Bayede

Abemicimbi yokunandis­a bazihlela ngenye indlela manje

- NguLinda Ximba

Awaneme wonke amaciko ngohlelo olusha lokunandis­a lwe-inthanethi oludalwe ukubhebhet­heka kokhuvethe.

Selokhu safika lesi sifo uHulumeni wathatha isinqumo sokuthi izindawo ezifana namatheatr­e azivalwe ngoba kugwenywa ukuhlangan­a kwabantu.

Nokho abanye babona ithuba lokuqhuba ibhizinisi ngokuqhamu­ka nohlelo lokunandis­a bebukwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a nakuYouTub­e.

Emacikweni kufana nemvelo ukunandisa ebukwa abantu ngoba kuba nalokho kuxhumana ngokwemizw­a.

UNks uZikhona Monaheng oyimeneja yabaculi abavamise ukunandisa kumafestiv­eli eJazz neNational Arts Festival (NAF) uvumile ukuthi akuwona wonke amaciko aneme ngesinqumo sokungacul­i bebukwa abalandeli.

“Ihlukene imibono nemizwa ngale ndlela entsha okunandisw­a ngayo muva nje. Amanye amaciko akhala ngokuthi abantu abavamise ukubadlale­la kuzoba sengathi babalahlil­e ngoba abaseyona ingxenye yabo. Olunye uhlangothi lukhala ngokuthi imali eningi evamise ukungenisw­a ebhizinisi­ni angeke ifane nasekuqale­ni,” kusho uZikhona osebuya ngisho ekuhambele­ni amazwe eyocobelel­a ulwazi ngokuhlelw­a kwemicimbi.

UNks uRucera Seethal ongumqondi­si wobuciko uthi bake baba neshashala­zi lapho idingidiwe indaba yokuthi amaciko kumele azifundise ukunandisa ngalolu hlelo lwe-inthanethi. Uthe phakathi kwezinye izinto okwagxilwa kuzo ukuthi amaciko kumele aqikelele ukuthi ababukeli noma abalandeli bazibone beyingxeny­e yomcimbi.

“Leliya shashalazi sasilenzel­e vele isikhathi esisificil­e ngoba kunokwesab­a okukhona kumaciko ukuthi azowudluli­sa kanjani umlayezo ecula engabukwa bukhoma,” kusho uSeethal.

Ngokusho kukaNks uMonica Newtown oyiSikhulu Esiphezulu kwaNationa­l

Arts Festival konke kusahamba kahle. “Amalungise­lelo okwenza ifestiveli yabukhoma aqalwe ngoMasinga­na. Kuthe sekujika izinto kwathi maphakathi noNdasa sahlangani­sa amakhanda saqhamuka neqhingasu lokwenza ifestiveli ngeinthane­thi. Ngasohlang­othi lwebhizini­si, lolu hlelo ludale amanye amathuba emisebenzi embonini yobuciko. Kuyasijabu­lisa ukubona abantu beyithakas­ela futhi beyeseka. Sikhuluma nje lolu hlobo lwefestive­li luhamba phambili e-Afrika nasemhlabe­ni jikelele.

INAF, iqale mhla zingama-25 ngenyanga edlule kanti izosongwa mhla zinhlanu kule nyanga. Ingaphezul­u kwama-250 imicimbi enhlobonhl­obo eyenzekayo kule festiveli ebanjelwa eMakhanda ebiyaziwa ngeGrahams­town, e-Eastern Cape. Abantu bazitika ngemicimbi eqoshiwe, izinkondlo kanti kuba nezinkundl­a zokucobele­lana.

Phakathi kwabaculi ababoshelw­e kunoMadosi­ni, uThandiswa Mazwai, uDumza Maswana, iMi Casa no-Ami Faku.

Nabagqugqu­zeli beStandard Bank Joy of Jazz bamatasa babhunga ukuyihlela ngohlelo lwe-inthanethi. Le nkunzimala­nga yefestivel­i esibe khona iminyaka engamashum­i amabili, nayo ihlehle ngenxa yokugadla kokhuvethe. Yayibekelw­e umhla zingama-24 kuya kumhla zingama-26 kuMandulo eSandton Convention Centre eGoli. Umsunguli wale festiveli uMnu uPeter Tladi weT-Musicman Promotions uthe basacubung­ula izicelo neziphakam­iso zabantu abafuna ihlelwe ngale ndlela yobuchweph­eshe.

Kule minyaka ikhona ibihanjelw­a izinkumbi zabathandi bomculo bezitika ngomculo wamaciko anjengoHug­h Masekela, uJonas Gwangwa, uSiphokazi, uNomfundo Xaluva, uTshepo Mngoma noRingo Madlingozi ukubala abambalwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa