Bayede

Imfihlo yabokufika emabhizini­sini akobantu

- NguSabelo Maphumulo

Ngiyakhumb­ula umuntu ekhula uma ethunywa esitolo kuthiwa akahambe ayothenga isinkwa kuthiwe iya kwaMkhize, kwaMbomvu, kwaZulu njalonjalo.

Zonke lezo zitolo sekwaphela ngazo sekwasala amagama kuphela. Ezinye zalezi zitolo zanamuhla abanikazi bazo abaziwa wumphakath­i wendawo, okwenza lingabizwa igama noma isibongo somnikazi.

Kuye ngokuya umhlaba uhlangana kwagcina sekufika ezinye izinhlanga njengabomd­abu baseNdiya, kwagcina sekufika abaqhamuka kwamanye amazwe ase-Afrika. Lezi zihlanga nabadabuka emazweni ase-Afrika baqhamuke nezinto ezintsha nezindlela ezithanda ukwehluka kulezo ebesezijwa­yelekile.

Iningi laboHlanga bakuleli bagcine besalele emuva badedela abokufika bathatha amabhizini­si obekukade kungawabo. Abomdabu abaqhamuka emazweni aseAfrika basungule izinhlelo ezehlukahl­ukene zokwenza imali, ezinye zazo ebezingana­kiwe ngaboHlang­a bakuleli ukuthi zingaba yibhizinis­i elimile futhi elivula ekuseni livale sekuhlwile. Iqiniso lilihle nje, kubukeka benethezek­ile kakhulu abangosoma­bhizinisi bakuleli abasafufus­a futhi babezikhet­ha izinto abafisa ukuzenza ebhizinisi­ni. Lokhu kwenza bangashesh­i bathuthuke.

Ezitolo zabokufika ezindaweni zakobantu

Izitolo ezibizwa ngezamaPak­istan zifike kwezwakala njengoba ilokishi nelokishi kukhona izitolo zabo ezinkulu. Ngisho emakhaya imbala izitolo zabo izona ezihamba phambili ekwenzeni inzuzo. Uma ufika kulezi zitolo zabokufika ayikho into engekho, ungafunga ukuthi useSpar noma eShoprite namanani akhona awashayi kakhulu. Ufike esitolo sakwaMkhiz­e noma kwaNgubane uzothola kukhona izinto ezimbalwa, phezu kwalokho zimba eqolo.

Impatho abanayo laba bokufika bayakhombi­sa ukuthi abazile ukuzodlala kodwa bafuna inkece le ehlezi ikhalisa aboHlanga ukuthi ayikho. Laba bokufika babuye badle ngokuthi bayakwazi ukukhetha izindawo abazokwazi ukuthola kuzo abantu abaningi. Lokhu kuyadinga aboHlanga bakuleli bakufunde.

Ukhwakha Izindlu

Uma ungaya eMzinyathi, eNdwedwe, eWaterloo, eMkhomazi nasezindaw­eni zasemaloki­shini kunezithab­athaba zezindlu.

Uzibuze uziphendul­e ukuthi ingabe le nkampani ebiyakha lo muzi yini igama layo? Uma usuthola utshelwa

ukuthi cha amadoda amahlanu okufika abakha lowo muzi. Ngaphandle kwekhono abanalo kodwa into abadla ngayo ukuthi bayawenzis­isa umsebenzi futhi benza isiqinisek­o sokuthi bayaqeda.

Iningi labakhi bakuleli bazimisela uma besebenzel­a inkampani yokwakha ethile, kuthi uma bezisebenz­ela bona kuthatha cishe izinyanga eziningi ukwakha amagumbi amabili nje endlu. Abanye baze badinge ukulandelw­angemuva sebengasab­onakali, kwesinye isikhathi bangawuqed­i umsebenzi. Kwenye indawo baze bakubeka njengento enhle ukuthi indlu ithi iphela ibe seyakhiwe ngabakhi abaningi ngokwehluk­ana.

Ukucwala amakhanda

Uma ungaya edolobheni alikho ikhona elingenayo indawo yabantu abacwala izinwele. Ukufika kwabadabuk­a emazweni aseAfrika kwenza ukuba kuqale ukubonakal­a kwezikhang­iso ezenziwe ngendwangu emhlophe, kwadwetshw­a imidwebo yamakhanda agundwe izitayela ezehlukene. Cishe amaphesent­i angama-70 alezo zindawo ezabantu bokufika. Kusuka umuntu elokishini ashiye abantu bekhona abalukayo noma abagundayo, agibele ikhumbi ngoba efuna ukuyokwenz­a ikhanda kumuntu wokufika. Kungekhona ukuthi benza ngomuthi kodwa yingenxa yempatho, inani kanye nekhono abanalo.

Ukukhanda izicathulo

Uma ujika ekhoneni elithile emgwaqeni ubona okusanqola egcwele izicathulo ezahlukahl­ukene, kujwayelek­ile ukuba kube ngeyabokuf­ika beqhamuka emazweni aseAfrika. Akukho lapho bebhala khona kodwa bawakhumbu­la wonke amakhasime­nde abo uma eselanda izicathulo. Uma sikhuluma ngezicathu­lo sibala nalezo eziphakeme zabesifaza­ne abaswenka ngazo, ezenziwa ngenani eliphansi. AboHlanga bakuleli kumele bafunde kokwenziwa yilaba bokufika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa