Udaba lobuzwe emabandleni alusemfihlo
Inkulumompikiswano ngenkolo yindala emiphakathini yaboHlanga. Kusuka kulabo abayithatha inkolo (ikakhulukazi eyobuKhrestu) njengedungamuzi elahlukanisa umndeni wama-Afrika phakathi ngenxa yezimfundiso zayo kwenye inkathi ezabe ziphikisana nesikompilo kuya ekusetshenzisweni kwayo njengethuluzi lokucindezela aboHlanga. Kuya kulabo abathi inkolo kanye nalabo ababehambisa ivangeli benza lukhulu ekuthuthukiseni imiphakathi njengoba phakathi kokunye bafika nezemfundo namakhono. Ayikazukuphela le nkulumompikiswano.
Enye ekhulunywa umshoshaphansi yileyo yobuzwe noma ubuhlanga ebandleni. Okumangalisayo lesi simo kasenzeki eNingizimu Afrika kuphela kepha nasemazweni okuthiwa athuthukile. Ebhukwini elisihloko sithi: We Need to Talk About Race, uBen Lindsay (osesithombeni) uveza umlando othinta abaningi boHlanga eBritain ikakhulukazi nxa kukhulunywa ngobuhlanga ebandleni.
ULindsay uletha imvulamehlo ekuqondeni ezenkolo zaboHlanga, uphosela inselelo isomo esikhona emasontweni agcwala abamhlophe. Kunezibonelo eziningi eziqhamuka ezindabeni ezenzeka empilweni, okufaka nolwakhe udaba kanye nemibuzo eletha ulwazi. Le ncwadi ihlaziya kabanzi ubudlelwano bezinhlanga emasontweni . Yize umbhali egxile e-United Kingdom akulandisayo kwenzeka kuwo wonke amagumbi amane omhlaba lapho aboHlanga bekhona. ENingizimu Afrika lolu nanamuhla kuseludaba amakholwa alushalazelayo, amabandla amadala asanenkinga yokuthi asanesimo lapho umhlangano webandla elilodwa uhanjelwe ngaboHlanga oluthile bengekho abanye kepha ebuholini laba abasuke bengekho kube yibo abaphethe nabawubuso bebandla. Ibhuku likaLindsay linika aboHlanga emabandleni ukuthi bazibuke, baqhathanise. Kanjalo nabelungu nabo abasanombono wokuthi amabandla nenkolo kokunye ngeyabo kuleli bhuku bangafunda lukhulu.
Le ncwadi iyancomeka futhi nakubantu abasha okumqoka ukuthi bazi ngomlando webandla, amaphutha enzeka kanjalo nemizamo yokulungisa lawo maphutha. Ukuyifunda kwenza ucije ekuqapheleni izenzo zokucwasa, ekwazini ukuthi okwenzekayo akwenzeki lapha kuphela kepha emhlabeni wonke kepha okumqoka kakhulu kukunika izikhali zokukwazi ukuqala inkulumompikiswano eyakhayo.
Kuyishwa nje ukuthi okwamanje isabhalwe ngesiNgisi ngoba phela aboHlanga bebengacosha okukhulu ukube ihunyushelwe nase zilimi zabo ngoba yiba abangabagilwa.