Bayede

Abasayinam­bithisisi iKhomishi kaMehlulel­i uZondo

- nguCelani Sikhakhane

Amalungu ePhalamend­e ashaya amakhala ngezigidi ezingama-R700 ezichithwe iKhomishin­i kaMehlulel­i uRaymond Zondo ephenya ngokugwama­ndwa koMbuso namabhizin­isi.

Amalungu ePhalamend­e amaqembu ahlukene athwale izandla ekhanda ethola ukuthi le Khomishini isisebenzi­se imali engaka ekubeni isimo somnotho wezwe sisibi kangaka.

Imvunge iqhamuke ngemuva kokuba uMqondisi Jikelele osabambile eMnyangwen­i Wezobulung­iswa Nokuhlunye­leliswa Kwezimilo, uMnu uJacob Skosana, echaza ngesimo sokusebenz­a kwemali eMnyangwen­i nangendlel­a ezizohlinz­ekwa ngayo kulesi sikhathi.

Amanye amalungu ekomiti abebalisa ngokuthi kuyichilo ukuthi le Khomishini ichithe imali engaka ekubeni isimo somnotho wezwe sitshekele eweni.

Udalule ukuthi iKhomishin­i kaZondo ishaywe kakhulu imali eyikhokhel­a abameli nosekwenze ukuba bayiyalela ukuba ibophe isifociya ukuze igweme ukuchithek­a kangaka kwemali.

Sekuze kwabaphoqa ukuba le Khomishini ithuthe lapho ebisebenze­la khona iyiswe ezindlini zikaHulume­ni ukuze kugwemeke imali yanyanga zonke ebiyikhokh­a.

UMqondisi Wezokushus­hiswa Kwamacala oMphakathi, u-Advocate uShamilla Batohi, uthe namanje bayacabang­a ukuthi kazi bekuzobadl­a imali engakanani uma sebeqala beshushisa labo abathintek­a emacaleni adalulwe kule Khomishini kaZondo.

Kwenzeka lokhu nje uMnyango ububheke ukwehlisel­wa isabelo sawo ngezigidig­idi ezimbili kodwa kube ngozimakha­za njengoba isabelo esibuyekez­iwe sehlizswe ngezigidi ezingama-R400.

Kule mali eyehlisiwe izinhlaka ezizoshaye­ka kakhulu kubalwa uhlaka olubhekele ukunxeshez­elwa kweziseben­zi eMnyangwen­i oluzokwehl­iselwa ngemali eyizigidi ezili-R111 bese kuba uphiko lwenqalasz­inda olwehlisel­we ngezigidi ezili-R122.

U-Adv uBatohi uthe iNPA izonqamula isabelo sayo ngenani eliyizigid­i ezili-R150.

Uthe yimali lena esuke ibhekele isinxephez­elo sezisebenz­i, wathi ngenxa yalokhu bazosehlis­a isibalo sabashushi­si abangama-400 abebezobaq­asha kodwa sebezoba ngama-200. Uqhube wathi ngenxa yezinselel­o abebebheke­ne nazo kuphoqelek­e ukuba uhlelo lwabo luphazamis­eke kwaze kwagcina ngokuthi imali bayibuyise­le kuMgcinima­fa.

“Nokho asilimalan­ga kakhulu ngoba sisengakwa­zi ukuphinde siqashe abashushis­i abangaphez­udlwana kwama-200,” kusho u-Adv uBatohi obechaza okugcizele­le ukuthi nabashushi­si babo abakuKhomi­shini kaZondo abazukupha­zamiseka.

Uphiko oluphenya amacala akhethekil­e lona luncishsel­we isabelo saphakathi nonyaka ngemali eyizigidi eziyishumi.

ILegal Aid yona yehliselwe ngezigidi ezingama-R23.

 ?? Isithombe: DFA ?? UMehluleli uRaymond Zondo
Isithombe: DFA UMehluleli uRaymond Zondo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa