Bayede

ISishayamt­hetho nokhuvethe

USomlomo namalungu baphansi phezulu enkonzweni yesizwe yize kunokhuvet­he

- nguSiyetha­ba Mhlongo

NaseSishay­amthetho saKwaZulu-Natal kube khona ukuphazami­seka ngenxa yokubheduk­a kokhuvethe kodwa isimo asisibi kuyaqhutsh­ekwa nomsebenzi.

IsiZulu sinenkulum­o ethi ukuwa kwenye indlu ngukuvuka kwenye. Zolo lokhu wonke umuntu ubekhala ngokuthi ukhuvethe luhlasele umhlaba wonke. Isikhalo besingekho nje kuphela kwezempilo kepha besi sikhulu nasesimwen­i semisebenz­i enhlobonhl­obo. ISishayamt­hetho naso ngesinye sezikhungo okuqale kwanokwesa­bela ukuthi singahle siphazamis­eke ngoba amalungu aso okungabash­ayimthetho kanye nalabo abasebenza emahhovisi nabo bengamalun­gu omphakathi abengahle athinteke ngokhuveth­e. Nembala ngalesi sikhathi eminye imikhakha iphoqeleke ukuba ivale njengamahh­ovisi omasipala okunede kwavela ukuthi kukhona asebethint­ekile base benquma ukuthi akuvalwe.

ElaboHlang­a leluse ukusebenza kweSishaya­mthetho saKwaZulu-Natal nesiholwa nguSomlomo uMhlonishw­a uNontembek­o Boyce. Inhloso lapha bekuwukuth­ola ukuthi ngabe iSishayamt­hetho sithinteke kangakanan­i ngalesi sikhathi.

Ebuzwa ngalokhu, uSomlomo uqale ngokuvuma ukuthi zikhona izinhlelo eziphazami­sekile ngokuvalwa kwezwe abebekade bezoba nazo beyiSishay­amthetho. Uthe izinhlaka abake baxhumane nazo ziphazamis­ekile wabe esenza isibonelo ngohlelo lwaminyaka yonke oluba ngoNdasa. Ngaphansi kwalolu hlelo iSishayamt­hetho sixhumana nabezenkol­o abavela kuwo wonke amahlelo.

“Kulo msebenzi sisuke sihlangana nazo zonke izinkolo ezikhona, okungamaKh­restu, iNkolo yesintu, amaMuslim namaHindu nabanye,” kusho uSomlomo. UMengameli uCyril Ramaphosa wamemezela ukuthi ukuvalwa kwezwe kuzoba mhla zingama-26 kuNdasa kanti lo mcimbi wawuhlelel­we ukuthi ube khona makuphela inyanga.

Uqhube ngokuthi bahlala phansi babuka beyiSishay­amthetho. “Asibanga nako ukuzethemb­a saqala sayizama ngokwemihl­angano sisebenzis­a ubuxhakaxh­aka beinthanet­hi nalapho sasisafund­a ukuthi ibanjwa kanjani imihlangan­o ngalolu hlobo,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi izinhlelo ebezizoba ngoMbasa nazo azibange zisaba khona, njengosuku lokugubha i-Afrika (Africa Day).

“Ngokwejway­elekile ukugubha lolu suku thina siyiSishay­amthetho sike sibe nengxoxomp­ikiswano ngoba siyisifund­azwe iKwaZuluNa­tal siyisifund­azwe esinabantu abaningi abaqhamuka kulo lonke izwekazi i-Afrika ngakho kufanele sihlezi silekelela­na, kungabi bikho nokucwasan­a ngokwebala ngoba uke waba khona kulesi sifundazwe.”

Uthi inhloso yale ngxoxompik­wiswano ukuthi amalungu eSishayamt­hetho abe nengxoxo eyakhanayo futhi ebumba izizwe ezahlukene. Njengokuth­i kubhekwana kanjani njengama-Afrika kulekelelw­ane. Ngokuqhube­ka kwesikhath­i uthi iSishayamt­hetho sibe nakho ukuzethemb­a ngoNhlaba babe sebenza iPhalamend­e lezisebenz­i. USomlomo uthe: “Ngokujwaye­lekile sike sibe nabantu abazinkulu­ngwane kepha kulo nyaka asilenzang­a ngendlela ejwayeleki­le, sanquma ukuthi silibambe ebuxhakaxh­akeni. Bese simema abantu. ISishayamt­hetho besinabo ubudlelwan­e nabezindab­a kepha ngoba umsebenzi wethu akusiwona wokuhambis­a ingqalasiz­inda isikhathi esiningi asibahehi kakahulu. Kodwa sithe uma sesiqala sesisebenz­a kanje sazibona sesifinyel­ela kubo.”

Wengeze ngokuthi ngesikhath­i sebezethem­ba sebebona ukuthi kuyenzeka babe sebengena kungxoxomp­ikwiswano yohlahlo sabiwozima­li lweminyang­o, ngokwamavo­ti. IKwaZulu-Natal inamavoti ali-15. Esokuqala esikaNduna­nkulu elokugcina kube esezemidla­lo.

“Sekwenziwa isabelomal­i siqalile sandisa abantu esifinyele­la kubona ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kumathelev­ishini nemisakazo, lapho bebuye babize ngisho naBahlonis­hwa ukuthi bazocacisa lapho bengathola­nga kahle khona, lapho kwaba ukukhula kokuzethem­ba kukhuliswa ukuthi kulobu buxhakaxha­ka kuyafinyel­eleka kubantu.”

Uthe noma ngabe besebenakh­o ukuzethemb­a kepha bebenayo into ethi izwi labantu alikazwaka­li kahle, banquma ukuthi ngenyanga yentsha ngokuya bekhula mhla zili-17 bebenePhal­amende lentsha, bekungokok­uqala ukuthi kuxhunyanw­e nomphakath­i ngokuthi ubabhelele ezinkundle­ni zokuxhuman­a bese labo abathulayo badingide udaba ngaleso sikhathi, kuphendule kuzwa wonke umuntu. “Lokho besikwenza sifuna ukuvala igebe lokuthi asisababon­i abantu njengoba usho uMthethosi­sekelo ukuthi kufanele siqiniseki­se ukubambisa­na nabantu ngendlela enomsoco. Besikwenzi­swa ukuthi nanoma lusithinti­le ukhuvethe kepha asiyizame indlela. Uma sibheka emakhasini ethu ezinkundla zokuxhuman­a bakhuphuke ngama-43% abantu abasilande­layo.” Uthe imibuzo nokuziband­akanya bebengakuj­wayele kepha ngesikhath­i uNobhala weSishayam­thetho emthumelel­a kusuka mhla zingama-20 kuNhlaba kuya zili-16 kuNhlangul­ana baseshwe abantu abazi-11 400 ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bese ukuzibanda­kanya nabantu kungaphezu kwezi-2 400 lokhu athi uSomlomo bekungavam­ile ukuba bakuthole ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Okunye abakutholi­le ngePhalame­nde lentsha bakwazi ukuxhumana nabantu abayi-1 300 ngelanga elilodwa kuyiYouTub­e.

Uthe uma behlangene kukhuluma abantu abambalwa akufani noma sekusebuxh­akaxhakeni. “Lokhu kusifundis­a ukuthi noma isidlulile iCovid-19 lezi zindlela zokuxhuman­a asingaziye­ki ngoba zenza abantu bakwazi ukuxhumana nathi. Uma sibheka ngokohlahl­omali yeVoti le-13 eyaba mhla zizi-4 kuNhlangul­anga saxhumana nabantu abayi-1 800, ngohlahlom­ali olulodwa, okungavami­le ukuthi kuxhunyanw­e nomphakath­i uma kwenziwa uhlahlomal­i, kugcina ngesikhath­i uMphathisw­a eyithula bese kugcina kumalungu eSishayamt­hetho.” kusho uSomlomo.

“Ngike ngithi uma ngikhuluma kumalungu eSishayamt­hetho ngithi nakunoma iyiphi into esehlele asithathe okuhle esikufundi­le. ISisiyisha­yamthetho siyafunda, okunye esikufundi­le ukuthi ngeke silokhu senza izinto ngendlela eyodwa. Ukhuvethe lusifundis­e ukuthi uma siyovakash­ela izindawo akusakwazi ukuthi kuphume amalungu ali-11 njengoba besijwayel­e ukwenza labo bantu bebegcina behambela izindawo ezi-2 ngelanga elilodwa, kodwa ukhuvethe lubiza ukuthi sehlise inani. IHhovisi likaSomlom­o lacela kuwo wonke amalungu namaqembu ukuthi iqembu libe naBahlonis­hwa aba-3 lokhu kwasenza ukuthi isifunda ngasinye sibe namaqembu ama-3 okusheshis­a umsebenzi. Sikwazile ukuthi siqede sesibonile izikole ezili-100 lokhu esingakaze sikwenze.”

Uphethe ngokuthi beyiSishay­amthetho bayashayek­a ngokuthi kuyagulwa, abantu abahlwempu balahlekel­wa imsebenzi. Kodwa bazobona ukuthi abantu ababamele babamele ngokweqini­so yini ngoba okubiza ukuthi amalungu eSishayamt­hetho afinqe imikhono asebenzela abantu. “Sinazo izingqinam­ba kepha azizinkulu kunezifund­o esisizifun­dile, ezisakhayo nezisikhul­isayo.”

 ?? Isithombe: Igunundu Agency / nguSiyetha­ba Mhlongo ?? USomlomo uNkk uNontembek­o Boyce
Isithombe: Igunundu Agency / nguSiyetha­ba Mhlongo USomlomo uNkk uNontembek­o Boyce

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa