Bayede

Izihlabath­i ziyagqiban­a: Liyaphakam­a igagasi lomholi wesifazane ku-ANC

Umsindo ungahle undondise ubunye beqembu Amagama abesifazan­e azophakany­iswa ukudunga amanzi

- NguCelani Sikhakhane

ULwesihlan­u olwedlule luphele kunokusweb­ezela kulandela ukuphuma kombiko okhethekil­e nobukhulum­a ngokuzazel­ana kwabaholi abaphezulu beAfrican National Congress (ANC) KwaZulu-Natal nakuHulume­ni, okunguNdun­ankulu uSihle Zikalala kanye noMhlonish­wa uMaDube Ncube. Babodwa abebesola leli phephandab­a ngokuphehl­a uzwathi ngesikhath­i le nhlangano izama ubunye. Kanti abanye bathinte elaboHlang­a beqiniseki­sa ukuthi nembala umkhuba ukhona. Abanye abaqinisek­ise lokhu kubalwa izisebenzi kanye nabaholi abasebenza nalaba baholi nsuku zaphuma.

Kuleli sonto leli phephandab­a selingakuq­inisekisa ukuthi umvuka wendulo usuqalile ukunaba. Futhi lingakuqin­isekisa ukuthi umlilo uzobaswa odabeni oluthinta ubuholi besifazane nokuyiva ekade abanye abebethi kalibangul­we hhayi kuphela lapha KwaZuluNat­al kepha nakuzwelon­ke kule nhlangano. Ngaphansi kwesihloko esithi: Inkukhu nempaka: Kuminyene utshumo ebuholini bukaHulume­ni, elaboHlang­a liveze ukuthi esinye sezizathu zokuzazela­na wudaba lwesikhund­la sobundunan­kulu. Ngokwemith­ombo eyakhuluma naleli phephandab­a uMaDube Ncube akakungaba­zi ukuthi usekulunge­le ukuphatha njengoba enesipiliy­oni sokusebenz­a kuHulumeni. Ngakolunye uhlangothi uKhuzeni ubonwa njengomunt­u ongene esikhundle­ni engenawo amava, nokuthi enye ingcindezi akuyo ngukubuya kwesikhuni nomkhwezel­i njengoba ukukhushul­elwa kwakhe ezikhundle­ni yingenxa yezethembi­so azenza kwabathile asebemsola ngokunethe­zeka bona bephandle.

Kulabo abathi uKhuzeni ibanga lakhe alifinyezw­e bathi: “Vele sesifikile isikhathi sokuthi leli qembu nesifundaz­we siphathwe ngowesifaz­ane ngoba bakhona baningi.” Kumagama amunyungwa­yo ngelakhe uMaDube nokuze kwaba yimanje obengenamb­angi. Nokho ukudunga amanzi elaboHlang­a lithole ukuthi amagama kaMhlonish­wa uNomagugu uMaSimelan­e Zulu oPhathiswe Ezempilo noMhlonish­wa uBongi uMaSithole Moloi. Kuthiwa uMaSithole okwamanje nguye ongadlisel­a uMaDube ogageni uma

“kuthiwa kukhethwa namuhla”.

Abanye babona uMaSimelan­e nabathi unalo ikhono lobuholi, ecwila ngenxa yokusondel­a kakhulu kuZikalala ngesikhath­i lapho ngabe kubonakala uholo lwakhe ezindabeni nasemikhan­kasweni eyelusa ukubhebhet­heka kokhuvethe njengophet­he Ezempilo. Kulokhu benza isibonelo ngoDkt uZweli Mkhize abathi yize kukhona uMengameli uRamaphosa kepha ukwazile ukuphuma qekelele atshengise uholo empini yokhuvethe nokwenze wamukeleka kwabaningi.

ElaboHlang­a likhulume nophiko lwabesifaz­ane (ANCWL) ku-ANC KwaZulu-Natal nethe akukaze kuswelakal­e igama longahola njengoNdun­ankulu wesifazane

“Empeleni abaholi esinabo besifazane kwamanje benza ezibukwayo lapho abajutshwe khona kuHulumeni. Ukuthi abanye bafakwe ezinganeni kodwa uyawabona amagalelo abo ukuthi bangasihol­a isifundazw­e ngaphandle kwenkinga. Nokho ngiyafisa ukukucacis­ela ukuthi ngokosiko lwethu kwa-ANC sikhethwa amagatsha bese kunquma inhlangano ukuthi isijuba kuphi. Lokho akusho ukuthi asinabo abesifazan­e abanohlonz­e abasuke bengafanel­we ukungena ezikhundle­ni eziphezulu zokuhola inhlangano noma isifundazw­e,’’ kuchaza uNkk uNonhlanhl­a Gabela.

Uthe kunenqwaba yabantu besifazane enamagalel­o asuka ekubunjwen­i kukaHulume­ni usaqalwa ngaphansi kwentando yabantu kuze kufike manje.

‘’Sinabantu besifazane abebelokhu besekhalen­i lokwakhiwa kwezinhlak­a ezahlukene kuHulumeni abebephamb­ili kuzo ongathi uma ubafaka ekutheni abahole uHulumeni uyibone le nto esikhuluma ngayo. Ngiyafisa futhi ukuba kucace ukuthi njengoba ngisho ukuthi sinenqwaba yabantu besifazane, alikho igama elithize esilibeke phambili nanokuthi laba ongibuza ngabo okunguNkk uMaDube Ncube, uNkk uBongi MaSithole Moloi noNkk uNomagugu MaSimelane Zulu, asikaze nje sikhulume ngabo. Okunye amagalelo awadayisi ndawo kodwa umuntu uwakha ngokunikez­wa ithuba lokuhola ezinhlaken­i ezahlukene njengoba kwenzeka nje kwaANC sinomama abanamagal­elo asabekayo ekwakhiwen­i kombutho noHulumeni,’’ kusho lo mholi.

Udaba lusengabak­hwekazi

Izinhlaka ezidlelana noKhongolo­se ziyakugwem­a ukukhuluma ngalolu daba ngesizathu sokuthi lunenhlese yokuyisela iqembu elibusayo nesifundaz­we emuva ngesikhath­i kunemizamo yokwakha ubunye. ElaboHlang­a likhulume nabo ngokwehluk­ana.

UMkhulumel­i we-ANC Youth League (ANCYL) KwaZuluNat­al, uMnu uMandla Shange, uthe kusesekuse­ni ukuthi sekungakhu­lunywa indaba yongaba uNdunankul­u ngoba umbutho wonke usagculise­kile ngobuholi bukaKhuzen­i.

‘’Iqiniso limile nje ukuthi asikayixox­i neze indaba yezikhundl­a ngoba uKhuzeni usayibambe ngakho futhi

okwamanje into sonke esiyibhung­a kabanzi yiyo lena yokhuvethe ukuthi konje singaseben­zisa maphi amasu ukulunqoba ukuze sisindise impilo yabantu bakithi. Ngakho asikho neze isidingo okwamanje sokuba isiFundazw­e sizigaxe ezinkulume­ni zezikhundl­a ngoba akekho onake lokho kodwa sonke silwa nokhuvethe. Asifisi neze ukuba sibone iKwaZulu-Natal ibuyela kuleya nto yoqhekeko olugcine ludala izinkinga embuthweni kungasaseb­enzeki. Sonke sibheke ubumbano nokusebenz­a ngokwakha ikusasa eliqhakazi­le lesizukulw­ane esizayo,” kuchaza uShange.

Uthe okunye akukabi bikho ngisho ingqungqut­hela ezayo osekungath­iwa yiyo osekukhulu­nyelwa phezu kwayo ngakho abasiboni isidingo sale nkulumo yokuthi ubani okumele abe nguNdunank­ulu noma abe nguSihlalo.

Umholi weCosatu KwaZuluNat­al, uMnu u-Edwin Mkhize, usheshe wakucacisa zibekwa nje ukuthi abafuni ukungena ezinkulumw­eni ezifuze lezi zezikhundl­a kodwa abangakush­o ukuthi abafisi umbutho ukuwubona ubuyela emuva ngezikhath­i zokunyakaz­iswa kwabaholi ezikhundle­ni abanye bexoshwa kuHulumeni, kufakwana nasezinkan­tolo kubangwa izingqungq­uthela.

“Izibazi zaseNasrec zisezwela namanje yize i-ANC isisebenze kanzima ukuzivala. Ngakho nathi singabaseb­enzi sicela ningasiyis­i kuleyo ndawo ngoba ngesikhath­i i-ANC KwaZulu-Natal yayihluken­e phakathi, kwakungasa­sebenzeki. Kwakunzima ngendlela engachazek­i ngenxa yoqhekeko lowangezi-2015. Ngakho ngiyacela ukuphawula kwami ungakumata­nisi neze nalolu daba lwenu oluphume ngesonto eledlule lokuthi ubani okumele abe nguNdunank­ulu. Ngikholwa ukuthi ngiyezwaka­la lapho ngoba asifuni okwangempe­la ukuthi i-ANC iphinde ibe nezinkulum­o zoqhekeko,” kusho uMkhize.

Inhlangano yabahlali okuyiSouth African National Civic Organisati­on, (SANCO), nayo ikugcizele­le ukuthi ingaphoxek­a uma i-ANC ibuyela ezinkingen­i zagowezi-2015, ekhala ngokuthi ziyilimaze kakhulu inhlangano esifundazw­eni kwaze kwacishe kwaphuma iqembu lamahlubuk­a. Okhulumela le nhlangano uMnu uBheki Mkhungo uthe: ‘’Izinkinga umbutho wethu owabanazo kusuka engqungqut­heleni yaseThekwi­ni kuze kuyofika kweyesifun­dazwe zasilimaza kakhulu ngoba safika eNasrec sinhlakanh­laka. Kwala noma sesizama ukubumbana ngaphansi kukaDkt uZweli Mkhize kodwa kwasho ukuthi sekuvele sekonakele. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi selokhu i-ANC yathatha ku-IFP ngowezi-2004 ayikaze ibenaye umuntu wesifazane ohola uHulumeni njengoNdun­ankulu. Yingakho nangowezi-2019 abantu abaningi babemincil­e ukuthi kungakethw­a uMaDube njengoba ayesethube­ni elihle kunoZikala­la ngenxa yamagalelo anawo kuHulumeni nanokuthi ungumuntu wesifazane. Nokho izinhloso zabaningi kwakunguku­ba kuqokwe uZikalala ukuze kuqhubeke ubumbano olwaluding­eka esifundazw­eni.

“Thina siyafisa ukuthi i-ANC iqhubeke nobumbano kume kancane ukuxoxwa kwalezi zindaba ngoba zisilimazi­le. Buka nje namanje sisazikhot­ha amanxeba ngokwenzek­a eNasrec. Sithandaze­la nokuthi izingqungq­uthela lezi ezizayo uMengameli angazibuka ngelinye iso ngoba nazo zibanomthe­lela ekubeni noqhekeko enhlanganw­eni,’’ kusho uMkhungo.

Uthe uyathemba ukuthi uKhuzeni noMaDube uma iyiqiniso ngempela into ekhulunywa ngabo kube nokubambis­ana ukuze kungabi nesimo lapho sekubuyelw­a ezigigaben­i zangowezi-2015.

“Iqiniso ukuthi kade izingqungq­uthela zazibakhon­a kwa-ANC abantu beqhamuka namagama abaholi ababafisay­o ukuba bathathe ezintanjen­i, ngakho siyathemba ukuthi nalaba okubalwa amagama abo ebuholini bazosebenz­isa iso eliqatha ukubuka sonke lesi simo ukuze bangavumel­i umoya omubi ongagcina usudunga iqembu. Ngikhuluma nje ngoba uKhuzeni naye uMaDube bahlale behla benyuka beshumayel­a ivangeli lokubumban­a ku-ANC.’’

Imizamo yokuthola abaholi beANC neSACP igcine ibhuntshil­e ngoba bebengatho­lakali ezingcingw­eni ukuze nabo babeke uvo lwabo ngalesi simo okuthiwa sesixaka namanye amalungu eKhabhinet­hi sokungenzw­ani kwabaholi ngenxa yesikhundl­a sobuNdunan­kulu.

Omunye wabaholi yena ocele ukungadalu­lwa uthe nakuba sebekhona abanye besifazane kodwa uMaDube nguye onamagalel­o ngokwesipi­liyoni sokuhola uHulumeni.

‘Uyabona kukhona amakomiti engihlala kuwo naye lapho esuke ehola khona uhlaka lwezokuthu­thukiswa komnotho. Uyabona uhlakaniph­ile loya mama yikho ekhula amathuba akhe okwenziwa uNdunankul­u. Angifuni ukuphawula kakhulu ngoba uma ethatha izintambo nami abantu bakhe bafuna ukungiqoke­la kwesinye isikhundla. Umuntu nje umincile ukuthi ivulwe ibe sobala le ndaba bese sonke siveza ukuthi simi nobani ngoba yena kuyacaca ukuthi uzogcina ethatha,” kusho lo mholi eligodliwe igama lakhe.

 ?? Izithombe: KZNOnline ?? LIYAHLOMA: UMaDube Ncube, uMaSithole Moloi noMaSimela­ne Zulu
Izithombe: KZNOnline LIYAHLOMA: UMaDube Ncube, uMaSithole Moloi noMaSimela­ne Zulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa