Izinyunyana ziyaziqhelelanisa nodlame lwamathrakhi
Imibhikisho enodlame ekapake izwe lonke isiholele ekutheni kungqongqiswe amathrakhi kwavalwa nemigwaqo kwaphazamiseka ukuhamba.
Laba ababhikishayo kuthiwa abashayeli bamathrakhi abangafuni kuqashwe abokufika kule mboni. Kushone elayizolo kushiswe amathrakhi ayisithupha KwaZulu-Natal selokhu umbhikisho wokumisa yonke into uqale ngoLwesibili. Kuke kwama nse yonke into emigwaqweni uM4 eningizimu noM25 ongaKwaMashu kwadlulela nakuN2 osenyakatho ngasePavallion.
Izindaba zokuthi kuzoba nokhukhulelangoqo wale mibhikisho ziqale ukuzwakala ngoMsombuluko ngesikhathi abashayeli abebegane unwabu betshela emehlweni abokufika ukuthi abagoduke. Ohola i-All Truck Drivers Foundation, uMnu uSipho Zungu, uthe bazobasela ababhikishi kodwa waziqhelanisa emibikweni yokuthi kunodlame kule mibhikisho. Amaphoyisa kaMasipala i-Ethekwini aziqinisekile izigameko ezenzeke kule migwaqo.
Ngonyaka odlule kuNhlangulana kwasuka esinamathambo kunemibhikisho efuze le esanda kwenzeka. Kwaze kwajutshwa ithimba elizobheka isimo elalibunjwe iminyango eyahlukene, oWasekhaya, oWabasebenzi noWokuthutha, izikhulu ezazivela eHhovisi likaNdunankulu, abanikazi bama thrakhi nososeshini wabashayeli.
UZungu uthe: “Siyinhlangano akuthina esiqale lokhu kuvalwa kokusebenza kodwa mhlawumbe abashayeli baqome ukubhikisha ngoba ubuholi bethu abukakatholi mpendulo kuHulumeni selokhu kwabanjwa umhlangano.”
UMphathiswa Wezokuthutha KwaZulu-Natal, uMnu uBheki Ntuli, usigxekile isenzo sokungqongqiswa kwamathrakhi amane ngoLwesibili okwenzeke kuR103 kwathi elinye lashiswa kuN3 oseduze noNottingham Road. Ugxeke nokubhonjwa kwelinye eBayhead, eThekwini.
“Umuntu oshisa amathrakhi noma ophazamisa ukuhamba kwezithuthi emgwaqweni kudaleke isiminyaminya usuke enza into efana necala angaboshelwa lona noma ajeziswe kanzima. Angeke sikuvumele ukuthi kube nabantu abazosabela impilo yabo ekubeni wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa umgwaqo. Siyakuqonda nokho ukuthi abantu banelungelo lokusebenzisa ilungelo labo lokubhikisha kodwa kumele baqikelele ukuthi lokho bakwenza ngokuthula. Akumele kubulawe izinto, kulinyazwe abahlali bakithi abangawuphuli umthetho nokudala ukuthi kuphazamiseke ukusetshenziswa kwemigwaqo bese nezingane zingakwazi ukuya esikoleni.”
Okhulumela uMnyango Wezokuthutha uNks uGugu Sisalana uthe uHulumeni usezinhlelweni zokubhekana ngqo nezingqinamba abashayeli abakhala ngazo ngonyaka odlule. Uthe kunethimba elibheka isimo elibunjwe abakwaRoad Freight nabakwaLogistics Interministerial eyahlanganiswa ngonyaka odlule.
“Lolu daba lusingethwe ezingeni likazwelonke nasesifundazweni liholwa uMnyango Wezabasebenzi noMnyango kaNdunankulu,” kusho uNuks uSisilana. Isikhulu esiPhezulu kwaSA Road Freight Employers’ Association, uMnu uGavin Kelly, uthe asikho isisombululo okufinyelelwe kuso okwamanje.
EWestern Cape uN1 ongasePaarl uvaliwe wabuye wavulwa izolo ngemuva kokuthi kushiswe amaloli amabili. Abanezimoto bayalelwe ukuthi basebenzise ezinye izindlela.
UMnu u-Ebrahim Rasool, ongumqondisi kwa-OneAfrica. org okuyinhlangano esebenzisana nezinkampani zase-Afrika, osomabhizinisi ngenhloso yokuqinisa amaxhama okuhlalisana, uthe ukuhlaselwa kwabokufika kufana nokuphaka impi engenasidingo kubona. Unxuse kwehliswe amaphaphu zonke izinhlangothi ezithintekayo zixoxisane. ISA Transport and Allied Workers’ Union iziqhelanenisile esigamekweni semibhikisho. Amaphoyisa athe asaphenya kanti akukho muntu osaboshiwe.