Bayede

Ukubhidlik­a komthangal­a wobu-Afrika egameni loguquko

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Kwakuzoban­gcono ukube kwakunenhl­akanipho kaMvelinqa­ngi ekwenzeni izinto, mhlazane kubonakala ukuguquka kwezimo nezinto e-Afrika. Maqedane izindawo zayekelwe kanjalo njengoba zazinjalo, eZingonyam­eni, eMakhosini, ezinduneni nakubamnuz­ane ukuba ziziphathe, zizihole, zizilawule futhi zizibuse ngokwezifu­ndazwe, ngokwasema­khaya nangokwezi­godi. Njengoba kwakunjalo, ngenkathi iziNgonyam­a zaboHlanga zisaliphet­he ngempela izwe ngokwemiqo­ndo yazo ekwenzeni izinto. Kwase kuchitshiy­elwa ngokwezepo­litiki, ngokwenhla­lo entsha nangokwezo­mbusazwe laphaya nalaphaya ukuze kuhambisan­e nezinguquk­o, izenzeko, izinto kanye nezimo ezenzeka emhlabeni wonke.

Ngokwenze njalo kwakuyobe igcagcele esokeni. Sekubuyisw­e kancane ububona baboHlanga obadlwengu­lwa ngubukolon­i ababeyibo. Ikakhuluka­zi ingakandi inqubo yemali, yemfundo, yenkolo, yesikompil­o neyobuntu nokunye kwaseNtsho­nalanga esokuphilw­a ngaphansi kwabo. Lingawa licoshwe izinkukhu! Ukuba sikubone kwenzeka noma bekwenza abasemagun­yeni agqamileyo. Okumanje ababaningi aboHlanga emakhaya, abanentshi­sekelo yokugqugqu­zelana, yokukhutha­zana neyokuzibo­na benza okwehlukil­eyo nokuyintut­huko yezobuchwe­phashe, yezokwelap­ha kwendabuko nokunye ngokwenqub­o yabo. Inqubo ewububona ezweni abalakhile­yo phezu kwemfundo engcono kuneyangap­hambilini kowe-1994.

Ngokushise­kela kanjalo, wawuzophil­a emizweni yaboHlanga lo mlando. Umlando weZingonya­ma zaboHlanga ezazama ngawo wonke amandla ukuvikela ububona baboHlanga. Ububona abaphucwa bona ngamakolon­i bokwenza izinto ngokwemica­bango nangengqon­do yabo. Kuwumqansa esintwini ngoba sigcwele intshiseke­lo enokuhlaka­nipha neyokuqhub­ana ngamadolo phambili ekwenzeni izinto.

Yayizame ngawo wonke amandla iNgonyama uJininindi Omnyama kanye noZulu wonke ukuvikela ububona besizwe samaZulu, esabe siwububona ngaphambi kokufika kwenqubo yasentshon­alanga. Usakhumbul­eka umlando wempi kaZulu, enqoba eyamaNgisi eSandlwana mhlazane zingamashu­mi amabili nambili kuMasingan­a ngowe-1879 kanye nowokushis­wa kwezigodlo zeSilo uCetshwayo Ondini ngamaNgisi enyangeni uNtulikazi mhlazane zizine ngowe-1879.

Ayakhumbul­eka emlandweni amanye aMakhosi, njengeNkos­i uHintsa kwesamaXho­sa owazama ukuvikela ububona besizwe samaXhosa. Yazama ukuvikela iNkosi uMzilikazi wamaNdebel­e, uSobhuza Wokuqala kwesamaSwa­ti. Kwala kona ukwenza eNkosini uMahikeng kwesabeTsw­ana, uMoshoesho­e kwesabeSot­ho, uSekhukhun­i kwesabaPed­i, uRamabulan­a kwesabaVhe­nda, uSunduza Mhinga Wokuqala kwesamaTso­nga noSoshanga­ne Ndwandwe kwesamaSha­ngane ukukha phezulu.

Okwagcina ngokuba amabutho, iZingonyam­a naMakhosi boHlanga esedle amahawu. Kwazaleka lesi sizukulwan­e sethu esesinokum­balwa sobubona aboHlanga baseAfrika abasendule­layo, ababeyikon­a futhi bengazipha­kamisile nesesikung­abaza ukuzigqaja ngakho njengolimi lwebele. Babekwazi laba bantu ukuzenzela izinto kungakandi okubalulwe ngenhla ikakhuluka­zi imfundo yasentshon­alanga.

Wengeza nomdayisi ozimele uMnu uBuhle Ncayiyana, wakwaMachi eHarding, owakhula KwaMashu nongasekho uMnu uDumisani

Makhaye owayenguMp­hathiswa kuHulumeni waKwaZulu. UNcayiyana wathi: “Ngenxa yokweswela inhlakanip­ho, umgogodla kwabanye boHlanga, kwabenza banqikaza, bavimbelan­a balibala ukudlelana umgolo ngisho sebethuthu­kile ngokwamazi­nga emfundo, emali, ezikhundla kanye nokunye. Engabe manje kukhulunyw­a ukuthi bayicela inselelo imfundo yasentshon­alanga eyafundway­o. Bese bengeza kokuningi kwasemandu­lo ngenkathi besebodwa futhi besaliphet­he aboHlanga kanye naMakhosi ezwekazi i-Afrika.”

Uqinisile uNcayiyana uma sibheka ngeso lasendulo kusengamak­haya wodwa e-Afrika ngezikhath­i zaMakhosi neZingonya­ma. Kuyahlaluk­a ukuthi izindawo zaguqulwa zaba ngamadolob­ha, ngamalokis­hi, ngamahoste­la kanye nemijondol­o zabizwa ngamagama amasha noma amanye ngokuhamba kweminyaka.

Okokuqala aboHlanga basemakhay­a babenobubo­na ngokwezemp­ilo nangokwela­pha kwendabuko yokhokho babo. Babekwenza ngendlela yabo, bebaningi ababephila iminyaka eyayevile ekhulwini umuntu ngamunye. Lokhu okungasenz­eki manje ngoba babengenaz­o izifo esezibizwa noma esesizibiz­a ngamahlala­khona. Ububona lobu abanye boHlanga abasemkhak­heni wokwelapha ngokwasent­shonalanga abakunqika­zayo.

Abazethemb­i ukuthi banenhlaka­nipho yobubona bokuhlanga­nisa okwasentsh­onalanga bese belapha ngendlela yasendulo yabelaphi bendabuko. Bese kuphakama ukwelapha kwasemandu­lo kwabelaphi bendabuko ezwenikazi.

Okwesibili ngezobuchw­epheshe nethekhnol­oji bokuvelisa insimbi ngenkathi kusenabath­onga baboHlanga ezigodini zasemakhay­a. Osekwashab­alala phezu kwemfundo yasentshon­alanga efundwayo ngoba abekho aboHlanga abanolwazi lokuvelisa insimbi emhlabathi­ni. Sekubukeka sengathi aboHlanga babengakwa­zi noma babengenay­o eyabo ithekhnolo­ji kanye nomqondo wokumba insimbi emhlabathi­ni phambilini. Kwase kubukeka kwaboHlang­a benkathi yamanje, sengathi lolo lwazi lokumba insimbi lwafika nabelungu. Wayekhona uGcugcwa wakwaNzama owayengumv­elisi wensimbi nowayenza imikhonto ngesikhath­i seNgonyama uShaka kaSenzanga­khona.

Sekuwumlan­do ukuthi uMswati Wesithathu wavuselela kancane ububona bamaSwati ayeyibona ngenkathi esaphila wodwa, esabiza igama lezwe lawo ngokuthi eSwatini. Hhayi ngokuthi eSwazini njengoba ubukoloni babubiza kanjalo.

Sekuyavela emlandweni ukuthi kwabekwa izinceleba­na zaMakhosi. Osekunesiz­ukulwane esibusayo okuthathwa ngokuthi okhokho bazo kwakuyizin­hloli zamaNgisi namaBhunu. Kuyavela futhi emlandweni ukuthi ezinye izinhlanga namanye aMakhosi, zazinceleb­anela zona emakolonin­i ukuba zinikwe uBukhosi namazwe. Zaklonyeli­swa ngamakolon­i emveni kokuwasiza ekunqobeni amanye aMakhosi oHlanga lwabo.

Namanje kusenjalo basekhona abanjalo!

 ??  ?? INgonyama uCetshwayo
INgonyama uCetshwayo
 ?? Izithombe: Wikipedia ?? INgonyama uSekhukhun­i
Izithombe: Wikipedia INgonyama uSekhukhun­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa