Incwadi egunyaza ukuboshwa kukaTrump
Inyanga uNhlolanja kwaba ngemnyama e-Iran ngesikhathi uMnu uQassem Soleimani ebulawa yi-United States of America (USA) ngokumhlahlesa ngedroni. Lokhu kubulawu kwalo mholi kwahlangabezana nemibono eminingi kodwa kwaba izenzo nezinkulumo ze-Iran ezaqala ukuthusa abaningi babona sengathi impi isiseMome.
Ukuhlasela kokhuvethe emhlabeni kube sengathi kuphebeze iconsi le-Iran kodwa lokhu kungenzeka kube yiphutha ngenxa yokuthi sekuvele imibiko ethi i-Iran isikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMengameli uDonald Trump.
UTrump ungabanye babantu abangama-36 abakhishelwe izincwadi ezigunyaza ukuthi baboshwe ngenxa yokuba nesandla ekubulaweni kukaSoleimani obengumkhuzi we-Islamic Revolution Guard Corps (IRGC). Ummeli, uMu u-Ali Alqasi Mehr, uthe uTrump uphezulu ohlwini waphinde waveza ukuthi uzoshushiswa eshiya phansi isikhundla sakhe sobumengameli.
Ngokwemibiko, i-Iran iphinde yacela ukuba i-Interpol ikhiphe isaziso sabantu abafunwayo somhlaba jikelele kulaba bantu abangama-36 kodwa akulindelekile ukuthi i-Interpol isivume lesi sicelo se-Iran. Nayo i-Interpol ikuqinisekisile ukuthi ngeke isamukele lesi sicelo ngesikhathi iphendula ithi: “Angeke sizibheke izicelo zalolu hlobo ngenxa yokuthi asihambisani nemithetho nemigomo yethu.”
Kwenqatshwa ngokuphelele ukuthi le nhlangano yenze noma yikuphi ukungenelela noma ukushushisa kwezepolitiki, ezempi, ezenkolo noma ezobuhlanga.
Umdlalo wezepolitiki
Ommele i-US ezindabeni zase-Iran uMnu uBrian Hook ubize lesi senzo njengomdlalo wepolitiki ngesikhathi esengqungqutheleni yabezindaba noNgqongqoshe Womnyango Wezangaphandle waseSaudi Arabia uMnu u-Adel al-Jubeir.
“Lokhu kuyinkulumoze esiyijwayele, akuhlangene nokuphepha kwezwe, ukuthula kwamazwe noma uzinzo, ngakhoke ngendlela okuyikho sikubona ngendlela kuyinkoleloze ngalendlela yokuthi akekho umuntu ozoyinaka futhi igcine isiyenza i-Irain ibukeke njengezilima,” kusho uHook.
USoleimani wabulawa nabantu abahlanu okubalwa kubo uMu u-Abu Mahdi alMuhandis, iPhini leNhloko yePopular Mobilization Forces (PMF) esekelwa iyona i- ran. Ukubulawa kwalaba kwandisa ukungazinzi kwesimo kulesi sifunda. Okhulumela ezomthetho e-Iran, uMnu uGholam-Hossein Esmaili, kuqala inyanga kaNhlangulana ubike ukuthi isakhamuzi esisodwa sase-Iran sabe sigwetshwe intambo ngenxa yezinsolo zokusebenzisana nezobunhloli zakwamanye amazwe. U-Esmaili uthi uSeyed Mahmoud Mousavi Majd uyena owadalula kwezobunhloli base-USA indawo lapho uSoleimani ayekuyona.
Ubuholi bukaTrump babubuka uSoleimani njengombulali ononya futhi uTrump watshela abezindaba ukuthi lo mkhuzi bekufanele ngabe wabulawa ngomengameli ababengaphambi kwakhe. IHhovisi likaTrump lagxeka noma lasola uSoleiman ngokufa kwabantu ababengamakhulu base-USA kanye namazwe angabahlobo bayo.
Lokhu kufakwa kwencwadi egunyaza ukuthi uTrump aboshwe kungaba yisithombe sokuthi i-Iran ayikaxoli ngesenzo sakhe futhi isazimisele ukumjezisa ngisho kuthiwa kuthatha isikhathi njengoba ibekile ukuthi incwadi igunyaza ukuboshwa kwakhe uma esehlile esikhundleni sobumengameli.