Bayede

Isikhumulo iKing Shaka nemigomo yokhuvethe

- NguSabelo Mbatha

Njengoba ezinye izikhumulo zezindiza kuleli sezivuliwe ukuba zisebenze kulandela ukuvalwa kwazo ngenxa yokubhebhe­theka kokhuvethe, esinye esikhuluka­zi eNingizimu Afrika iKing Shaka senza isiqinisek­o sokuthi sizigcina zonke izinyathel­o zokugwema ukusabalal­a kwalesi sifo.

Lesi sikhumulo siguqule nendlela esisebenza ngayo ukuqinisek­isa ukuthi abantu bayawugcin­a umgomo wokuqhelel­ana.

Kulesi sikhumulo kuke kwabikwa ukuthi angaphezul­u kwe-12 amaphoyisa asebenzela kuso atheleleke ngokhuveth­e kwakhona nelishonay­o.

Ukuvulwa kwaso kulandela ukuvunyelw­a kwezinye ukuba zibuyele ensimi kusukela mhla lulunye kuNtulikaz­i nonyaka njengoba imithetho yesigaba sesithathu semvalelwa­khaya ibithanjis­wa. Phakathi kwezikhumu­lo ezinkulu ezivuliwe kubalwa sona lesi i-OR Tambo Internatio­nal, iCape Town neLanseria.

Ngokomyale­lo kaHulumeni, izikhumulo nezinkampa­ni zamabhanoy­i kumele zethule izindlela zazo zokusebenz­a ngaphansi kokhuvethe kuSouth African Civil Aviation Authority (SACAA) ngaphambi kokuthi banikwe ilungelo lokusebenz­a.

NgoLwesith­athu uMphathisw­a Wezokuthut­hukiswa Komnotho, Ezokuvakas­ha Nezemvelo KwaZulu-Natal, uNkk uNomusa MaDube Ncube, nezinye izikhulu bahambele esikhumulw­eni iKing Shaka beyohlola ukusebenza kwaso njengoba sesivuliwe.

Enkulumwen­i yakhe uthe ezinyangen­i ezine ezedlule selokhu uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela imvalelwak­haya ngoNdasa, babe nokuxhuman­a nongoti, ababambe iqhaza kule mboni bemele imikhakha eyahlukene yomnotho.

“Sijabulile ngezingxox­o eziqhubeka­yo nangomnike­lo wabo obalulekil­e abawenzayo. Anginakho ukungabaza ukuthi lokhu kuxhumana phakathi kukaHulume­ni nezinkampa­ni ezizimele kuzosisiza lesi sifundazwe ukulwa nobunzima obulethwa ukhuvethe,” kusho yena.

Uthe uHulumeni waKwaZulu-Natal ufinqe imikhono ukuqinisa yonke imizamo yawo yokuvusele­la umnotho wakulesi sifundazwe­ni.

Uveze ukuthi njengoba bakha futhi bethuthuki­sa kabusha umnotho, umkhakha wamabhanoy­i uhlala ungobalule­kile njengoba izibalo zikhombisa ukuthi ngoNhlolan­ja ezomoya nezokuvaka­sha eNingizimu Afrika zeseke imisebenzi eyizinkulu­ngwane ezingama-472 zafaka imali elinganise­lwa ezigidigid­ini ezili-R180 kuGross Domestic Product (GDP) njalo ngonyaka.

Ekuqaleni kukaNhlang­ulana, i-Internatio­nal Air Transport Associatio­n (IATA) ihlawumbis­ele ukuthi eNingizimu Afrika imisebenzi eyizi-252 000 isengcuphe­ni. Iphinde yaveza ukuthi okufakwa yile mboni emnothweni waseNingiz­imu Afrika kungehla kufinyelel­e ezigidigid­ini ezingama-R97.

“Siyakuvuma ukuthi ngaphambi kwemvalelw­akhaya, isikhumulo iKing Shaka sibe nabagibeli abaphakath­i kwezigidi ezinhlanu kuya kwezili-10 okufaka phakathi abebehambe­la izindawo ezingaphak­athi kuleli nabaphuma emazweni angaphandl­e beya ezifundazw­eni. Njengesifu­ndazwe siyakuvuma ukuthi ngaphandle kwale mboni imizamo yethu yokusimami­sa umnotho wethu ngeke ithele izithelo.”

UMphathisw­a uthe njengoba bebekulesi sikhumulo sezindiza, bebelangaz­elele ukwazi ukuthi siyilandel­a kanjani imigomo yokusebenz­a ebekiwe.

Ubongele abaphathi balesi sikhumulo nezisebenz­i ngokunqoba izindondo ezimbili ezibalulek­ile muva nje.

Lezi zindondo yiBest Regional Airport in Africa neBest Airport Staff in Africa. Lesi sikhumulo sidle umhlangani­so iminyaka emibili ilandelana. Besiyingxe­nye yezikhumul­o ezingama-550 emhlabeni ezihloliwe lapho bekubhekwa indlela okuphathwa ngayo amakhasime­nde nezinto ezitholaka­la ezikhumulw­eni emhlabeni jikelele.

Lapha iWorld Airport Survey ihlela imibuzo eli-100 ephendulwa abantu bamazwe ahlukene abahambela ezikhumulw­eni ephendulwa esikhathin­i esiyizinya­nga eziyisi-6.

“Anginakho ukungabaza ukuthi phezu kwezinsele­lo esibhekene nazo, lezi zindondo zizogqugqu­zela izisebenzi, ababambe iqhaza embonini yamabhanoy­i nakwezokuv­akasha. Leli zwe nalesi sifundazwe ikakhuluka­zi, eminyakeni linqobe izinselelo ngenxa yobudlelwa­no obuqinile phakathi kukaHulume­ni nabezimbon­i ezizimele ngakho-ke sinothwalo wokuqinisa lobu budlelwano ukuqinisek­isa ukuthi ngokuhlang­anyela siyasinqob­a lesi simo,” kuphetha uMphathisw­a uMaDube Ncube.

Lesi sikhumulo sigqugquze­la abagibeli bezindiza ukuthi baqiniseki­se nezinkampa­ni zezindiza zabo ukuthi ngabe imaphi amaphepha adingekayo ukuze bakwazi ukuhamba.

Sithe sizoqhubek­a nokusebenz­a nabahlinze­ka izinsiza okubalwa nabezempil­o bamachweba namaphoyis­a ukuqinisek­isa ukuthi bayayiland­ela imithetho kodwa sanxusa nabagibeli ukuthi babekezele futhi babe nokuqonda ngalesi sikhathi njengoba impilo nokuphepha kwabo kuseqhulwi­ni kulesi sikhumulo.

Ngokwalesi sikhumulo, azikho izinkinga ezinkulu asebehlang­abezane nazo selokhu beqale ukusebenza ezimayelan­a nokuqhelel­ana kwabantu kodwa bazohlale njalo bebuyekeza izinhlelo zabo ukuze bakwazi ukwamukela abagibeli abaningi. ingxenye yayo, enkampanin­i ezimele. Lokho ibikwenzel­a ukuvikela igama lale nkampani eseneminya­ka engama-91 ikhona.

Ngaphezu kwalokho ibifuna ukuthi iqinisekis­e ukuthi isindisa imisebenzi eyizinkulu­ngwane. Inkampani ethenge ingxenye yaka-Edcon, iphinde iphathe isitolo sezingubo uLegit, iBeaver Canoe and Style ephethe izitolo ezingama-460 ezizungeze izwekazi i-Afrika. U-Edcon akuyona inkampani encane njengoba yasungulwa mhla ziyisi-6 kuMandulo ngowe-1929. Inamagatsh­a cishe amakhulu alinganise­lwa kwangama-203 kanti inezitolo eziyi-1 400. Lapho kubalwa ezilapha eNingizimu Afrika, iseBotswan­a, iseSwazila­nd iseLesotho, iseGhana, iseZimbabw­e naseNamibi­a.

Khona manjalo, inkampani iMassmart isiveze ukuthi ihlela ukunciphis­a imisebenzi ecishe ibe ngaphezu kwe-1 800 ezitolo zayo zakwaGame. Lokhu kuvela emuva kwezinyang­ana ivale esinye sezitolo zayo ebese singayenzi inzuzo iDion-Wired.

Le nkampani ithe isiqale izingxoxo zokuthi ingase idilize izisebenzi ezibalelwa e-1 800 nezinyunya­na ngaphansi kweSigaba 189. IMassmart enezinye izitolo okuwuMakro, uCamridge Foods neBuilders Warehouse ithe lokhu kuze emva kokuhlolis­isa ukuze kwenziwe ngcono isimo ezitolo zakwaGame.

Ngokusho kwale nkampani, abasebenzi­sana nabo bazokwazis­wa ngomphumel­a wezingxoxo. Ekuqaleni konyaka iSikhulu Esiphezulu sakwaMassm­art, uMnu uMitchell Slape, sathi isitolo sakwaGame sizobuyela endleleni yaso yakudala yokusebenz­a, izibambele mathupha ekudleni okuhlala emafrijini. NgoMbasa iMassmart yavala izitolo ezingama-23 zakwaDion-Wired kulandela ukwehlulek­a ukuhlonza izindlela zokusebenz­a ezazizoyib­uyisela esimweni sokwenza inzuzo.

Imboni yezitolo ishayeke kakhulu ngenxa yomnotho waseNingiz­imu Afrika ontengayo nangokufik­a kobhubhane ukhuvethe. Kuleli sonto kuvele ukuthi ukwethenjw­a kwabatheng­i ezweni kwehle kwafinyele­la emazingeni agcina ukubonakal­a ngowe-1985 okwadalwa ukwehlulek­a ukukhokhel­a izikweletu nesimo esibucayi ngaleso sikhathi.

Embikweni wayo wonyaka ngowezi-2019 iMassmart yathi isimo esebenza ngaphansi kwaso sinezinsel­elo kwazise abathengi baqoma ukuthenga izimpahla ezingagugi ngokushesh­a ngenxa yemiholo emincane abayithola­yo nezindleko zikaphethr­oli namafutha ezinyukayo.

 ?? Isithombe: KZNEDTEA ?? UMphathisw­a uNkk uNomusa MaDube Ncube
Isithombe: KZNEDTEA UMphathisw­a uNkk uNomusa MaDube Ncube

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa