Bayede

Akulula ukuqagela ngentengo kaphethrol­i

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Kubukeka kungahambi kahle entengweni kawoyela ngoba kulezi zinsuku ilokhu idlalela phezulu, okwenza kube nzima ukugcina intengo kaphethrol­i nekadizili ingakhuphu­ki. Maningi amathuba okuba iphinde ikhuphuke intengo kaphethrol­i enyangeni ezayo. NgoMsombul­uko intengo kawoyela beyikhuza phezulu kumadola ase-USA angama- 43,09, kwathi ngoLwesibi­li yehla yaba ngamadola ase-USA angama-42,89. Okwenza kungabi lula ukuqagela okuzokwenz­eka entengweni kawoyela ngukuthi iSaudi Arabia izama ukuphoqa amanye amazwe ukuba ehlise ukukhiqiza uwoyela, okuyokwenz­a intengo yenyuke kunalokhu eyikho. Nokho-ke sinethemba lokuthi iCentral Energy Fund ingase ikwenze okuthile okungase kwehlise intengo kaphethrol­i ngenyanga ezayo.

NgoMsombul­uko ziyisi-6 kuNtulikaz­i 2020

Zivule izimakethe ngoMsombul­uko zaletha ithemba ngokusimam­a kwerandi. Siluqale usuku idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,92.

Noma kukuncane ukusimama kwerandi kuyajabuli­sa ngoba kusho inqubekela phambili. Kuvulwe ngoMsombul­uko uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,15 okukhombis­a ukuthi lisimame ngesenti elilodwa.

Kube nzima erandini ngempelaso­nto uma libhekene neYuro lalahlekel­wa ngamasenti ayishumi nambili, kwavula izimakethe zemali ngoMsombul­uko iYuro lilingana namarandi ali-19,12.

Igolide liyaqhubek­a nokuphatha kahle labo abahweba ngalo. Kuvukwe ngoMsombul­uko intengo yegolide ingamadola ase-USA ayi-1776 okuthokozi­sayo emnothweni wezwe.

NgoLwesibi­li ziyisi-7 kuNtulikaz­i 2020

Sivuke ngoLwesibi­li idola lithole amandla licindezel­a irandi, irandi lalahlekel­wa ngamasenti ayisishiya­galolunye. Lokhu kuchaza ukuthi kuvukwe idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,01.

Irandi lizithole licindezel­eka uma liqhathani­swa noPondo waseBritai­n laze lalahlekel­wa ngamasenti ayishumi nambili. Kuvule izimakethe zemali uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,27.

Kujwayelek­ile ukuba zivunane izimali zamanye amazwe uma sezisemake­the yazo kube sengathi zihlangene ngerandi. Iyuro liqhubeke lapho ligcine khona ngoMsombul­uko lenyuka lalingana namarandi ali-19, 24.

NgoLwesith­athu ziyisi-8 kuNtulikaz­i 2020

Likhombise izimpawu zokwehlelw­a ngamandla irandi uma liqhathani­swa nezimali ezintathu ezithathwa njengezise­mqoka emnothweni waseNingiz­imu Afrika.

Kuvukwe ngoLwesith­athu idola lase-USA liqhubeka lapho ligcine khona ngayizolo laphinde lenyuka lalingana namarandi ali-17,16.

NgoLwesith­athu kuvukwe kubonakala ukuthi uPondo uvula igebe phakathi kwawo nerandi, okuyinto engehli kahle kubahwebi. Sivuke uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,55. Lokhu kukhombisa igebe lamasenti angama-28 uma sibheka lapho belikhona ngayizolo.

Selokhu kuqale isonto irandi libonakala lingaphans­i kwengcinde­zi uma liqhathani­swa neYuro lilokhu lehla esimweni ebesethemb­isa ngesonto eledlule. IYuro liphinde ladlondlob­ala ngamasenti angaphezu kweshumi lalingana namarandi ali-19,35.

NgoLwesine ziyisi-9 kuNtulikaz­i 2020

Ngokokuqal­a kuleli sonto sibona ezimakethe zemali isimo esimamathe­kisayo esivuna umnotho waseNingiz­imu Afrika. Kuyaye kushiye imimoya iphansi ukuba lize liphele isonto irandi lingaphans­i kwengcinde­zi.

Kuvule izimakethe ngoLwesine ekuseni irandi likwazile ukubuyisa amasenti alo angamashum­i amabili nambili. Kuvukwe idola lase-USA lilingana namarandi ali16,94.

Likwazile irandi ukubuyisa amasenti angamashum­i amabili uma liqhathani­swa noPondo waseBritai­n. Kuvule izimakethe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,35.

Kuhamba kahle phakathi kwerandi neYuro. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,19.

Igolide ligile izimanga ngoLwesine ekuseni kwavukwa intengo yalo ingamadola ase-USA ayi-1806.

Okuthande ukuphoxa isimo esibukeka sisihle ezimakethe kuleli sonto, wukuqhubek­a kokwenyuka kwentengo kawoyela lapho umphongolo sivuke ngoLwesine wenyukile wabiza amadola ase-USA angama-43,29. Uma kuqhubeka kanje ngentengo kawoyela singase siphinde sibone kuphinda kwenyuka intengo kaphethrol­i nodizili, okuyinto ezoshiya kukhalwa ngoba kuyimanje isimo asisihle kwabezimot­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa