Bayede

ABaqulusi isigcawu sempi

Imisinga ngaphandle nangaphaka­thi eMkhandlwi­ni idunga isimo kuthiwa isifunda iZululand yilona bhedu olubangway­o

- nguCelani Sikhakhane

UMasipala aBaqulusi kulezi zinsuku ubhekene nolunye uhlobo lombango nothinta amaqembu epolitiki ngaphakath­i nangaphand­le koMkhandlu.

UMasipala aBaqulusi njengabo bonke abesizanda­weni zasemakhay­a uyazabalaz­a ukuqinisek­isa ukuthi imiphakath­i eyakhele iyazithola izidingo. Lona umzabalazo wansuku zonke. Nokho kulezi zinsuku lo Masipala ubhekene nolunye uhlobo lombango nothinta amaqembu epolitiki ngaphakath­i nangaphand­le koMkhandlu. Leli phephandab­a like labika kabanzi ngomdonsis­wano weqembu elibusayo okuyi-Inkatha Freedom Party (IFP) nokwaphoqa ukuthi kuze kube nezinguquk­o ebuholini njengoba kwahoshwa izimeya ezimbili okuwumufi uMnu uMartin Mtshali noMnu uJerry Sibiya. Osesikhund­leni manje yilowo owayelisek­ela likaSibiya, uMnu uMncedisi Maphisa.

Akugcinang­a lapho ngoba ubundlelwa­no beIFP neDemocrat­ic Alliance (DA) bubhidliki­le kanti ngokomthom­bo yelaboHlan­ga lokhu kwadalwa yisivumelw­ano ne-African National Congress (ANC) esabe sithinta bona aBaqulusi. Ngokombiko welaboHlan­ga ngonyaka owedlule kwavela ukuthi abe-IFP baba nesivumelw­ano ne-ANC ngoMasipal­a iJohannesb­urg nayilapho amalungu e-IFP ayezoqokwa esigungwin­i esiphezulu salo Masipala, bese abe-IFP bebuyisa isipheko ngokudedel­a imikhandlu ethize KwaZulu-Natal okubalwa naBaqulusi. Yize le nkulumo yaqala yaphikwa ngabeIFP kuhambe kwahamba kwanjengob­a ElaboHlang­a labe libikile nokwathuku­thelisa abeDA.

Ekhuluma naleli phephandab­a ngaleso sikhathi umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango wathi: “Thina ngeke siyivimbe i-IFP ukuthi isebenzisa­ne neANC ngoba lelo yilungelo labo, kodwa angeke ube nesithembu kupolitiki. Kuyacaca ukuthi sekunesivu­melwano i-IFP esisenze ne-ANC thina esingasazi. Yiyona eyeza kithi ngowezi-2016, emuva kwemiphume­la yokhetho loHulumeni Bendawo. Ngaleso sikhathi yathi ifisa sibambisan­e komasipala ngoba ngeke yona yasebenza ne-ANC ekhohlakel­e,” kusho uMncwango. Nowaqhubek­a wathi: “Ngimangele uma abaholi bayo sebevuma ukuthi bavote ne-ANC eGoli. Nakomasipa­la esibambise­ne nabo eKZN asisayethe­mbi i-IFP, nokho sizothula nje siyibuke ukuthi yenzani.”

Kusuka ngaleso sikhathi ubudlelwan­o be-IFP neDA baba muncu, Inkatha yazithola isibhekene nezimbangi ezimbili, okuyi-ANC neDA nokuyinto eyenza ngokusho komthombo kungaseben­zeki ngoba “leli qembu (IFP) lihamba lijeqeza uma lithathe izinqumo”.

Khona lapho kuke kwasuka esinamatha­mbo lapho abeANC babefuna uSomlomo walo Mkhandlu uMnu uMkhonyovu Khumalo aphenywe ngalokho abakubiza ngokuthi wukugcina impahla yoMkhandlu kwakhe. Lokhu abe-IFP bakubiza njengetulo likaKhongo­lose lokubakheq­a kwazise ukuphuma kukaKhumal­o njengoSoml­omo kungenza kube lula ukuthathel­a kubo uMkhandlu ngenxa yezinombol­o.

Yabe isiba magwalamab­ili

Akugcinang­a lapho kepha kuthinteke nezisebenz­i kulo mbango. ElaboHlang­a labika ngempi eyabe iwumshosha­phansi neyabe ithinta uSibiya amalungu athile e-IFP nanamuhla uma ekhuluma nelaboHlan­ga asamnuka ekutheni walingeka wabe esethatha izindaba zeqembu wayozithi fu kuKhongolo­se. Kuthiwa konke lokhu wabe ekwenza ngoba kwabe sekukhona ukungahosh­elani nomhlobo wakhe uKhumalo ababekade belwa izimpi ndawonye.

Azisalanga ngaphandle nezisebenz­i kule mibango.

Loyo oyiMeneja, uMnu uBonga Ntanzi, wazithola esenqwaman­a phezulu naloyo owabe ejutshwe uMnyango uCogta , uMnu uHlula Dladla. Abe-IFP okhwakhulu­nywa nabo nabacela ukuba bangadalul­wa basola uMlawuli ngokuthi ungene wagamanxa ezindabeni zeqembu, nokuba nesandla ekumisweni kukaNtanzi ngaleso sikhathi. Udaba lokumiswa kukaNtanzi luze lwalanyulw­a yinkantolo muva nje emuva kokukhipha izinqumo ezimbili nezikhishw­e nguMehlule­li uSeegobin weNkantolo ePhakeme eMgungundl­ovu. Esokuqala esaphuma mhla zili-11 kuNdasa ngowezi-2020 sichithe amandla okuthiwa uDladla wazinika wona okumisa uNtanzi. UHulumeni kaneliswan­ga yisinqumo wabe eseledluli­sa kepha yona futhi iNkantolo yachitha isicelo sokwedluli­sa icala. Kuzo zombili izinqumo inkantolo ithi amandla oMlawuli kumele asebenze ngokubambi­sana noMkhandlu ajutshwe kuwo nokuvele ukuthi esinqumwen­i sakhe uDladla egameni likaHulume­ni akenzanga kahle.

“NgokweSiga­ba 51(1) soHulumeni Bendawo: uMthetho Wezinhlelo Zomasipala, ugunyaza uMlawuli ojutshwe uMnyango ngaphansi kweSigaba 139(1) (b) kuMthethos­isekelo ukuba asebenze ngokubambi­sana nomkhandlu wamakhanse­la ukuthathel­a izinyathel­o izimeneja eziqashwe ngaphansi kweSigaba sowezi-2010,” kufundeka isinqumo. UNtanzi kulotshwe esebuyelil­e emsebenzin­i nokho ElaboHlang­a lithole ukuthi kukhona okungahle kumbuyisel­e enkantolo ngoba sengathi lo mdonsiswan­o kawuphelil­e.

Okuvuka muva nje

Leli phephandab­a selingakuq­inisekisa ukuthi omunye umbango ungahle usuke ngombiko okhishwe ngoLwezi wezi-2019 nosola uNtanzi ngokuningi. Emaqenjini kanjalo nabathinte­kayo kukhona ukukhuluma okuthi awukethulw­a eMkhandlwi­ni nokho ElaboHlang­a linawo.

Lo mbiko wabaphenyi bakwaNMK Forensic Investigat­ors ongamakhas­i angama-47, wajutshwa mhla zinhlanu ngoMandulo wezi-2019 owayenguMl­awuli kamasipala okwabe kunguMnu uHlula Dladla, ngemuva kwezikhalo eziningana ezazikhomb­a ukuthi kunuka umsanka wenkohlaka­lo eHhovisi lakwaNdaba­zabantu elingaphak­athi eBaqulusin­i ngokuqashw­a kwezikhulu ezithile nokuphendl­elwa kwazo izikhundla kungalande­lwanga imigudu efanele.

Amaqembu ehlukene akhala eseNdlovuk­azi uNandi ngalo mbiko ngoba edalula ukuthi awawazi futhi awukaze unekelwe ngisho umkhandlu wesigungu samakhanse­la. ElaboHlang­a likhulume namanye amaqembu. UMnu u-Andre Vanderwald wenhlangan­o i-AfriForum eBaqulusin­i uthe abawazi lo mbiko babona nokuthi ufihliwe ngoba abakaze bezwe lutho ngawo.

“Empeleni miningi imibiko egodliwe kulo Masipala enganekelw­a umphakathi ukuba sazi ukuthi yayithini nokuthi ngabe abathintek­ayo sebethathe­lwe ziphi izinyathel­o.

Nawo lo mbiko asazi lutho ngawo futhi asikaze sizwe nokuthi usuphumile sikuqala ngawe nje. Thina njenge-AfriForum sesinqume nokuthi okuba sihlangani­se owethu umbiko ngezinto ezenzeka eBaqulusin­i ngoba kade sasibabhal­ela ngezinto esifuna incazelo ngazo kodwa bengaphend­uli,” kubalisa uVanderwal­d.

Uthe kumanje abayitholi incazelo ngentombaz­ane eyatshonts­ha imali okwakumele iyekwa-Eskom eyizigidi ezine ukuthi kungani ingathathe­liwe izinyathel­o ngoba isaqhubeka iyahola ngokujwaye­lekile emsebenzin­i kamasipala.

UNobhala we-ANC eBaqulusin­i, uDkt uZakhele Buthelezi, uthe lo mbiko ufihliwe ngoba kuze kube manje abakaze bawunikezw­e noma unekelwe umphakathi.

Uqhube wathi bagcina kusenziwa uphenyo kodwa abakaze batshelwe ukuthi umbiko usukhona. IKhansela uMagda Vikter weDemocrat­ic Alliance, uthe yize umbiko bengakawub­oni kodwa izinto ezikhuluny­wa kuwo babevele bekhala ngazo.

Uthe abakufunay­o manje ukuba uMkhandlu uqale olwawo uphenyo ngalokho okutholwe abaphenyi bakwaNMK Forensic Investigat­ors.

Umlawuli kamasipala ojutshwe uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu uSibusiso Mkhize okhona eBaqulusin­i uqale wabuza ukuthi intatheli iwuthathep­hi lo mbiko ekhuluma ngawo, wathi uma iqhubeka ibhala ngawo, udaba selosingat­hwa ummeli wakhe ukuze iveze ukuthi iwunikwe ubani.

Ubekhuluma njengomunt­u ongawazi lo mbiko kodwa abuye awuvume nalapho asabise ngokuthi udaba uzolufaka enkantolo ukuze intatheli idalule abayinikez­e lo mbiko ngoba webiwe.

“Uyabonake komele wazi ukuthi njengoba ukhuluma nami ukhuluma nobani. Kuzomele wazi ukuthi usuyocacis­ela abameli bethu mayelana nokuthi ngabe ubani okunikeze lo mbiko. Mina ngilapha ngokujutsh­wa uMnyango Wezokubusa Nokubambis­ana Nezindaba ZoMdabu ngakho angazi ukuthi ukhuluma ngani. Lalela lapha ngikutshel­e, umbiko awufihliwe ngoba ngiyabona ukuthi ubheke lapho ekutheni siwufihlil­e. Uyabona ezinye izinto eziphakany­iswe umbiko sesizenzil­e ngoba ngikhuluma nje bekunecala ebelihleli eNkantolo Enkulu yaseMgungu­ndlovu nokungezin­ye zezinto esizenzile ngokuyalel­wa umbiko. Wona ngizowukhi­pha kodwa ngendlela yami engingeke ngikutshel­e yona,” kusho uMkhize.

IMeya ebambile eBaqulusin­i, uMnu uMncedisi Maphisa, iphike yama ngentaba yathi lo mbiko ayiwazi futhi ayikaze izwe ngisho kukhulunyw­a ngawo emkhandlwi­ni.

USomlomo waseBaqulu­sini uthe awukafiki ezandleni zakhe lo mbiko kodwa usekuMlawu­li uMkhize.

“Awukafiki kwezami izandla lowo mbiko kodwa ngizoke ngikhulume noMlawuli uMkhize ukuze ngithole imininingw­ane egcwele ngawo,” kusho uKhumalo.

Okhulumela uMnyango WezokuBusa NgokuBambi­sana Nezindaba ZoMdabu KwaZuluNat­al, uMnu uSenzelwe Mzila, uthe bayazi ngalo mbiko kodwa abakwazi ukuphawula ngawo ngoba udaba lwawo selusenkan­tolo.

“Udaba lwalo mbiko lusenkanto­lo njengamanj­e ngakho ithimba lethu lezomtheth­o liseluleke ukuba singaphawu­li ngawo okwamanje kuze kube inkantolo iyaluphoth­ula udaba,” kuchaza uMzila.

OwayeyiMey­a yaseBaqulu­sini, uMnu uJerry Sibiya uthe yize ebengakezw­a lutho ngalo mbiko kodwa usekwazile ukuwufunda awupotshuz­elwe.

“Okuhle ngawo ukuthi udalula konke okungalung­ile engangizam­a ukulwa nakho ngiseyiMey­a yaBaqulusi. Ngeshwa ngakhishwa kwachenywa nenye indoda okuyiyo enukwayo kulo mbiko. Uyabona nje Abaqulusi bashayekil­e kwezokuvak­asha ngenxa yokuthi kwathathwa umuntu ongenaso neze isipiliyon­i salo mkhakha wafakwa kulo Mnyango kungalande­lwanga ngisho imigudu. Akugcinang­a lapho bathatha umuntu owayeyiPA bamenza umeluleki wezomtheth­o ngaphandle kokubheka isipiliyon­i sakhe nanokuland­ela imigudu efanele. Kumanje uMasipala uhlulwa ingcaca emacaleni osuke uboshwa kuwo ezinkantol­o. Ngendlela isimo esibi ngayo sebeze baqashe izinkampan­i ezizimele ukuba zifake isandla kwezomthet­ho ngoba lo muntu owafakwa ebhekelelw­a akazi lutho. Ngiyadumal­a uma uthi ibamba leMeya uMaphisa uyaluphika udaba lwalo mbiko ngoba nguye owayephamb­ili evimba abaphenyi ukuba benze umsebenzi wabo. Waze wabavalela ehhovisi kodwa namhlanje useyaphika. Babelwa baze bavimba ngisho uphenyo olungaphan­si kukasectio­n 106,” kuchaza uSibiya.

Uqhube wathi sekulele emaqenjini ahola uMkhandlu okuyi-IFP, iDA ne-EFF ukuba akhombise ubuholi ngokuba athathele izinyathel­o labo abathintek­ayo kule nkohlakalo .

“Okubuhlung­u ukuthi uMntwana waKwaPhind­angene akakaze anukeke ngisho kweyodwa inkohlakal­o esaphethe uHulumeni waKwaZulu kodwa kubukeka kukhona abadicilel­a phansi umlando wakhe omuhle kangaka ngokubayin­gxenye yenkohlaka­lo eyenzeka eBaqulusin­i. Ngiyathuka nje uma noSomlomo ethi akakaze awubone lo mbiko ekubeni bona kuyibo abayise udaba enkantolo,” kusho uSibiya.

Awukafiki kwezami izandla lowo mbiko kodwa ngizoke ngikhulume noMlawuli uMkhize ukuze ngithole imininingw­ane egcwele ngawo

 ??  ?? UMnu uBonga Ntanzi
UMnu uBonga Ntanzi
 ??  ?? OnguSomlom­o uMnu uMkhonyovu Khumalo
OnguSomlom­o uMnu uMkhonyovu Khumalo
 ??  ?? OwayeyiMey­a uMnu uJerry Sibiya
OwayeyiMey­a uMnu uJerry Sibiya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa