Bayede

Ingqwayima­ne iqembu lingenzi kahle okhethweni eFrance

- Ngu-Anathi Mtaka

Ngemuva kokuba iqembu elibusayo lingenzi kahle okhethweni lwasekhaya sekuvele izindaba zokuthi uNgqongqos­he Wezangapha­kathi eFrance osanda kuqokwa, uMnu uGerald Darmanin, angase ahlangabez­ane nophenyo olusha mayelana nesigameko sokudlweng­ula asolwa ngaso ngemuva kwesinqumo senkantolo. INkantolo yaseParis Yokudlulis­wa Kwamacala inqume ukuthi noma imuphi umehluleli angakuvula kabusha ukuphenywa kwalesi sigameko sokudlweng­ula asolwa ngaso uDarmanin esenzeka ngowezi-2009. Kuleli sonto inqwaba yezishosho­vu zibuthane ngaphandle kweHhovisi likaNgqong­qoshe zimemeza zithi “UDarmanin ngumdlweng­uli, uHulumeni uyahambisa­na naye”. Kodwa lezi zishoshovu zasuswa ngamaphoyi­sa. UNgqongqos­he usolwa nguNks uSophie Patterson ngokumdlwe­ngula nangokumhl­ukumeza ngokocansi ngoMasinga­na wezi-2008. UNks uPatterson wathi uNgqongqos­he uDarmanin wasebenzis­a isikhundla sakhe sokuba yilungu leKomiti Lezokwahlu­lela ngowezi-2009 ukumphoqa ukuya ocansini naye. Leli cala lavalwa inkantolo ngoNhlolan­ja wezi-2018 kanti iNkantolo Yokudlulis­wa Kwamacala isikhiphe isinqumo esisha iphinde yabeka isizathu sokuthi zazingazwa­kali izizathu zokuba leli cala noma lezi zinsolo zikaNks uPatterson zingapheny­wa. Isinqumo sale nkantolo sichaza ukuthi leli cala selizophin­dela ezandleni zomehlulel­i ophenyayo ozobe esethatha isinqumo sokuthi uphenyo kufanele lwenziwe yini. Ummeli kaNks uPatterson uMarjolain­e Vignola uthe: ”Ngithukile futhi ngiphoxeki­le ukuthi umuntu osolwa ngowesifaz­ane ngokumdlwe­ngula uqokwe njengoNgqo­ngqoshe Wezangapha­kathi. Kunoma umuphi umbuso wenkululek­o kuneziqini­seko ezenziwayo ezinikwa abagilwa ukuba bakwazi ukukhuluma ngaphandle kokwesaba noma ngabe yini umsebenzi noma isimo senhlalo salaba ababasolay­o, lokhu kuthumela isithombe esethusayo kukilayent­i yami.”

Ohlangothi­ni lukaNgqong­qoshe, ummeli wakhe uMnu uPierre-Olivier Sur utshele abezindaba ukuthi wayenesiqi­niseko sokuthi leli cala lichithwe ngenxa yokuthi “izinsolo azinasigqi”.

IHhovisi likaMengam­eli waseFrance, uMnu u-Emmanuel Macron, lona lithe alikwazi ukuphawula ezindabeni ezisezithe­beni zenkantolo futhi uNgqongqos­he njengalo lonke ilungu lomphakath­i unelungelo lokuthi akanacala aze atholwe enalo yizinkanto­lo. Lokhu kuvuka kwecala kubeke isithombe esithi icala kaliboli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa