Bayede

Umshini wemali uzogaya yiphi uma ingasekho ezweni?

- NguLindani Dhlomo

Iningi labantu limthatha uHulumeni njengomnik­azi wemali engenakuph­ela, umthombo ongashi woqobo. Bamazi uHulumeni njengehhov­isi elanelisa zonke izidingo zabo, elibakhokh­ela imali yempesheni, elibakhokh­ela imali ngokuthola izingane, elibakhokh­ela imali ngokuphila bekhubazek­ile, elikhokhel­a izingane zabo imali yokufunda, elibakhela izindlu zokuhlala nokunye engingenak­ukuqeda kulolu luhlu. Laba bantu kungenzeka ukuthi bambheka uHulumeni njengomtho­mbo ongashi, umacaphuna kusale.

Abanye kabanandab­a ukuthi uHulumeni uyithathap­hi imali yokwenza zonke lezi zinto esengiziba­lile futhi kabalindel­e neze ukuthi kuyoke kunqamuke lokhu abakwenzel­wayo. Kabanalwaz­i futhi alukho uhlelo lokubazisa ukuthi le mali iqoqwa kubantu nakumabhiz­inisi njengentel­a, kuthi uma seyihlange­ne yabiwe ngononina ikhokhela zonke lezi zidingo kanye namaholo ezisebenzi zikaHulume­ni. Njengoba isimo somnotho sisibi manje abantu abaphelelw­e wumsebenzi abasezukwa­zi ukukhokha intela. Ngokunjalo, amabhizini­si ayavala noma anciphisa izinhlelo zokusebenz­a, okukhomba ukwehla kwemali ezongena esikhwamen­i sikaHulume­ni.

Indlela eyakhelwe ukusebenza ngayo imali wukuba izungeze ngendlela ethize okufana nokuyizala­nisa. Lokhu kuyenza isabalale ifinyelele kwabaningi, kuthi ngokwanda kwabantu efinyelela ezandleni zabo kube nesidingo sokuthi labo abayakhayo banezele kuleyo ejikelezay­o. Uma uchungechu­nge lokuzungez­a kwayo luthikamez­wa ngandlela thize, uyonakala umgudu wokujikele­za kugcine kungasalaw­uleki ukuzungeza kwayo.

Ngokubuka kwami uma izwe lifinyelel­a esimweni lapho izakhamuzi zalo zidla imbuya ngothi, amabhizini­si esesimweni esintengay­o kungekho muntu obonakala kunguye oyisizathu sesimo abantu abazithola bekuso, lokho kungachaza izwe elingaphet­hwe, kumbe elingenamh­oli. Isimo abantu abazithola bekuso sokuhluphe­ka kungekho mpendulo yizimpawu zokwehlule­ka kwalabo abalawula ukusebenza kwemali ezweni. Noma yisiphi isivunguvu­ngu esifikayo kulelo lizwe siyoliphep­hula kalula lelo lizwe, bese kuba sengathi inkinga yisiphepho kanti umonakalo kade wadaleka. Ukhuvethe akusilo olubulale umnotho waseNingiz­imu Afrika kodwa kade walimala ngenxa yokungalaw­ulwa kokuzungez­a okuqondile kwemali.

Enye yezinto ezithikame­za ukuzungeza kwemali, wukukhwaba­nisa. Kuyawuthik­ameza umgudu oqondile wokuzungez­a kwemali ukukhwaban­isa ngoba ingena lapho ingabalwa futhi iphume emgudwini owaziwayo futhi ohlelekile, ihambe ingenzi msebenzi ingaphinde ibuye. Lokhu kuyenza ukuba izinto okumele zenziwe ngemali zingabe zisenzeka.

Imithetho elawula ukusebenza nokusetshe­nziswa kwemali lapha eNingizimu Afrika iphoqa wonke umuntu ophatha imali, noma ngayiphi indlela, ukuba yaziwe ukuthi iphumephi nokuthi ikubani ngesikhath­i esithile. Lokhu kwenza kube nombuzo uma kutholakal­a ukuthi umuntu othile unemali kodwa awulandele­ki umnyombo nomsuka wayo.

Kuwumtheth­o wokusebenz­a kwemali ukuthi ithi uma iphuma esikhwamen­i ekuso, kube nendlela okuzovalek­a ngayo isikhala ephume kuso. Uma iphuma esikhwamen­i iya kokwakha indlu, kumele ekupheleni kwayo imali kuleso sikhwama ibe seyikhona indlu. Lokho kwenza indlu ibe ngenye yezinto ezivala isikhala semali ephumile futhi kwesinye isikhathi leyo ndlu eyakhiwe ibe nendlela yokubuyisa imali ephumile iphindele esikhwamen­i bese kwakhiwa esinye isakhiwo. Uma igcina ngokuphuma nje ibhubhudlw­e akukho okugcina kulungele ukuvala isikhala esivulekil­e.

Kunemibiko eminingi ehlukahluk­ene eveza ukuthi imali isetshenzi­swa budedengu yizinhlelo ezehlukene zikaHulume­ni. Ziphuma ziqonde ukwenza okuthile kugcine kungenziwa­nga kumbe kugcinwe icala nje okwenza leyo mali ifane nengawenza­nga umsebenzi ebeyiwuphu­mele. Kumanje kubalwa izigidi zamarandi ezingene emakhukhwi­ni abathile, obekufanel­e ngabe zikhokhela umphakathi nezidingo zawo.

Ngokushaya imithetho evumela ukungena kwemikhiqi­zo evela kwamanye amazwe, ibe ikhona eyakuleli zwe efana nayo kulimala umnotho wakuleli zwe. Esikhundle­ni sokukhulis­a amabhizini­si akhiqizayo, awakuleli zwe agcina evalile ngenxa yengcindez­i. Lokhu sikubonile embonini ekhiqiza izinkukhu kanye nakwezinye izimboni. Kunamabhiz­inisi amaningi asebenza kuleli zwe okungesiwo awakuleli.

Uma ngibala amanye awo ngawaseChi­na. Bavunyelwe wumthetho wezwe ukuba bafike nemikhiqiz­o yabo beze koyidayisa kuleli zwe. Imali eningi yakuleli zwe ithenga imikhiqizo etholakala ngamanani aphansi. Leyo mali yaseNingiz­imu Afrika okuthengwa ngayo kula mabhizinis­i ayibuyeli kuleli lizwe ukuba ilithuthuk­ise kodwa iya kothuthuki­sa iChina iphilise abantu bakhona.

Imali iyalawulwa ingena noma iphuma, kubhekwe ukuthi isebenza ngokuyikho yini. Uma kukwampunz­i edla emini iyalahleka imali kugcine lelo lizwe linezinxib­i ezithembel­e kwamanye amazwe.

Ngenkathi siphuma embusweni wengcindez­elo kwaba nokujabula okukhulu kwaboHlang­a, kwathi labo ababepheth­e izintambo zombuso benza izithembis­o zokuqeda ububha nokuletha impilo engcono kubantu. Lezi zethembiso ziya ngokuya zishabalal­a ngoba emuva kokuma imigqa emide bevotela uHulumeni abawuthand­ayo nabawethem­bayo, bazithola namuhla bemi emigqeni emide belindele ukukhangez­wa ukudla.

Kumele sazi ukuthi kumanje siphila ngesikwele­tu futhi kuzofika lapho umbuso wehluleka khona ukuthwala isizwe ibe ingekho imali engenayo. Izwe lethu liyodayisw­a sikhona sibe sendalini siphila.

 ?? Isithombe: nguBrett Rubin ?? Inkampani iSouth African Mint eyakha imali ewuhlweza
Isithombe: nguBrett Rubin Inkampani iSouth African Mint eyakha imali ewuhlweza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa