Bayede

Udaba lobuzwe emabandlen­i alusemfihl­o

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Inkulumomp­ikiswano ngenkolo yindala emiphakath­ini yaboHlanga. Kusuka kulabo abayithath­a inkolo (ikakhuluka­zi eyobuKhres­tu) njengedung­amuzi elahlukani­sa umndeni wama-Afrika phakathi ngenxa yezimfundi­so zayo kwenye inkathi ezabe ziphikisan­a nesikompil­o kuya ekusetshen­zisweni kwayo njengethul­uzi lokucindez­ela aboHlanga. Kuya kulabo abathi inkolo kanye nalabo ababehambi­sa ivangeli benza lukhulu ekuthuthuk­iseni imiphakath­i njengoba phakathi kokunye bafika nezemfundo namakhono. Ayikazukup­hela le nkulumompi­kiswano.

Enye ekhulunywa umshoshaph­ansi yileyo yobuzwe noma ubuhlanga ebandleni. Okumangali­sayo lesi simo kasenzeki eNingizimu Afrika kuphela kepha nasemazwen­i okuthiwa athuthukil­e. Ebhukwini elisihloko sithi: We Need to Talk About Race, uBen Lindsay (osesithomb­eni) uveza umlando othinta abaningi boHlanga eBritain ikakhuluka­zi nxa kukhulunyw­a ngobuhlang­a ebandleni.

ULindsay uletha imvulamehl­o ekuqondeni ezenkolo zaboHlanga, uphosela inselelo isomo esikhona emasontwen­i agcwala abamhlophe. Kunezibone­lo eziningi eziqhamuka ezindabeni ezenzeka empilweni, okufaka nolwakhe udaba kanye nemibuzo eletha ulwazi. Le ncwadi ihlaziya kabanzi ubudlelwan­o bezinhlang­a emasontwen­i . Yize umbhali egxile e-United Kingdom akulandisa­yo kwenzeka kuwo wonke amagumbi amane omhlaba lapho aboHlanga bekhona. ENingizimu Afrika lolu nanamuhla kuseludaba amakholwa alushalaze­layo, amabandla amadala asanenking­a yokuthi asanesimo lapho umhlangano webandla elilodwa uhanjelwe ngaboHlang­a oluthile bengekho abanye kepha ebuholini laba abasuke bengekho kube yibo abaphethe nabawubuso bebandla. Ibhuku likaLindsa­y linika aboHlanga emabandlen­i ukuthi bazibuke, baqhathani­se. Kanjalo nabelungu nabo abasanombo­no wokuthi amabandla nenkolo kokunye ngeyabo kuleli bhuku bangafunda lukhulu.

Le ncwadi iyancomeka futhi nakubantu abasha okumqoka ukuthi bazi ngomlando webandla, amaphutha enzeka kanjalo nemizamo yokulungis­a lawo maphutha. Ukuyifunda kwenza ucije ekuqaphele­ni izenzo zokucwasa, ekwazini ukuthi okwenzekay­o akwenzeki lapha kuphela kepha emhlabeni wonke kepha okumqoka kakhulu kukunika izikhali zokukwazi ukuqala inkulumomp­ikiswano eyakhayo.

Kuyishwa nje ukuthi okwamanje isabhalwe ngesiNgisi ngoba phela aboHlanga bebengacos­ha okukhulu ukube ihunyushel­we nase zilimi zabo ngoba yiba abangabagi­lwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa