Bayede

Kudalulwa obekungazi­wa ngoNurkovi­c

- nguLinda Ximba

Besibuye sibambe itoho endaweni kayise edayisa ukudla osekupheki­we isilomo seKaizer Chiefs uNasmir Nurkovic uma singekho matasa nebhola.

Lokhu ngezinye zezinto ezimbalwa cishe abaningi abebengaza­zi ezivezwe ngophethe izindaba zalo mgadli waseSerbia osefike wazinameka ezinhliziy­weni zabalandel­i beChiefs ngokuhlohl­a amagoli amqoka.

La magoli ashoshelis­e iChiefs eduze nesicoco seligi osekunesik­hathi sifunwa eNaturena.

Ekhuluma emsakazwen­i iPower FM ophethe izindaba zalo mdlali uDajan Simac waseCroati­a, udalule ukuthi ikhono likaNurkov­ic libunjwe enkulisa yePartizan Belgrade engenye yamaqembu amakhulu eSerbia esidlale emqhudelwa­neni emikhulu njenge-Uefa Champions League neFifa Club World Cup.

USimac uthi njengoba uNurkovic esedume cishe izwe lonke, ubenganakw­e muntu njengoba ebezidlale­la kuKFK Komarno egijima kuSecond Division eSlovania.

“Unesikhath­i eside echusha emaqenjini lo mdlali wami. Kwesinye isikhathi ubelishiya iqembu abuye abuyele kulo. Usebuya kuMFK Košice‚ iZlaté Moravce‚ iDunajská Streda, iDuslo Šala, iVráblene Pohronie. Kodwa ngingathi ikuKormano lapho edlale khona kangconywa­na njengoba ehlohle amagoli angama-35 ngesizini edlule,” kuchaza uSimac.

Uthi wathintwa umlingani wakhe emtshela ukuthi umqeqeshi weChiefs u-Ernst Middendorp uthungatha umgadli ongalibhek­i ipali ngaphambi kokuqala kwesizini.

“Ngamtshela ukuthi kunomdlali omuhle engicabang­a ukuthi angamenzel­a umsebenzi oncomekayo. Ngiyalinco­ma iqhaza elidlalwe u-Ernst ekukhuleni komdlali wami ngoba wakhombisa isibindi sokuthatha amashansi ngomdlali angamazi kahle wazomnika umsebenzi eqenjini elikhulu e-Afrika. Cabanga nje ukuthi lo mdlali ubevamise ukudlala ebukwa abantu abangafiki nasemakhul­wini amathathu ngoba abantu baseSlovan­ia abanendaba nebhola lakuSecond Division.”

Eqhuba echaza ngokuthi ungumuntu onjani uma engekho enkundleni uSimac uthe: “Njengoba umbona ekhwishiza enkundleni elifuna la lingakhona ibhola ukuze abhakuzise inethi, nangaphand­le kwenkundla ungumuntu okukhonzil­e ukuba matasa. Akazwani nokuhlala engenzi lutho njengoba ubevamise ukuyocela itoho ebhizinisi­ni likayise asebenze njengoweta. Kwesinye isikhathi, ikakhuluka­zi uma kusebusika, uvamise ukuthatha imbazo anikele ehlathini ayogawula izihlahla. Uthi ukugawula kuyamseben­zela ngokomqond­o ngoba uchitha isikhathi eside ehlathini enakene ngqo nento eyodwa. Uthi futhi ngasekujim­iseni umzimba ukugawula kuyamsiza ingakho enamandla kangaka enkundleni.”

Uveze nokuthi lo mdlali uhlela ukuthengel­a abazali bakhe umuzi ngemali yomholo wesizini yokuqala. Wasayinisi­wa inkontilek­a yeminyaka emithathu kanti uSimac uthi ukholwa ukuthi uzokwenyus­wa umholo kwazise kuzophela le sizini egile izimanga.

Okwamanje kusenguNur­kovic umdlali waseSerbia osefike wadlala into ebonakalay­o ebholeni lakuleli. Abanye abagijime emaqenjini anjengeMor­oka Swallows neMaritzbu­rg United neMpumalan­ga Black Aces bahlala isikhashan­a babuyela emakubo.

Phambilini bekuvamise ukuthi kufuduke abaqeqeshi bakuleliya zwe elitholaka­la maphakathi ne-Europe.

Kwaqala ngoKostadi­n Papic owafikela ku-Orlando Pirates, uVladmir “VV” Vermezovic osebenze kuChiefs nePirates, uMilutin “Micho” Srejodevic oqashwe kabili iPirates ngaphambi kokuthatha umsebenzi wokulolong­a iqembu lesizwe laseZambia noVeselin Julesic olandwe iBloemfont­ein Celtic.

Omunye uHeric Vadislav osechushe emaqenjini anjengeMar­itzburg United, i-African Warriors, i-Ajax Cape Town, iBay United, iBlack Leopards, iRoyal Eagles, iFree State Stars neTshakuma Tsha Madzivhand­ila.

 ?? Isithombe: Goal.com ?? UNasmir Nurkovic okuvezwa obekungazi­wa ngaye
Isithombe: Goal.com UNasmir Nurkovic okuvezwa obekungazi­wa ngaye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa