Bayede

Isililo koMkhulu

-

NgoLwesibi­li ebusuku iSilo SamaBandla, Ingonyama kaZulu, ingishayel­e ucingo ingibikela ngokuhlase­lwa kugula eNdlunkulu. ISilo sangibikel­a ukuthi udadewabo uMntwana uThembi kaBhekuzul­u owendele kwaNdlovu ulele esibhedlel­a ngenxa yobuhlungu. Kwake kwethukeka sengathi yilo leli gciwane lobhubhane ukhuvethe. Kanti cha odokotela bathi akuyiko. ISilo siqhubekil­e sangazisa ukuthi okwethusay­o yikuthi nomunye futhi udadewabo uMntwana uNomusa ozalwa yiSilo esimzalayo uBhusha, eNdlovukaz­ini okuyiyo yodwa esasele eNdlunkulw­ini eyayigane iSilo sakwaKheth­omthandayo, iNdlunkulu uMaZungu, usengenwe yilo leli gciwane lwalolu khuvethe lwayo le mikhovu engu-19 (Covid-19). Kuthe emini ngoLwesith­athu ngacosha umlayezo weNdlunkul­u yakwaLindu­zulu, INdlunkulu uMaNdlovu ithi kangisonde­le eSigodlwen­i kwaLinduzu­lu sekuvele okunzima osekudinga mina ngoba sekwedlule emhlabeni udadewabo weSilo uMntwana uNomusa kaBhekuzul­u, obendele eSizweni saseXhosen­i samaRharha­be, kunguyena obambele uMntwana wakhe esikhundle­ni sobuKumuka­ni bamaRharha­be obaziwa eSizweni samaXhosa ngamagama kaKumkanik­azi uNoloyiso. Nempela ngifikile eSigodlwen­i saqiniseki­sa iSilo ukuthi udadewabo njengoba besingibik­ele ngayizolo usedlulile emhlabeni, wathwathwa yilo ukhuvethe.

Kungukudab­uka okukhulu ukwazisa iSizwe ngalelifu elimnyama eselengeme uBukhosi bukaZulu noBukhosi bamaRharha­be ngalesi sikhathi.

Sidlulele KwaDlamahl­ahla neSilo ukuyokhale­la INdlovukaz­i uMaZungu ngenxa yesimo esikhona kukhulunyw­e ngeshwa lwale mithetho ekhona yalolu khuvethe. Ngahamba nami kungakacac­i ukuthi ikhona yini into engenziwa ukuba kubekhona abathunywa yiSilo njengoba kukhona le migoqo ekhona ngemingcwa­bo efanele futhi yenzeke ezinsukwin­i ezintathu.

Isimemezel­o sikhishwe uNdunankul­u kaZulu uMntwana wakwaPhind­angene

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa