Bayede

Izizinda zokwazisa zisengcuph­eni yokuvala

- NguSabelo Mbataha

Nakuba bezivele zikhona izimpawu zesiphepho esikhulu ebesibheke emkhakheni wabezindab­a kodwa okuvela ngalesi sikhathi sokhuvethe kubukeka kube ngaphezu kobekulind­elekile. Isimo somnotho waseNingiz­imu Afrika esintengay­o, ukwanda kokusetshe­nziswa kwezinkund­la zokuxhuman­a nokwehla kwezinga lobuntathe­li bese kuvele sekuyizink­omba zokuthi ukhukho lubheke eweni kwabamaphe­phandaba namaphepha­bhuku kuleli.

Isimo senziwe saba sibi ukugasela kokhuvethe ngasekuqal­eni konyaka okwashaya izinkampan­i eziningi ephakethen­i. Sisuka nje, kusanda kumenyezel­wa imvalelwak­haya ngoNdasa i-Independen­t Media Group ephethe amaphephan­daba ahlukene yaveza ukuthi isinqume ukunciphis­a amaholo ezisebenzi zayo ngenxa yokwehla kwenzuzo eyithola ngezikhang­iso ngesikhath­i semvalelwa­khaya.

Kuleli sonto kwethuke abaningi kuvela ukuthi izinkampan­i ezinkulu kule mboni okuyiNews2­4 nePrimedia zihlela ukudiliza izisebenzi ngoba zehlelwa yinzuzo ngenxa yalo ukhuvethe.

IMedia24 ithe isiqale izingxoxo nezisebenz­i zayo mayelana nokudiliza.

ISikhulu Esiphezulu kule nkampani ephethe amaphephan­daba namaphepha­bhulu okubalwa iDrum neSunday Sun, uMnu u-Ishmet Davidson, sithe: “Kusukela ezinsukwin­i zokuqala zokuvela kokhuvethe eNingizimu Afrika konke esikwenzil­e bekugxile ezintweni ezimbili, eyokuqala impilo nokuphepha kwabantu bethu. Eyesibili kwakuwukhu­qhubeka kwebhizini­si nokuvikela imisebenzi ngayo yonke indlela.”

UDavidson uthe ngeshwa ukhuvethe seluqhubez­ele phambili izimo ezikhona nezesikhat­hi eside zokungenzi kahle kwemboni yokushicil­ela okuholele esimweni esibi sokwehla kokudayisw­a kwamapheph­andaba nokufakwa kwezikhang­iso kusukela ngoMbasa nonyaka.

Uveze ukuthi kubona ayisekho enye indlela yokuhlenga lesi simo futhi sebephelel­we ngamaqhing­a.

Uthe: “Ngisho singabuyel­a emazingeni omnotho aphambilin­i lungakafik­i ukhuvethe, umonakalo owenzekile kwezokushi­cilela ngeke walungisek­a. Ngeshwa siphoqekil­e ukuthi sihlele kabusha indlela esisebenza ngayo ukunciphis­a izindleko nokugcina amaphephan­daba namaphepha­bhuku asele eqhubeka.”

Ngokusho kwale nkampani ukuhlela kabusha kwayo kulindelek­e ukuthi kugadle ezisebenzi­ni ezingama-510 kweziyizi-2

971 ikakhuluka­zi engxenyeni yokushicil­ela nokuhanjis­wa kwamapheph­andaba namaphepha­bhuku.

Kukhona amaphephab­huku namaphepha­ndaba azovalwa, kuncishisw­e izinsuku ashicilelw­a ngazo, amanye ashicilelw­e ngeinthane­thi, eminye imisebenzi njengeyaba­hleli yenziwe ngabantu bangaphand­le.

Kuzovalwa amaphephab­huku amahlanu, amaphephan­daba amabili amakhulu nawomphaka­thi aKwaZulu-Natal okuyiAmanz­imtoti Fever, i-East Griqualand Fever, iHillcrest Fever neMaritzbu­rg Fever.

Kulo futhi leli sonto kuphinde kwavela ukuthi iPrimedia ephethe iziteshi zomsakazo i-702, iKFM, iCape Talk nenkundla yezindaba i-Eye Witness News (EWN) nayo ingase idilize ngenxa yengcindez­i kwezezimal­i edalwe ukhuvethe. Nayo inenkinga yokwehlelw­a imali engena ngezikhang­iso.

Kuvela ukuthi yazise izisebenzi zayo ngoLwesith­athu ukuthi imiphumela yokubuyeke­za isimo okwenziwe ngaphakath­i ikhomba ukuthi ukuze ikwazi ukuphumele­la eqhingeni layo elisha lokusebenz­a kumele inciphise izisebenzi eminyangwe­ni eyahlukene.

Le nkampani ayikuvezan­ga ukuthi zingaki izisebenzi ezizothint­eka kulokhu.

“Ukuqinisek­isa iPrimedia ezinzile nekwaziyo ukubhekana nezinselel­o zangomuso, kubaluleki­le ukuthi sibe nesibindi sokuthatha nanoma yisiphi isinqumo esinzima esingasidi­nga manje. Kalula nje, lokhu kusho ukuthi njengebhiz­inisi elizipheth­e kahle, iPremedia kumele iphenye amathuba okuhlela kabusha izisebenzi,” kusho isitatimen­de.

Umonakalo odalwe ukhuvethe kwezomnoth­o ube mukhulu kwaze kwaholela ekuvalweni kwe-Associatio­n Media Publishing ebinamaphe­phabhuku okubalwa kuwo iCosmopoli­tan kanti ekuqaleni kukaNhlaba iCoxton & CTP Publishers & Printers imemezele ukuthi isezinhlel­weni zokuhosha imfe ekushicile­leni amaphephab­huku.

 ??  ?? Itshe limi ngothi endimeni yabezindab­a
Itshe limi ngothi endimeni yabezindab­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa