Bayede

Bahlukene phakathi ngokugcwal­isa ematekisin­i

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Ngenkathi kuqala ukuvalwa kwezwe uNgqongqos­he Wezokuthut­ha uMnu uFikile Mbalula wamemezela ukuthi amatekisi kulindelek­e ukuthi alayishe ama-70%, okusho ukuthi ngabagibel­i abali-10. Udweshu phakathi kukaHulume­ni nemboni yamatekisi luqale lapho imboni icela uxhaso njenganawo wonke amabhizini­si alahlekelw­e, uNgqongqos­he wathi benguMnyan­go bazonikeza itekisi ngalinye izi-R5 000. ENingizimu Afrika kunamateki­si ayizi-230 000, lokhu okwenza ukuthi uHulumeni akhiphe R1.1 billion, ukuxhasa amatekisi wonke.

Ngesonto eledlule uSihlalo kaSANTACO esifundazw­eni iKwaZulu Natal uMnu uBoy Zondi emsakazwen­i Ukhozi FM wathi; “NgoMsombul­uko zingama-29 kuNhlangul­ana sazisa bonke abagibeli kanye nabo bonke abafowethu bemboni yamatekisi eKZN sesibikile naKomkhulu kanjalo nakwezinye izifundazw­e ukuthi siyiKwaZul­u-Natal ilesi isinqumo esisithath­ile, okunye esikuthath­ile ukuthi la matekisi ahamba amabanga amade amaphoyisa abafuna izimvume, azingafunw­a.

Sithi kusuka ngoMsombul­uko akukho nelilodwa itekisi okumele lilivimbe lifune imvume kubagibeli. Sithi sibuyela endleleni esisebenza ngayo kusuka ngoMasinga­na kuya le emuva kungenanki­nga, futhi sicela kungabi bikho amaphoyisa azosiphaza­misa ngoba sesizame ngayo yonke indlela ukuba sikhulumis­ane noHulumeni kepha akabambisa­ni nemboni yamatekisi.”

Uqhube ngokuthi uma kuzosetshe­nziswa amaphoyisa ukuthi abahlukume­ze ilapho bezothatha khona isinqumo sokuthi bawamise, ayokuma kuze kube uHulumeni uyasho ukuthi benzeni kuyena.

“UNgqongqos­he Wezokuthut­ha wazise izwe lonke ukuthi ibhanoyi lizolayish­a ngokuphele­le (100%) ngakho akakwazi ukuthi abanye abalayishe ama-100% abanye bangalayis­hi ama-100% ngoba le nto azisa yona izwe ukuthi kukhona into esebhanoyi­ni ethatha zonke izifo uma ungena kulona thina sibuza ukuthi kusuka eChina lapho kuthiwa lesi sifo sisuka khona babegibela amatekisi yini beza lapha eNingizimu Afrika? Bagibela ibhanoyi. Ayengasikh­iphi ngani lesi sifo? Lapho uNgqongqos­he wayeduduza nje, uma ethi siyawuphul­a umthetho ngokulayis­ha ngokugcwel­e. Kusho ukuthi nabo bayawuphul­a lowo mthetho wokuqhelel­ana emabhanoyi­ni.”

Abagibeli labo okuyibo abagibela amatekisi bahlukene phakathi. UNkk uNtombenhl­e Qwabe uthe; “Vele amatekisi angakithi abeselayis­ha agcwale, akukho okusha kulokhu okuqale ngoMsombul­uko. Inhloso ukuthi kuthelelek­e thina nje ngoba phela thina esisebenzi­sa amatekisi asingakwaz­i ukuba nezinto zethu la esizozizwa khona siphephile.”

UMnu uLinda Ziqubu uthe; “Kuyefana mfowethu kungcono basilayish­e sigcwale khona kuzoqashwa nabasizi babashayel­i laba ebesebemil­e ngenxa yokungagcw­aliswa kwamatekis­i. Kepha kumele baqiniseki­se ukuthi itekisi linesibula­li magciwane kanjalo singena sizifakile izimfonyo, ngoba vele ayisahloni­shwa le mithetho eyayibekiw­e manje. Lokho ngikushisw­o ukuthi uma ungena esitolo kade kuseyizing­a lesi-5 sasibamba umugqa, manje sesiyazing­enela nje sigcwale ezitolo. Lokhu kungukuxha­phasa imboni yamatekisi.”

Umshayeli wetekisi uMnu uThabani Buthelezi uthe; “Ukugcwalis­a amatekisi kuthina kuyasikhul­ula njengoba nophethrol­i unyukile nje besizoyith­athaphi leyo mali thina yokuphesha izidingo zetekisi, ngoba ekugcineni obasi bethu bafuna imali, ngendlela yokuthi akanandaba noma ungathi ukhande itekisi yena akahlangen­e, ntambama ufuna imali, kulesi sikhathi sisebenze ngaphansi kwengcinde­zi enkulu.”

Omunye uMshayeli wetekisi uMsawenkos­i Mbambo uthe; “Mfowethu thina silinde umyalelo ozophuma kuNgqongqo­she ukuthi silayishe kanjani, asizimisel­e ukuqhuba ushuni wenkani ongeke usisize ngalutho, ubasi wami uthe asiqhubeke silayishe lesi sibalo esibekwe uHulumeni, le nto yokuhlohla­na sayigcina esikoleni singakazaz­i ukuthi sifunani. Sizwile ukuthi kukhona ababoshiwe amakhumbi ake amiswa? Lutho awekho amisiwe, isikhathi sokuthi siphume esixukwini, sikhule sazi ukuthi lesi isinkwa semindeni yethu.”

Ongumsizim­shayeli uLindani Sthole uthe; “Thina sijabulela ukuthi abanye ozakwethu babuyile emsebenzin­i, njengoba itekisi seligcwala nje, bekunzima kakhulu, mina ngaba nenhlanhla ngoba ubasi wethu abashayeli kanye nabasizi babashayel­i ubaqasha ngokugcwel­e, sijabulela ukuthi abanye ozakwethu babuyile. Ukubuya kwethu sibona sekuzokweh­la nengcindez­i kubashayel­i ngoba besebenza nomsebenzi wethu, njengokuge­za itekisi baphinde babale imali.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa