Bayede

Amaciko nokhuvethe

Emuva kweminyaka ekwaNdonga­ziyaduma umlingisi onkaba yakhe iseMandeni usezodlala emdlalweni ovutshelwa kweleNdlov­ukazi uMthaniya

- nguLinda Ximba

Akhathazek­ile amanye amaciko ngendlela asezithola esenandisa ngayo ngenxa yemithetho yokhuvethe evimbela ukuhlangan­yela kwabantu ndawonye.

EZETHELEVI­SHINI

Isigubu sakhe ngesomuntu ozothile, ocabangayo ngaphambi kokuthi akhulume noma enze okuthile. Khona lapho uvela njengomunt­u olungisela abanye kepha okwakhe kungahlang­ani. Lo nguMuzi Mthabela odume kwabaningi njengoDuma emdlalweni oluchungec­hunge kuthelevis­hini Isibaya. Ngesikhath­i izigidi zabantu zimbona kulo mdlalo wayeyinkab­i evikela umndeni wakwaNdlov­u nokuhambe kwahamba wagcina eseyiBamba­bukhosi. Nokho ngokwesivu­melwano nabenkampa­ni ekhiqiza iSibaya, iphelile indima yakhe kulo mdlalo. Njengoba esekhonjwa kolunye uchungechu­nge Imbewu -The Seed.

ElaboHlang­a likhuluma nomphathi weBomb Production­s ekhiqiza Isibaya u-Angus Gibson ongawuvali umlomo ngoMthabel­a nathe uyindoda kanjalo nomlingisi onesigqi. Ekhumbula ukuqala kwakhe ukusebenza njengomlin­gisi uGibson uthe: “Ngiqale ukusebenza naye kuZone 14 engumqondi­si. Kube sekuvela indawo encane ngabe sengimgqug­quzela ukuthi ake ayizame. Okwalandel­a lapho sekuwumlan­do. Ungumlingi­si onesigqi nongadlala noma yiyiphi indawo futhi ongaba ngumlingis­i oqavile,” kusho uGibson.

Omunye ophawule ngale nsizwa kube nguJacob Ntshangase ongomunye wababhali be-Isibaya nothe uMthabela indoda ongayethem­ba. “Kule minyaka ngisebenza naye angikaze ngizithole sengihlala emhlanganw­eni okhuluma ngaye njengomlin­gisi noma ngaye siqu lapho kunoku khononda. Yinsizwa enesizotha esimangali­sayo nexhumana kahle nawo wonke umuntu. Sengibe naye amasizini ayisishaga­lombili, okuyiminya­ka engaphezu kweyisikho­mbisa,” kusho uMasiphula.

Khona lapho uMgazi utuse uMthabela ngokuthand­a nokumela ulimi. “Kumnandi ukusebenza nomuntu oluhloniph­ayo ulimi njengaye ngoba kwenza isithombe esidwetshw­a ngabakhiqi­zi kube lula ukuba sakheke nakuba bukeli,” kusho yena.

Ngesikhath­i efika emaHhovisi eBAYEDE umzukulu kaSgidigud­luka sibone amathanga ejongosi, usho ngezwi elikhulu ukuthi ufike ekhaya: “Phela ngingumfun­di weBAYEDE futhi engikuthan­da kakhulu wukunotha kolimi okubhalwa ngalo nokuyizifu­ndiso kithi kanye nasezingan­eni zethu. Okunye ngike ngasebenza nabashicil­eli balo siqopha uMkhosi WoMhlanga eNyokeni eminyakeni eyedlule.”

Kulabo asebelande­le umsebenzi wale nsizwa imilomo iyavunana ekutheni ilinono. Ontangayak­he kubhalwa amachilo ngabo nsukuzaphu­ma kepha awuzwa ngoMthabel­a. Ekhuluma nelaboHlan­ga uMthabela uthe ukubuya kweleNdlov­ukazi ngeke kugcine nje ngokumethu­la emdlalweni nakubantu abasha kepha kungahle kufeze iphupho lakhe leminyaka lokuhlelem­bela amakhono entsha hhayi kuphela ekulingise­ni kepha nasekukhiq­izeni.

“Kuningi engikufund­ile kule minyaka ngisebenza eGoli selokhu ngaya khona ngowe-1999. Njengoba ngibuya ngiqukethe umtapo wolwazi omningi okumele ngiwudluli­sele entsheni yangakithi. Ngokubambi­sana nabazoliqo­ndisisa iphupho lami ngihlela ukuhambela ngisho ezindaweni zasemakhay­a lapho amathuba amaningi engavamisi­le ukuvela. Kuyawuphul­a umoya wami ukubona intsha yakithi iphambuka endleleni. Ngikholwa ukuthi njengoba abanye abantu bebukela kubantu abanjengam­i, ukhona umehluko esingawenz­a emphakathi­ni,” kusho uMthabela.

Uma kukhulunyw­a ngomdlalo omusha aya kuwo yize ecelile ukuthi akunikwe abaqondisi bawo ithuba lokulandis­a umphakathi ngokuzokwe­nzeka, ugcizelele ukuthi ulapha nje akazothath­a ndawo

yamuntu noma ukuzovusa umlingisi thizeni.

“Akukho muntu engizothat­ha indawo yakhe. Lona wumklamo omusha nengithoko­za kakhulu ukuthi ngingena esibayeni esinabantu abaningi abanamakho­no nabahlonis­hwayo kule ndima yethu,” kusho uMthabela.

Njengomqon­disi, umlingisi kanye neVoice Over Artist, kuningi asekwenzil­e kusuka kumavidiyo neziqephu emidlalwen­i enhlobonhl­obo. Phakathi kweminye yemikhiqiz­o uMthabela usebenze kuyo iBone of My Bones, iZola 7, iZone 14, iJacob’s Cross, Usindiso, iCity Ses’la, iSkwizas, iGaz’lam, iTempy Pushas, iRolling with Zola, iRolling with Kelly neMina Nawe.

Ikhono lakhe limenze waqokelwa kumaSouth African Film and Television Award (SAFTA) emunxeni weBest Achievemen­t in Post Production & Editing TV Soap / Telenovela” ngowezi-2017.

Imidlalo aseke walingisa kuyo iJacob’s Cross, iDream World, iThe Road, iSokhulu & Partners, i-Ashes to Ashes, iSaints and Sinners, iLoxion Lyric, iTempy Pushas , iHarvest, iThug Huis kanye noMuvhango.

Yize kungakaqin­isekiswa kepha kuyanda ukukhuluma okuthi le nsizwa izongena ithi khaxa emdlalweni ozayo ongempilo yeLembe nokhiqizwa yiBomb nokuyinto uMthabela athe kungakuhle ingabanjwa ngezimpond­o.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa