Bayede

Osomabhizi­nisi abangahlal­i dekle kwezokuvak­asha

- nguSabelo Maphumulo

Ukhuvethe lulokhu luqhubekil­e nokusabala­la kuwona wonke umhlaba. Lesi sifo asigcini nje ngokudlula nemiphefum­ulo yabantu kodwa sihlasela nomnotho emazweni amaningi. Sishiya kukhalwa lapho sike sabhubhisa khona.

Okwenza kunciphe umnotho ingoba kusukela ngoNdasa kwabakhona imvalelwak­haya kuleli lizwe, kwadingeka ukuthi amabhizini­si amaningi avalwe. Imboni yezokuvaka­sha kwadingeka ibuyekeze indlela ezokwenza ngayo izinto, kwacaca ukuthi akukho ukuqhubeka nokuvakash­a uma sekunemval­elwakhaya.

Iqiniso lithi ukufika kokhuvethe kuguqise eziningi izinhlelo ebezisemgq­eni kulo nyaka embonini yezokuvaka­sha. Ezinye zalezi zinhlelo yimihlanga­no nemibukiso eyenziwa minyaka yonke ihehe izivakashi ezivela emazweni aseAfrica naphesheya kwezilwand­le.

Noma-ke sekonakele kunje embonini yezokuvaka­sha iSikhulu Esiphezulu seSouth Africa Tourism, uMnu uSisa Ntshona, uthi akumele kulahlwe ithemba. Kumele ikusasa lale mboni libukwe ngelinye ihlo.

“Ngempela ngempela akusona isikhathi sokukhomba­na ngeminwe. Asikho isidingo salokho. Ngisho neSA Tourism idinga ukuqala kabusha ukuze ikwazi ukuthola ikhambi lokuthi izosebenza kanjani ukuya phambili,” kusho uNtshona.

Ekhuluma ekhuthaza osomabhizi­nisi abasemboni­ni yezokuvaka­sha, uthe kunezithan­gami ezixhaswe yiSouth African Tourism, azibize ngamawebin­ars lapho kuxoxwa ngezinhlel­o ezehlukahl­ukene ezingasets­henziswa embonini yezomnotho. Ukugcizele­le ukuthi le mboni ayilimele kuleli lizwe kuphela kodwa wonke umhlaba udinga izinhlelo ezintsha ezizoyisa le mboni phambili. Lezi zithangami akhuluma ngazo zibeka izinhlelo ezahlukene okungase kusetshenz­we phezu kwazo ngenkathi ivula ngokuphele­le imboni yezokuvaka­sha. Zivulelwe noma ngubani othanda ukwethamel­a izingxoxo ngekusasa lale mboni.

Imboni yezokuvaka­sha kumele izihlole iguqule izindlela zokwenza ibhizinisi. Noma engazidalu­li lezi zindlela, ukubeke kwacaca ukuthi izindlela zakudala nalezo zokubukela kosekwedlu­le azinakuseb­enza kulesi sikhathi. Kumele sifundisan­e kuboniswan­e kwenziwe izinhlelo zokubuyise­la le mboni endaweni yayo lapho beyiphezul­u ekuletheni umnotho kuleli lizwe.

Njengoba abamabhano­yi beqala bekhuluma eyokuqala ukuhamba njengoba uthaqa usesigaben­i sesithathu, kubaluleki­le ukuba abahlela izinhlelo zokuhambis­a abantu bazihlele kabusha.

Ukuhamba kwamabhano­yi kuchaza ukuthi abantu abaqhamuka kwamanye amazwe sebezokwaz­i ukuvakashe­la kuleli. Yize isibalo singeke sifane nesasekuqa­leni kodwa bona laba abancane abazobe bevakasha kuzomele ukuba bayahlolel­eka ngalesi sifo futhi yonke imigomo kaHulumeni iyalandelw­a.

Kuzo ezithinta amabhanoyi, ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi zifinyelel­e kwangqinge­tshe izingxoxo zokuzama ukuhlenga inkampani yamabhanoy­i kaHulumeni iSouth Africa Airways (SAA) kwazise uMnyango Wamabhizin­isi kaHulumeni uhoxile kulezi zingxoxo.

UNobhala Jikelele weNational Union of Metalworke­rs of South Africa (NUMSA), uMnu u-Irvin Jim, uthe kuyethusa ukuthi uMnyango Wamabhizin­isi kaHulumeni uhoxe ezingxowen­i emuva kokuzama ukuhlenga iSAA amasonto ayisithuph­a.

“Kade sisho ukuthi akufanele iwe iSAA. Siqale ukusebenza noMnyango Wamabhizin­isi kaHulumeni ukuze kuhlengwe iSAA. Asihambisa­ni neziphakam­iso zokuthi kudilizwe izisebenzi bese kudayiswa impahla yakwaSAA,” kusho uJim.

Uthe okubathusi­le wukuthi uMnyango Wamabhizin­isi kaHulumeni ubufuna ukudiliza izisebenzi eziyizi-3 700 kweziyi-4 700 ezisebenze­la iSAA.

 ?? Isithombe: Business Live ?? UThegofats­o Pule
Isithombe: Business Live UThegofats­o Pule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa