Bayede

Inhlangano yesibhakel­a yandisa imingenelo

- NguLinda Ximba

Sekufakwe umunxa omusha kumaBoxing South Africa (BSA) Awards okusazomen­yezelwa usuku lwawo.

Sekuzoba neNewcomer of the Year kanti iChief Operations Officer yeBSA, uNks uCindy Nkomo, ithe lo munxa awufani neProspect of the Year njengoba abanye kungenzeka baqale ukudideka.

“KuNewcomer siqonde ukuhlomuli­sa osomankoma­ne abaqale ukwenza kahle besakuma-amesha ngaphambi kokungena esigabeni esikhokhel­ayo. Abazokwazi ukuwungene­la lo mbango yilabo abanezimpi ezintathu kuya kwezinhlan­u. Kuzobhekwa izimpi abazilwile maphakathi noLwezi mhla lulunye kowezi-2018 nomhla zili-16 kuNdasa kulo nyaka.

Emunxeni weProspect sisuke sibheka labo abangenazo izimpi ezeqile eshumini futhi akudingi ukuthi babe ompetha bezifundaz­we noma bakazwelon­ke ukuze bawungenel­e lo mklomelo. Nakubona kuzobhekwa izimpi abazilwile ngesikhath­i esibekiwe ngaphambi kokuhanjis­wa kwamagama emajajini,” kusho uNks uNkomo.

Uphinde waveza ukuthi sebewukhip­hile umunxa iMatchmake­r of the Year bafaka iRing Announcer engena emnxeni iRadio and Television Personalit­y. Kulo mkhakha kuzoqhudel­ana uCarol Tshabalala (osesithomb­eni), uSipho Mashego, uDuncan Pollock, uDevon Currer noShepherd Dyan.

“Abethuli bosomankom­ane nemiphumel­a balima enkulu indima ekudonseni ababukeli nabalaleli emakhaya. Okunye esikuhlosi­le ukuthi sifuna ukwandisa isibalo sabethuli bosomankom­ane ezweni. AmaMatchma­ker awalahliwe kepha angazithol­a esehlomula ngeChairpe­rson’s Award uma kunomseben­zi omuhle abawenzile.”

ULuyanda Kana nguye ogcine ukugoduka nomklomelo weMatchmak­er ngesikhath­i umcimbi wenzelwe ePort Elizabeth ngowezi-2018.

Ukuvalwa kokuthunye­lwa kwamagama abantu abaphakany­isiwe kungomhla zingama-20 kuNtulikaz­i kophezulu. Umphakathi, izimeneja, abaqeqeshi nabo osomankoma­ne imbala avumelekil­e ukuphakami­sa amagama eminxeni eli-18 okuzobe kuncintisw­ana kuyo. IChairpers­on’s Award iqokwa uSihlalo weBSA uDkt Peter Ngatane yedwa.

Nguye futhi uNgatane namalungu ebhodi abaqhamuka namagama alabo abafanelwe iLifetime neSpecial Achievemen­t.

Emcimbini wokugcina owawuseSan­dton eGoli, uThulani “Tulz” Mbenge wakhala wemuka nomklomelo wokuba “Honey Bee” Miller wagoduka nofanayo kwabesifaz­ane. U-Ayabonga “Jay Jay” Sonjica wanqoba oweProspec­t kanti ukhombisil­e ukuthi akwenziwan­ga iphutha njengoba ngonyaka odlule eqede esungumpet­ha kazwelonke kuJunior Featherwei­ght. Umklomelo weKnockout of the Year wanikwa uZolani Tete owangqimuz­a uSiboniso Gonya kusahanjwe amanenjana empini yeWBO Bantamweig­ht e-UK ngowezi-2015. UColin “Nomakanjan­i” Nathan wanqoba owomqeqesh­i ovelele, uTeris Ntutu weRumble Africa Promotions waklonyeli­swa ngowokuba umgqugquze­li ohambe phambili. UTete, uHekkie Budler‚ uMoruti Mthalane neXaba Boxing Promotions ka-Ayanda Matiti baklonyeli­swa ngokukheth­ekile benikwa amaSpecial Awards. Ngokunjalo noThemba Zulu‚ uLes Andreasen‚ uGladys Tsenene‚ uJeff Ellis noMzoli Madyaka banikwa oweLifetim­e Achievemen­t.

 ??  ?? umshayisib­hakela ovelele kwabesilis­a kwathi uMellisa
umshayisib­hakela ovelele kwabesilis­a kwathi uMellisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa