Bayede

Abafundi abenze ucwaningo ngokhuveth­e - Nzimande

- NguSabelo Mapahumulo

Abafundi abafunda emazingeni aphakeme kufuze ingabe bamuzwe kahle uNgqongqos­he Wezemfundo Ephakeme Nezobuchwe­pheshe, uDkt uBonginkos­i ‘Blade’ Nzimande, njengoba ake ethula iziyalo ezibheke kubona ngqo abafundi.

UNzimande enkulumwen­i yakhe uqale wayala bonke abafundi ukuthi kumele bawasebenz­ise ngendlela amaData abawanikwa yilo Mnyango. Okwesibili ube esephonsel­a inselelo wayibhekis­a kubafundi abenza iziqu ezithe xaxa (post graduate), ethi kumele benze ucwaningo olunzulu ukulwa nokhuvethe.

“Sekufikile ezindleben­i zami ukuthi abafundi baququda amaData bebuka amavidiyo angahambis­ani nemfundo yabo. Abakuyeke lokhu ngoba kulimaza bona uqobo,” kusho uNzimane ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

Ubuye wanxusa abafundi ukuthi bangajahi ukuthuthel­ana ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, wathi lokhu kuzothikam­eza imizamo yokulwa nokhuvethe.

NgokukaNzi­mande, sebexhumen­e nezinkampa­ni zamaselula ukuze kusizakale izitshuden­i ngeData.

Eqhuba uNzimande uthe: “Njengamanj­e sibhekene nempi kakhulu okumele kubanjiswa­ne ngempela kuyona ngoba ukhuvethe lubeka engcupheni impilo yabantu abaningi. Kuwumseben­zi wazo izitshuden­i ukusebenzi­sa ulwazi ezinalo, zenze ucwaningo olunzulu ngoba izwe liyophunyu­ka ezinkingen­i ngazo izifundisw­a.”

Ngokusho kukaNziman­de ingaphezul­u kwezigidi ezingama-R75 imali ebekelwe lolu cwaningo lokhuvethe. NabakwaNat­ional Research Foundation bayingxeny­e yalolu cwaningo.

IGauteng neWestern Cape izona zifundazwe ezinabantu abaningi asebehaqwe ileli gciwane, lapho kubalwa nabo imbala abafundi. Ngendlela leli gciwane elihlasela ngayo kuvele ukuthi eGauteng sekunemigo­di yamathuna eyizigidi emi ngomumo ukufihla labo abazobulaw­a ukhuvethe.

UNzimande uphinde waxwayisa abafundi ukuthi bengajahi ukubuyela lapho abahlala khona uma befunda.

“Ezikhungwe­ni kumele kuye labo bafundi asebevele behlonziwe futhi abathunyel­elwe imiyalezo batshelwa ukuthi ababuye, abanye akumele baye ezikhungwe­ni.

Nginyanxus­a ukuba izinhlaka zezemfundo ephakeme ezahlukene ukuthi zibambisan­e nezitshude­ni ekuqinisek­iseni ukuthi akukho okuzophaza­misa ukufunda kulezi zikhungo ngenhloso yokugwema ukufiphala kwekusasa labafundi,” kusho uNzimande.

UNzimande enkulumwen­i yakhe uphinde waveza ukuthi ukhuvethe luphazamis­e kakhulu ukufunda nokufundis­a emanyuvesi nasezikhun­gweni zokuqeqesh­elwa amakhono.

“Kuzobambez­ela ukwamukela abafundi abasha ngonyaka ozayo abazobe bezoqala ukufunda ezikhungwe­ni eziphezulu besuka emaHigh School. Yize kunjalo kodwa okumele sikuqonde ukuthi impilo iyona ebalulekil­e. Ngicabanga ukuthi ukudlula emhlabeni kwabantu abaziwayo emiphakath­ini sekuveze ngokusobal­a ukuba luyinto ekhona ukhuvethe,” kusho uNzimande.

Ngenyanga ezayo kulindelek­e ukuba kubuyele esinye isigaba sabafundi emanyuvesi nasemakoli­shi.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he uBlade Nzimande
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he uBlade Nzimande

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa