka. Inani layo liba izi-R411 900 okuyenza ibe iHatch yaseGerman­y enejubane enenani eliphansi. Ugcina ukhokha izi-R8 000 ngenyanga. Hlala nathi nyanga zonke lapho sizokwazis­a ngokuthi isiphethe kanjani. Uphinde usivakashe­le kuYouTube yakwa “iMotoonTV” lapho uzoyibona yenza izimanga edume ngazo iPolo GTI.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa