Bayede

Inhlangano egqugquzel­a ubu-Afrika entsheni ilwa nodlame

- NGUDKT UNOMCEBO MTHEMBU

Imizamo yenhlangan­o i-Indoni SA yokufundis­a intsha yaseNingiz­imu Afrika ngesiko lase-Afrika nokuziphat­ha isiqala ukuthela izithelo njengoba i-Indoni SA Youth iqale izinhlelo zokulwa nokuziphat­ha okungahamb­isana nobuAfrika emuva kokufakwa kwemfundis­o yokukwazi ukumela ekholelwa kukho.

Emveni kokwanda kwezigamek­o zokuhlukun­yezwa nokubulawa kwabesifaz­ane nezingane ngesikhath­i semvalelwa­khaya kuleli, izingcingo bezingena zilakanyan­a emahhovisi amanxusa e-Indoni kuzona zonke izindawo akuzona abantu befuna ukuthi kusukunywe kuliwe nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane.

UMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, uthole uhlu lwezikhalo luvela emanxuseni ethu kanti i-Indoni SA yasho ukuthi lolu wudaba olubalulek­ile. Ngenxa yesimo esibhekene naso sokhuvethe nemithetho yemvalelwa­khaya, sibe sesisabela ekhwelweni lamanxusa e-Indoni SA ngakho-ke sekuhlelwe umbhikisho kazwelonke ozobanjelw­a kuzona zonke izindawo namadolobh­a okukhona amanxusa e-Indoni SA. Lo mbhikisho uzokwenziw­a ngosuku olulodwa nangesikha­thi esisodwa.

Bonke abahamba phambili ezindaweni zabo bazohola lo mbhikisho futhi babambe iqhaza ngendlela yabo kodwa bebhekwe yihhovisi elikhulu le-Indoni nebhodi layo.

I-Indoni SA igxile ekufundise­ni intsha yaseNingiz­imu Afrika ngamasiko ahlukene. Kusukela ngowezi-2012, njalo ngonyaka ngamaholid­i asebusika ngoNhlangu­lana i-Indoni SA iba neNational Culture Schools lapho kufundiswa ngesiko lama-Afrika ngenhloso yokulwa nezigulo zomphakath­i ikakhuluka­zi ezihlasele intsha.

Kufundiswa kakhulu ngomuntu, umuzi nezinto ezakha ikhaya nezinhlaka eziliphath­ayo. Ngaphansi kwalesi sihloko kugcizelel­wa izigaba ezibalulek­ile zokukhula komuntu.

Intsha engabafana nengamanto­mbazana ifundiswa ngokubhekw­e ukuthi ikwenze ngokweziga­ba zayo zokukhula.

Emuva kokugqugqu­zelwa ekufundile ngenhlonip­ho nobuntu, ngowezi-2018 intsha yesilisa inqume ukusayina isibopheze­lo sokuliwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane.

Kusukela lapha-ke i-Indoni SA yasungula isahluko esisha sokukhulum­a nokumela lokho umuntu akholelwa kukho nobushosho­zela okuyikho okwagqugqu­zela intsha engaphansi kwe-Indoni SA ikakhuluka­zi abafana ukuphumela obala ilwe nodlame lobulili eNingizimu Afrika.

Mhla zingama-26 kuNhlangul­ana wezi-2020, i-Indoni SA iqale imikhankas­o yayo elwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane futhi yagqugquze­la abantu abasha ukuba babuyise emphakathi­ni indlela enhle yobu-Afrika yokuziphat­ha.

Ngalolu suku i-Indoni SA yahlela umbhikisho onokuthula kazwelonke kodwa ngenxa yemithetho yemvalelwa­khaya ephoqa ukuthi kube nesibalo esithile sabantu abahlangan­yela ndawonye, umnyakazo wethu awuzange ube nabantu abaningi.

I-Indoni SA isizibophe­zele ukulwela ukuqedwa kodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane isebenzisa izinhlelo ezifana neGBV Awareness Fridays, izinkundla zentsha zokucobele­lana ngolwazi, ukweseka intsha engabagilw­a balolu dlame nokuyelule­ka ngaphansi kohlelo lwethu esibambise­ne nalo neMediluti­on.

Umkhankaso i-Indoni SA GBV wuhlelo lwesikhath­i eside lwabafana namantomba­zana abangaphan­si kwale nhlangano abavumelan­a ngalo kusukela emhlanganw­eni (Lekgotla) owawungowe­zi-2020.

Siyi-Indoni SA sinxusa ukwesekwa yizona zonke izikhungo zabezindab­a neziphathi­mandla.

UDkt uNomcebo Mthembu nguMsungul­i we-Indoni SA

 ?? Isithombe: Indoni SA ?? Intsha engamalung­u e-Indoni SA
Isithombe: Indoni SA Intsha engamalung­u e-Indoni SA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa