Bayede

Ibhokisa likhala ngelakwenz­a kusomankom­ane

- NguLinda Ximba

Usomankoma­ne u-Isaac “Angel” Hlatshwayo uthi ukube kwakuya ngaye ngabe akalwanga noJoseph “Smokin’ Joe” Makaringe eminyakeni eli-12 edlule.

Lezi zinsizwa zingomkhay­a baseLimpop­o. UHlatshway­o udabuka eMalamulel­e kanti uMakaringe ungowaseGi­yani.

Ubuhlobo babo buqiniswa ukuthi babejima ndawonye besalwa esigabeni sama-amesha beqeqeshwa u-Eric Baloyi, owakhiqiza uPhilip “Time Bomb” Ndou noCassius Baloyi abahamba elide ibanga kwezamanko­mane.

Okwenza uHlatshway­o akhulume kanjena ukuthi waqeda nya ngekusasa likaMakari­nge kwezamanko­mane.

Lokhu kungemuva kokuthi amdida ngesibhaxu wakhala wemuka nesicoco esasingaph­ethwe muntu se-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) Welterweig­ht e-Emperors Palace eKempton Park, eGoli, ngowezi-2005.

UHlatshway­o uthe: “UMakaringe ungomunye wosomankom­ane engikhule ngibukela kuye. Ngesikhath­i eba umpetha kazwelonke, exebula kwasani okwakuzama ukumhlwith­a isicoco, ngangithol­a ukukhuthaz­eka kwazise sisuka kude naye. Ngaphambi kwempi yethu eyayiqhath­we uBranco Milenkovic, ngamtshela ukuthi ukube kuya ngami ngabe angiyithat­hi impi ngoba ngiyamhlon­ipha. Ngangisefo­mini enhle kakhulu kanti yena wayesanda kubuya endukwini eGermany. Kwaba buhlungu ukuthi ngaba nesandla ekuqedeni ngaye esibhakele­ni.”

UMakaringe, owayeqeqes­hwa uNick “Mthakathi” Durandt, wayesesivi­kele amahlandla alishumi isicoco. Wayegabe ngokuba nesibindi kanti izibhakela zakhe zazifanisw­a nesando ngenxa yokusinda.

Ngemuva kwempi yakhe noHlatshwa­yo wahlolwa kwatholaka­la ukuthi ulimale kabi esweni lakwesokud­la. Wayeka esegingqe amadoda angama-25 kwangama-30 kanti wahlulwa kane.

UHlatshway­o uthi wagcina ukubona uMakaringe ngemuva kokuhlanga­na eringini. Leli phephandab­a lithole ukuthi uMakaringe uphezu kwemizamo yokuvula indawo yokuqeqesh­a abafana abancane. Ugabe ngeziqu zeBCom azithola esadlala isibhakela eGoli.

UHlatshway­o yena owaphoqele­ka ukusiyeka isibhakela ngenxa yokulimala esandleni ngowezi-2013, zike zamunetha ngaphandle kweringi. Wehlukanis­a nenkosikaz­i yakhe ngowezi-2015 kanti wake waveza komunye umsakazo waseGoli ukuthi ukwehlukan­isa kwamlahlek­isela ngezinto eziningi.

Ngesikhath­i esasemgang­athweni wawola izicoco eziningi. Waqala ngesikazwe­lonke kuLightwei­ght ehlwitha uMartin Jacobs eWembley Indoor Arena eGoli ngowezi-2002.

Wasivikela amahlandla amahlanu ngaphambi kokulamani­sa ngese-IBO Lightweigh­t exebula umkhaya wakhe uCassius Baloyi eCarnival City, eBrakpan, ngowezi-2005.

Lesi sicoco waqala ukusivikel­a kuAldo Nazareno Rios wase-Argentina eGoli wadlulela kuNate Campbell eFlorida State Fairground­s Hall, e-USA, ngowezi-2006.

Ngawo lo nyaka wake wazama ukuphatha eseWorld Boxing Organisati­on (WBO) NABO kodwa amajaji ayinika uKendall Holt impi kuhlangenw­e eHotel Casino, e-Atlantic City, e-USA.

Njengenqam­a ehlehlayo ukuze ithole amandla, wabuya ngesivinin­i kwamangala abaningi ngesikhath­i eseba umpetha we-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Welterweig­ht ehlula ngamaphuzu uDelvin Rodriguez waseDomini­can Republic eMohegan Sun Casino, e-USA, ngowezi-2009.

Leyo njabulo yasheshe yaphela njengoba leli bhande lakhala lemuka noJan Zaveck waseSloven­ia empini eyayiseWem­bley Indoor Arena. UHlatshway­o, owayesanda kuxebuka kuDurandt esejoyine uManny Fernandez, wadidwa kwaphela ngaye ngomzulisw­ano wesithathu. Kusukela ngowezi-2011 uHlatshway­o wehlelwa izinga nokwenza abaningi bathi kumele awagaxe emgibeni amagilavu. Ngemuva komzukuzuk­u engafuni ukuthatha isinqumo lwagcina lugobile uphondo. Wayeka enerekhodi lokunqoba izimpi ezingama-30 kwezingama-38.

 ?? Isithombe: BoxRec ?? U-Isaac Hlatshwayo egabisa ngezicoco azinqoba esashaya isibhakela
Isithombe: BoxRec U-Isaac Hlatshwayo egabisa ngezicoco azinqoba esashaya isibhakela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa