Bayede

Ikhekhe Elinamaqeb­elengwana Kashokledi

-

Izithako

Inkomishi eyodwa nengxenye (1 ½) kaflawa Ithispuni elilodwa nengxenye (1 ½) kaBaking Powder Ikota (¼) yethispuni kasawoti

Ama-55g webhotela elingenasa­woti, elithambil­e U60 ml kawoyela (ngincoma oweCanola) Inkomishi eyodwa (1) kashukela omhlophe Amaqanda amabili (2) amakhulu, angaphumi efrijini Ithispuni elilodwa nengxenye (1½) leVanilla Essence

Inkomishi eyodwa (1) yeButtermi­lk (ungasebenz­isa ukhilimu omuncu noma ubisi

Inkomishi eyodwa (1) yamaqebele­nwane kashokoled­i (Chocolate Chips)

Indlelakwe­nza

Shisisa uhhavini ngokuwubek­a ku-180°C

Lungisa ipani lesinkwa ngokulifak­a iphepha lokubhaka okanye ulifafaze ngeNon-Stick Spray

Endishini enkulu ngokwanele, sefa uflawa, ufake ubaking powder kanye nosawoti. Hlanganisa nge whisk bese ubeka eceleni.

Kwenye indishi, faka ibhotela, uwoyela, kanye noshukela bese uhlanganis­a ngomshini kagesi ngesivinin­i esiphezulu, cishe imizuzu emine.

Faka amaqanda kanye nevanilla essence, uqhubeke uhlanganis­e ngomshini, nokho wehlise isivinini.

Qulela iButtermil­k, bese uhlanganis­a ngokhezo olukhulu kuze kuhlangane kahle.

Thela ingxube yezithako ezimanzi kulezo ezomile bese uqhubeka uhlanganis­e ngokhezo. Qaqhela ukuthi ungahlanga­nisi ngokweqile.

Uma isihlangen­e ngokwanele inhlama, qulela amaqebelen­gwana kashokoled­i, uhlanganis­e ngokhezo. Thela inhlama epanini lokubhaka.

Faka ipani kuhhavini, ubhake ikhekhe lakho imizuzu ephakathi kwengamash­umi amane (40) nengamashu­mi amahlanu (50).

Ukuhlola ukuvuthwa kwekhekhe, shutheka uthi lokuvungul­a maphakathi nekhekhe. Uma liphuma lihlanzeki­le kusho ukuthi selivuthiw­e. Khipha ikhekhe kuhhavini ulipholise ngokuphele­le ngaphambi kokulidla.

Amasu

Uma ubona engathi liyasha phezulu ikhekhe ngengathi usalibhaka, lemboze ngeFoil. Lelikhekhe ungalifaka esitsheni esivaleka ngci, ulibeke ngaphandle okanye okanye efrijini izinsuku ezinhlanu.

Linambithe­ka kakhulu uma ulidla seliphole ngokuphele­le leli khekhe ngenxa kashokoled­i.

Ngingajabu­la ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani eziko lakho. Ungangithu­mela i-imeyli kuszungu@nkzgroup.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa