Bazohlonishwa ngokubeka amathambo abo ekhaya
Ngesonto eledlule elaboHlanga libike ngesenzo seNigeria sokuzama ukumisa ukudayiswa kobuciko esola ukuthi ngokwabo obuzodayiswa eFrance. Kuleli sonto sekuphinde kwavela imibiko yokuthi iFrance isibuyisele amathambo ababengamasosha ayelwa nokufakwa ngaphansi kobukoloni be-Algeria ngeminyaka ye-1980. Lesi senzo siveza ukuthi kuningi okwahamba nabacindezeli ezwenikazi i-Afrika.
UMengameli wase-Algeria, uMnu u-Abdelmadjid Tebboune (osesithombeni), ngesonto eledlule uyiqinisekisile le mibiko kwathi iphephandaba lakulona leliya nelaseFrance abika ukuthi ngoLwesihlanu wesonto eledlule la mathambo abesefikile e-Algeria.
IFrance yafaka i-Algeria ngaphansi kobukoloni kusukela ngonyaka we1830 kwaze kwayilapho i-Algeria ithola inkululeko ngowe-1962 ngemuva kweminyaka eyisikhombisa kunezimpi. Ngokusho kukaMengameli uTebboune, amathambo alabo ababengabaholi bamaqembu ayephikisana nokufakwa ngaphansi kobukoloni abuyiswayo kubalwa abahlobo bakaMnu u-Emir Abdelkader, owayengumshumayeli wamaSulumane kodwa uyena owahola amadoda ezigodi empini ende eyayiphakathi kwawo namabutho aseFrance.
Ekhuluma nabezindaba uTebboune uthe: “Leli lizwe lizimisele ukubuyisa amathambo alabo ababengamaqhawe abashonela ekudingisweni emhlabeni wokhokho babo. Lesi sinyathelo sibonisa ukuhlonipha kwethu okujulile kwamaqhawe ethu kanye nezimpawu zokuguqula ubuholi nokuzibophezela kokungalokothi sinikele noma silahle amafa ethu awumlando namasiko.” UMengameli waseFrance, uMnu u-Emmanuel Macron, waqala ukukhuluma nokubika ukuthi ukulungele ukubuyisela amathambo amaningi amasosha ase-Algeria ngesikhathi evakashele kuleliya lizwe ngonyaka wezi-2017. Kwathi ngonyaka wezi-2019 enkulumweni yakhe e-Ivory Coast wabiza ubukoloni njengephutha elikhulu elalenziwe izwe lakhe. “Ngifuna ukubandakanya iFrance ekuguqulweni komlando nokulangazelela ukubambisana phakathi kweWest African Economic and Monetary Union kanye nezwe lethu. Sikwenza lokhu ngesizathu sentsha,” kusho uMengameli uMacron eminyakeni edlule.
Imibhikisho yakamuva yobandlululo nokucwasana iphoqelele amazwe amaningi ukuba abhekane ngqo nemilando yabo yobukoloni ngenxa yokuthi ababhikishi abaningi bebethi makususwe izichuse neminye imibhiyozo yomphakathi ekhumbula inqubo yobukoloni.