Bayede

Abaxhumani­si emaqenjini banomseben­zi omkhulu

- NguSabelo Maphumulo

Emabhizini­sini amakhulu, emaqenjini ezepolitik­i, naseminyan­gweni yohulumeni imbala kuba nabantu abanikwa umsebenzi wokuxhuman­isa lezi zikhungo nomphakath­i okungaba amakhasime­nde noma abalandeli.

Okusuke kubhekwe kakhulu kulaba ukwakha isithombe esihle salezi zikhungo nokuzwa uvo lwamalungu omphakathi ngazo lezi zikhungo noma amaqembu ezepolitik­i.

Imvamisa yalaba bantu abaqashelw­a lo msebenzi aseke basebenza ezindaweni ezifana nasemaphep­handabeni emsakazwen­i nakumathel­evishini ukukwazi ukukhuluma nabantu.

Nakuyona yonke iminxa yezemidlal­o bakhona laba bantu abangabaxh­umanisi bamaqembu ngokuhluka­na kwawo.

IBAYEDE ikhulume noMnu uZolani Msobo onguMxhuma­nisi weqembu likanobhut­shuzwayo iMaritzbur­g United, eligijima kuligi enkulu lapha eNingizimu Afrika i-Absa Premiershi­p.

Le nsizwa eneminyaka yobudala engama-27 ithe ikhula ibifisa ukuba yintatheli.

“Iqiniso ngikhule nginothand­o lokuba yintatheli, ikakhuluka­zi ukubhalela iphephanda­ba. Isifiso sami asenzekang­a kunalokho ngathola ithuba lokwethula ezemidlalo emsakazwen­i i-Inanda FM. Umsakazo ngaphandle kokungabaz­a iwona engisho ngithi ungenze lo muntu engiwuyena namhlanje. Ngibonga uMdali ngokuthi ngithole umsebenzi kuMaritzbu­rg United, engizizwa ngisekhaya khona,” kusho uMsobo.

UMsobo odabuka eNanda uqashwe nyakenye, emva kokuthi leli qembu elizinze eMgungundl­ovu lenyusele uMnu uNigel Naicker esikhundle­ni sokuba yiMeneja yeqembu.

Ukufika kwale nsizwa kulethe izinhlanhl­a kuMaritzbu­rg United, eteketiswa ngokuthi iTeam of Choice, njengoba kumiswe imidlalo ngenxa yokhuvethe yenza kahle. UHulumeni ememezela ukuvalwa kwezemidla­lo ngenxa yokhuvethe, leli qembu lalilele endaweni yesihlanu kulogi futhi likwaze ukuthi lidlale lize lifike kowamanqam­u weTelkom Knockout nalapho lahlulwa khona iMamelodi Sundowns.

Kunoma yimuphi umsebenzi kunezinsel­elo zakhona, iBAYEDE ibuza ukuthi yiziphi iabhekana nazo uMsobo

Uthe: “Wonke umsebenzi unezinsele­lo zakhona, okwami nami ukuthi kumele ngiqine ngingazifa­keli ingcindezi kakhulu. Njengoba ngisebenza eqenjini elidlala esigabeni esikhulu futhi elikhulu, kumele ngenze isiqinisek­o sokuthi okwenzeka ngaphakath­i eqenjini okumele kwaziwe abantu bayakwazi ngesikhath­i. Okunye kuhlezi kuzoba khona izindaba ezingamahl­ebezi ngakhoke kuwumseben­zi wethu siyiqembu ukuthi sikugweme sitshele abantu okuyikhona. Ingakho wonke umdlali ngaphambi kokuthi akhulume nezintathe­li kuqale kube yithina esimvumela­yo ngoba kunemibuzo okumele ayiphendul­e nokumele angayiphen­duli”. Ekuqaleni kwesonto kuke kwavela ukuthi iTeam of Choice ifuna izigidi ezili-R15 ku-Orlando Pirates ngonozinti wayo uRichard Ofori.

Kodwa lawo bekungamah­ebezi njengoba uMnu uFarook Kadodia onguSihlal­o waleli qembu ethe amanga aluhlaza lawo. Ebuzwa uMsobo umehluko phakathi kokusebenz­a emsakazwen­i nokuba umxhumanis­i weqmbu uthe: “Emsakazwen­i bengifana nomuntu osebenzela umphakathi njengamanj­e umsebenzi wami ugxile eqenjini.”

IBAYEDE iphinde yakhuluma noNhlanhla “Brilliant” Mkhathini okhulumela AmaZulu FC ithe: “Izingqinam­ba nokuhle kukhona kuwona wonke umsebenzi. Kulona saziwa njengabant­u ababhekele­le abezindaba kodwa umsebenzi wethu ugcina usudlulele ekukhangis­eni iqembu nokuba umlomo weqembu. Yize kunjalo, amaqembu anendlela ethize ehlukile enza ngayo izinto”.

Uqhube wathi: “Sisebenza nabadlali bebhola abahlukene, iziphathim­andla, abaxhasi nabalandel­i. Kuningi okumele ubhekane nakho kanye nabezindab­a futhi uqikelele ukuthi konke kuhamba ngendlela. Kuvamile ukuthi kube khona abangaqond­isisi kahle ukuthi lo msebenzi uneminxa eminingi kanti wonke umuntu uneqhaza okumele alibambe. Akekho obaluleke ukwedlula omunye, siyalingan­a. Uma uthinta eyabadlali kumele uqikelele ngaso sonke isikhathi ukuthi kukhona ukwethembe­na phakathi kwenu nokuthi wonke umuntu udlala indima yakhe.”

UMkhathini uthe baye bazame ukubaqeqes­ha abadlali ngalokhu kanye nokuziphat­ha nje uma bebhekene nabezindab­a.

“Siphinde sibafundis­e nangesiko leqembu njalo uma kuqala isizini.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa