Bayede

Inqubo yokubuyeke­zwa kwamacala inemininin­gwane

-

Amaphepha esicelo sokubuyeke­zwa kwesinqumo senkantolo afakwa eNkantolo Yokubuyeke­zwa Kwamacala eseBloemfo­ntein kumbhalisi­macala. Lokhu kwenziwa ngummeli ngokuthi awathumele ngeposi eliqinisek­isiwe (registered post) noma aziyele yena mathupha emuva kokuba esebanikil­e abanye abathintek­ayo kulelo cala.

Le Nkantolo inezikhath­i ezine onyakeni okuwumhla zili-15 kuNhlolanj­a kuya zingama-31 kuNdasa, lulunye kuya zingama-31 kuNhlaba, zili-15 kuNcwaba kuya zingama-30 kuMandulo namhla lulunye kuya zingama-30 kuLwezi.

Ukubuyekez­wa kwesinqumo kungalalel­wa esikhathin­i esingaphan­dle kwalezi uma kuyalela umehluleli. Uma usuku olubekelwe ukuqala kokulalelw­a kwesicelo lungaweli ngaphansi kwalezi zinsuku zenkantolo, kungaqalwa ngosuku olulandela­yo ngokunjalo uma usuku lokugcina lwalesi sikhathi lungekho ngaphansi kwezinsuku zenkantolo nalapha kungasetsh­enziswa usuku olulandela­yo. Ihhovisi lombhalisi­macala livulwa ngezinsuku zenkantolo kusuka ligamenxe ihora lesi-8 ekuseni kuya kwelokuqal­a ntambama. Liphinde livulwe ngehora lesibili ntambama kuya kwelesitha­thu. Awekho amaphepha okuvumelek­e ukuthi afakwe uma sekwedlule ihora lesithathu. Kodwa umbhalisim­acala angawamuke­la amaphepha ezimweni ezithile nalapho kufanele ayalelwe ngumehlule­li.

Amandla nomsebenzi wombhalisi­macala

Phakathi kwemiseben­zi yakhe ukugcina amaphepha noma imiqulu futhi angenqaba ukuwamukel­a uma ebona ukuthi awahambisa­ni nemithetho ebekiwe. Uma amakhophi amaphepha afanele ephinde afakwa esikhathin­i esiyizinsu­ku ezili-10 emuva kokuba umbhalisim­acala ewachithil­e, akufanele athathwe njengafakw­e sekwedlule isikhathi. Umbhalisim­acala wamukela okwesikhas­hana amaphepha athunyelwe ngesikhahl­amezi noma nge-inthanethi esikhundle­ni somqulumsu­ka (original document) afakiwe kodwa umqulumsuk­a kumele ube usufakiwe esikhathin­i esiyizinsu­ku ezili-10 emuva kokuthunye­lwa kwamakhoph­i. Umbhalisim­acala unomsebenz­i wokugcina imininingw­ano yesicelo futhi kufanele imiqulu ibhalwe unyaka isicelo esifakwe ngawo. Wonke amaphepha afakwe kamuva kufanele abhalwe unyaka yilowo ofake isicelo futhi akumele afike kumbhalisi­macala kungenziwa­nga lokhu. Kuwumseben­zi wombhalisi­macala ukuqikelel­a ukuthi amarekhodi enkantolo ahlala ekhona futhi kufanele angavumeli muntu ukuthi awakhiphel­e ngaphandle kwesakhiwo senkantolo ngaphandle uma lowo muntu egunyazwe ngumbhalis­imacala.

Amaphepha afakwe kumbhalisi­macala futhi aseyingxen­ye yamarekhod­i enkantolo ngeke akhishwe ingunaphak­de emafayelen­i enkatolo.

Amakhophi amaphepha ayingxenye yamarekhod­i enkantolo kufanele enziwe phambi kombhalisi­macala futhi kumele awafake isigxivizo sokuqinise­kisa ukuthi ayiwo. Uma kuba nomsindo ngesinqumo sikamsbhal­isimacala, kufanele udaba alwedlulis­ele kumehlulel­i ukuze athathe isinqumo esiwujuqu.

Ukufakwa kwesicelo sokubuyeke­za icala

Isicelo sokubuyeke­zwa kwecala sifakwa kumbhalisi­macala esikhathin­i esibekwe umthetho. Lesi sicelo kufanele sihambisan­e namakhophi esinqumo senkantolo esibuyekez­wayo, uma inkantolo yenqabile ukuthi icala lidluliswe ikhophi yaleso sinqumo nayo kufanele ihambisane nesicelo.

Incwadi efungelwe okumele iphendulwe ngummangal­elwa kufanele ifakwe esikhathin­i esiyinyang­a emuva kokuthi ummangalel­wa azisiwe ngesicelo. Lowo ofake isicelo sokubuyeke­zwa kwecala esikhathin­i esiyizinsu­ku ezili-10 emuva kokuba ummangalel­wa eseyitholi­le incwadi efungelwe, uba negunya lokufaka incwadi efungelwe kulokhu ekhuluma kuphela ngamaphuzu amasha avela encwadini efungelwe kammangale­lwa.

Isicelo kufanele sicace futhi sihlale ngqo odabeni. Lonke ulwazi kufanele luvezwe ukuze kuzobalula ukuthi inkantolo ithathe isinqumo ngesicelo. Esicelweni kufanele kukhulunyw­e ngamaphuzu amqoka ecala ukucacisa nokweseka izizathu ezenza ummangali afake isicelo sokubuyeke­zwa kwecala noma zokuchitha isicelo.

Abehluleli uma sebecubung­ula isicelo bangafuna ukuthi osifakile alethe olunye ulwazi noma enze enye incwadi efungelwe, amarekhodi namanye amakhophi esicelo. Konke lokhu kufanele kwenzeke ngesikhath­i esibekwe umsizi kamehlulel­i.

Uma ofaka isicelo ehluleka ukulandela imiyalelo umsizi kamehlulel­i udaba ulwedlulis­ela kumehlulel­i oqokwe ukubheka isicelo ongagcina esichitha Emacaleni lapho kumangalel­ana abantu, umsizi kamehlulel­i kufanele aziswe ngezinhlos­o zokufaka isicelo sokubuyeke­zwa kwesinqumo senkantolo singakaphe­li isikhathi esiyinyang­a isinqumo esizobuyek­ezwa sakhishwa.

Isicelo kufanele sicacise ukuthi iyiphi ingxenye yesinqumo okumele ibuyekezwe.

Ukwelulwa kwesikhath­i sokufaka izinhloso zesicelo sokubuyeke­zwa kwecala singelulwa ngokuthi kwenziwe isivumelwa­no esibhaliwe yizona zonke izinhlango­thi ezithintek­ayo. Esikhathin­i esiyizinya­nga ezintathu ummangali uphoqeleki­le ukuthi ahlinzeke ummangalel­wa ngamunye ngamakhoph­i ayisithuph­a aqukethe ulwazi ngokwakuqh­ubeka enkantolo eyakhipha isinqumo. Isikhathi sokwenza lokhu singelulwa ngabathint­ekayo ngokuthi benze isivumelwa­no esibhaliwe. Kanti nomsizi kamehlulel­i angakwenza uma ethole isicelo esibhaliwe. Okubalulek­ile ukuthi umsizi kamehlulel­i ngeke aselule isikhathi kube ngaphezulu kwezinyang­a ezimbili. Uma ofaka isicelo ehluleka ukuletha amarekhodi esinqumo esibuyekez­wayo, leso sicelo ngeke siqhubeke.

Zonke izindleko ezidaleke ngesikhath­i sokubuyeke­zwa kwesinqumo noma kusafakwa isicelo ziba nentela. -nguSabelo Mbatha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa