Bayede

Yangakha iChiefs sengakha intsha

- NguLinda Ximba

Usezinze e-United States of America (USA) owayedlale­la iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns lapho esebenza ehhovisi ekolishi abuye abe ngumqeqesh­i kanobhutsh­uzwayo.

UMarco Mthembu, owagijima kula maqembu eminyakeni eyeqile kwengamash­umi amabili eyedlule, udwebe isithombe sokuthi unethezeki­le nomndeni wakhe. Babusiswe ngamadodak­azi amathathu.

ETexas College uqashwe njengeHead of Administra­tion abuye aqeqeshe abafana namantomba­zane bakuleli kolishi.

Ugabe ngeziqu zeBachelor of Business Administra­tion azithole eWilliam Carey University.

UMthembu, owayedlala ngenxele esuka emuva eshoshela phambili, uthi ngemuva kokugcina ukudlalela i-Ajax Cape Town ngowezi-2002 waqoqa imithwalo yakhe wafudukela kwelikaDon­ald Trump.

Uthi akubanga lukhuni ukuyoqala impilo entsha kwelinye izwe kwazise wayevele eseqalile ukufunda khona.

“Nginobuzwe obubili empeleni. Unkosikazi wami ungowase-USA. Mina ngidabuka eClermont eThekwini omunye umndeni wami usakhona eNingizimu Afrika kodwa sengizinze kakhulu phesheya kwezilwand­le ngenxa yomsebenzi,” kusho uMthembu othi usindisiwe ngokwenkol­o.

Uthi yize engasekho emehlweni abantu njengoba ayedumile esadlala ibhola kuleli, ukusebenza ekolishi kuyamjabul­isa. “Ngiphokoph­ele ekuguqulen­i impilo yabanye abantu nami ngibe semlandwen­i ngokuthi kukhona engakuphos­ayo esivivanen­i entsheni yethu. Iyangijabu­lisa indlela abafundi abangilale­la ngayo nokuyinto enginika ithemba ukuthi bazoba wutho ngelinye ilanga,” kusho yena.

Echaza ukuthi wasayina kanjani kuChiefs, uthe: “Ngiyohlale ngimbonga njalo uMdali ngokungiph­a leliya thuba. Akwandele bani ukudlalela iqembu elinjengeC­hiefs futhi ungumfana omncane oziqhamuke­la elokishini elingathen­i laseThekwi­ni. Ubaba wami u-Excellent owayedume ngelikaBra Ex nguye owangihlan­ganisela ukuyozama inhlanhla. USihlalo uKaizer Motaung wanginika ithuba lokuziveza. Kwakuqeqes­ha uPhilippe Trouiser ngowe-1994. Kuthe sekufike uMuhsin Ertugral ngowe-1999 naye futhi ngamhlaba umxhwele. Yize ngagcina sengidlale­la iSundowns lapho ngafika ngahola imali ethe xaxa kodwa kuChiefs yilapho engathola khona ukujabula ikakhuluka­zi ngezikhath­i ze-Operation Vat Alles sishaya kwasani okwakusedu­ze kwethu. Isicoco seligi kuphela esasiphuny­uka ekugcineni.”

Uthi impilo kuChiefs ayibanga lula njengoba hleze abanye bengacaban­ga. “Kwakunabad­lali ababefuna uzizwe ungamukele­kile laphaya. Babekukhom­bisa ukuthi awudingeki eqenjini, bekunyokol­oza benze nemigiling­wane ongeke uyikholwe. Okubuhlung­u ukuthi babengabah­lukumezi abelungu kodwa igenge yokufika ezweni yayiphathw­a kabi. Kodwa ngenkani yami nanokwazi ukuthi ngangiyele­ni laphaya, ngafika ngadlala zangithand­a izihlwele nabaqeqesh­i. Eqenjini likaTrousi­er sasinoWeds­on Nyirenda, uJacob Tshisevhe, uLucas Radebe, uMike Maringa, uDick Amukola, uDavid Modise, uDoctor Khumalo, uBotende Eshele, uFrank Makua, uDavid Nyathi, uShakes Kungoane, uTshepo Molatedi noPollen Ndlanya. Sekufike uMuhsin sinqoba ngisho iMandela’s Cup esekuyiCon­federation­s Cup manje sasiphethe omunye ukhilimu wabadlali. KwakunoJab­u Pule, u-Ace Mbuthu, uBrian Baloyi, uNhlanhla Kubheka, uStanton Fredericks, uTenashe Nengomashe, uCyril Nzama, uThabo Mooki no-Arthur Zwane.”

 ?? Isithombe: KickOff ?? UMarco Mthembu esadlala kwiChiefs
Isithombe: KickOff UMarco Mthembu esadlala kwiChiefs

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa