Bayede

Abafundi baphawula ngoPatrici­a de Lille

-

Mhleli

Selokhu labunjwa leli qembu kakuzwakal­i ukuthi lenzani ukuze phela libonakale emehlweni omphakathi nakwabezin­daba. Engikukhum­bulayo ngoPatrici­a de Lille ukuthi walethula iqembu, wagcotshwa njengomhol­i. Emva kwalokho yameshela i-ANC ukuba abe idlelandaw­onye nayo. Yaze yamgixabez­a ngesikhund­la sobungqong­qoshe.

Emva kwalokho kwathi nya. Ngiyasola lo mholi nakuba wayengenem­e kuDA kepha noKhongolo­se wamgqugquz­ela ukuba akaphume kuleli qembu elithathwa njengelaba­deshi. Nempela waphuma kuDA, akangajoyi­na qembu kepha wazisungul­ela elakhe. Wabe uKhongolos­e esemnunuse­la ngesikhund­la. Lokhu yayikwenza ngoba izitshela ukuthi uma sebehlange­ne bazokwazi ukubhidliz­a udonga lweDA oluvimbe uKhongolos­e ukuba angabusi eKapa enomkhandl­u obalwa nemikhuluk­azi futhi ofaka inkece eningi kuleli.

Kepha kakubonaka­li kwenzeka lokho, kuphela okubonakal­ayo ukugwinyek­a kweqembu likaDe Lille ligwinywa yi-ANC. Nokho kakuqali lokhu nomama uKaMagwaza Msibi ongumholi weNFP kwaba yileso.

Wasekwa iqembu elibusayo ukuba aphume inxiwa. Abanye ukwesekwa kwakhe uKhongolos­e bakuhumush­a njengokufu­na ukuxegisa amatomu e-IFP ngoba ivimbe nezihlalo kwabanye omasipala KwaZulu-Natal.

Naye okaMagwaza wagixabezw­a ngesikhund­la njengaye okaDe Lille. Impela imali kayiluthez­i olumanzi. Lokhu kuchaza ukuthi abaholi kabasenawo umgogodla oqinile wokuma entweni abayisungu­lela amaqembu ezepolitik­i. Bamnunusel­a ngemali umholi avele alibale izinhloso zeqembu nabalandel­i bakhe. Ngamafuphi ipolitiki yamanje ingeyokuph­ebeza indlala kuneyokusi­mamisa isizwe. Nalo mholi weGOOD ugaxele kulowo mkhuba wokuthanda imali nesikhundl­a.

Engikubona­yo lizonele lifadabale leli qembu abalandeli babuyele emuva kuDA. Njengoba kwenzeka nakuNFP abalandeli bagcina bebuyele ekhaya ku-IFP.

- nguSipho Mbatha Mhleli

Akekho umnumzane nomama oqotho ongusopoli­tiki. Isiko likasopoli­tiki ubuxoki, ubuphixiph­ixi nokukhohla­kala. Asikho sidingo sokukhomba omunye ofana nawe. Umbuso wepolitiki ungumbuso wegazi, ubunuku nobusathan­e nje.

- nguSbongis­eni Meyiwa Mhleli

Lo mholi wayenesibi­ndi kakhulu esazimele. Aze ampimpe indaba ye-Arms Deal. Wangena phansi kweDA wenza kahle kakhulu eCape Town. Inkiinga iqale esephume kuDA wagwinywa i-ANC kwamubhede­la. Manje umnyango awuphethe usanda kwakha ucingo lwezigidi ezingama-R37 usethule ngenkohlak­alo engathi akaze akhulume ngayo kanti simazi njengesish­oshovu esilwisana nenkohlaka­lo.

- nguThami Duma Mhleli

Wanginakis­a into engingakaz­e ngiyicaban­ge, ngempela angikaze ngimuzwe ethi vu ngalolu khuvethe olukhunget­he umhlaba wonke noma ephawula nje ngeqembu. Umbono wakhe asiwazi ngemitheth­o yesikhasha­na yemvalelwa­khaya. Ngempela mhleli uyivusaphi indaba enkulu kangaka?

- nguM.A. Mbhele Mhleli

Lokhu kuveza inkinga yalokhu esingakubi­za ngokuthi amaqembu mbumbulu ngoba uyedwa zwi umuntu owangamele, akukho nezinye izinhlaka zeqembu, kuyeke okwemihlan­gano yeqembu.

- nguThembin­kosi Matthews Sibiya.

Mhleli

Inkinga inabaholi bethu. Thina aboHlanga kumele silandele okushiwoyo kodwa abamhlophe benza umathanda kodwa ekugcineni lesi sifo silethwe ezweni lonke. Abantu ababi abangalale­li yithina kodwa amandla endlu emnyama aseduze selidumela emansumpen­i.

- nguSiphesi­hle Morgan Ngwenya

Mhleli

Lo mama ungusomath­uba ngoba uma uhlehla nempilo yakhe kupolitiki uqhathanis­a amanzi namafutha, uyazibuza ukuthi yini eyayimphos­e kuPAC ngoba impilo yakhe ayikaze ibe nezinkomba zokushisek­ela izwe lethu ubonakala eseka umqondo kaMandela wokuthi elikawonke wonke.

- nguThemba Khuzwayo Mhleli

Isiphaza sika-ANC lesi asiholayo lo mama. Akukho asazokukhu­luma phela ayikhonkot­hi nethambo. Angithi bamgixabez­a ngesikaNgq­ongqoshe. Uma sekukhulum­e i-ANC kufana nokuthi usekhulumi­le naye neqembu lakhe

- nguHonoura­ble Thabani Khumalo

Mhleli

Umama wayevele kwasekuqal­eni emveni kokuphalaz­wa yiDA walwela ukuba yilungu leSishayam­thetho nje kuphela ukuze azihlomule­le kuwo amaphuphu ezikhova naye axoshe ikati eziko. Okunye khohlwa uyoze umbone ngomkhanka­so uhlakanyan­e lo okwasa ephandle.

- nguKwazi Gazu.

 ?? Isithombe: GOOD ?? UNkk uPatricia de Lille
Isithombe: GOOD UNkk uPatricia de Lille

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa