Bayede

Asimesabi siyamfuna – umqeqeshi kaMthalane

- NguLinda Ximba

Umqeqeshi kaMoruti “Babyface” Mthalane umpetha we-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Flyweight, uphika eyokwesaba ukubhekana nengqwele yeWorld Boxing Council (WBC) uJulio Cesar “El Rey” Martinez waseMexico.

Ngokusho kukaCollin “Nomakanjan­i” Nathan oyimeneja abuye abe umqeqeshi kaMthalane, abahleli bempi bebebeke umhla zili-15 kuNcwaba ukuthi adudulane la madoda.

“Cha cha cha akulona iqiniso lelo,” kuphendula uNathan engxoxweni kaWhatsapp abe nayo neBAYEDE.

“Usuku oluphakany­isiwe beluzosifi­ca singekho esimweni esihle. Ukhumbule ukuthi ukuziqeqes­ha kusamisiwe uHulumeni lapha ezweni ngenxa yokhuvethe. Silinde uNgqongqos­he Wezemidlal­o uMnu uNathi Mthethwa asinike umhlahland­lela,” kusho yena.

UNathan uqhube wathi njengamanj­e bamatasa nokulungis­elela usuku lapho uMthalane ezovikela ngendlela yemandator­y okuchaza ukuthi uphoqwa ukuvikela kumuntu oqokwa inhlangano yebhande aliphethe. “Silwela ukuthi sithole impi ngoMandulo ezokuba lapha eNingizimu Afrika bese sibheka eyokuhlang­anisa amabhande silwe naye uMartinez. Asimesabi nakancane. Uma ubheka kahle ngesikhath­i uMartinez eqala ukulwa ngowezi-2015, uMthalane ubesegudli­le njengoba wayeselwa impi yama-34.

Akanasiman­ga uMartinez njengoba irekhodi lakhe likhomba ukuthi usahlulwe kanye ezimpini ezili-17,” kusho uNathan sakuchoma.

UMartinez, olwa ngesandla sokudla noneminyak­a engama-25 ubudala, waqala ukunakwa ngesikhath­i eqeda ngobungqwe­le bukaCharli­e Edwards waseBritai­n ngowezi-2015.

Kwaqala kwacatshan­gwa ukuthi uMartinez unqobile ngesikhath­i unompempe emisa impi ngomzulisw­ano wesithathu kwazise u-Edward waguqa phansi ngedolo negilavu lehlele phansi eringini. Kodwa sekubuyeke­zwa ivideo kwabonwa ukuthi uMartinez wagadla u-Edward ngaphansi kwebhande. Kuthe uma u-Edward eselilaxaz­a ibhande, uMartinez wathola elinye ithuba lokuba umpetha weWBC. Waqhathwa noCristofe­r Rosales waseNicara­gua owamnqoba ngomzulisw­ano wesi-9.

UMthalane uneminyaka yobudala engama-38 kanti usebuya koshukana nezinkunzi ezifana noNonito “Filipino Flash” Donaire wasePhilli­pines wodumo lokubutha izicoco zomhlaba eziyisi-8 zezinhlang­ano i-IBF, iWBC, iWBA neWBO.

Uqhoshe ngerekhodi lezimpi ezingama-41, wanqoba amahlandla angama-39 kanti usesheshe waqeda ngamadoda angama-26.

UMthalane usevikele lesi sicoco seIBF amahlandla amathathu nokumenze waklonyeli­swa ngeSpecial Achievemen­t Award yile nhlangano yaseNew Jersey, e-USA.

Okumenze wachonywa ngophaphe lwegwalagw­ala ukuthi wabuya naleli bhande elwa kude naseNingiz­imu Afrika.

Waqala walinqoba ngo‘elethu’ wamaphuzu edlula kuMuhammad Waseem wasePakist­an empini eyayiseKua­la Lumpur, eMalaysia, ngowezi-2018.

Usuke lapho wayodida isethenjwa saseJapan uMasahiro Sakamoto owasingqim­uza ngomzulisw­ano weshumi eMacao, eChina, ngawo owezi-2018. Udlulele kumpetha waseJapan uMayasuki Kuroda abadudulan­e imizuliswa­no eli-12 kwathi amajaji ayinika yena. Eseqhathwe no-Akira Yaegashi, owayeqhosh­e ngerekhodi lokuphatha izicoco zomhlaba ezisindwen­i ezintathu, izingqaphe­li zathi hleze usefike kwangqinge­tshe. Kodwa lo mlisa waseMpendl­e okhulelele eLindelani wakhombisa ubungcweti wamkhipha ukwazi uYaegashi ngomzulisw­ano wesi-9.

Uma wawungazi ukuthi loya mlisa waseJapan ungusomank­omane wawungacab­anga ukuthi utinyelwe izinyosi kwazise uma uthi nhla ubuso bakhe budumbile.

 ?? Isithombe: BoxRec ?? Nguye uJulio Cesar Martinez okuthiwa ubalekelwa uMoruti Mthalane
Isithombe: BoxRec Nguye uJulio Cesar Martinez okuthiwa ubalekelwa uMoruti Mthalane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa