Imfihlo yabokufika emabhizinisini akobantu
Ngiyakhumbula umuntu ekhula uma ethunywa esitolo kuthiwa akahambe ayothenga isinkwa kuthiwe iya kwaMkhize, kwaMbomvu, kwaZulu njalonjalo.
Zonke lezo zitolo sekwaphela ngazo sekwasala amagama kuphela. Ezinye zalezi zitolo zanamuhla abanikazi bazo abaziwa wumphakathi wendawo, okwenza lingabizwa igama noma isibongo somnikazi.
Kuye ngokuya umhlaba uhlangana kwagcina sekufika ezinye izinhlanga njengabomdabu baseNdiya, kwagcina sekufika abaqhamuka kwamanye amazwe ase-Afrika. Lezi zihlanga nabadabuka emazweni ase-Afrika baqhamuke nezinto ezintsha nezindlela ezithanda ukwehluka kulezo ebesezijwayelekile.
Iningi laboHlanga bakuleli bagcine besalele emuva badedela abokufika bathatha amabhizinisi obekukade kungawabo. Abomdabu abaqhamuka emazweni aseAfrika basungule izinhlelo ezehlukahlukene zokwenza imali, ezinye zazo ebezinganakiwe ngaboHlanga bakuleli ukuthi zingaba yibhizinisi elimile futhi elivula ekuseni livale sekuhlwile. Iqiniso lilihle nje, kubukeka benethezekile kakhulu abangosomabhizinisi bakuleli abasafufusa futhi babezikhetha izinto abafisa ukuzenza ebhizinisini. Lokhu kwenza bangasheshi bathuthuke.
Ezitolo zabokufika ezindaweni zakobantu
Izitolo ezibizwa ngezamaPakistan zifike kwezwakala njengoba ilokishi nelokishi kukhona izitolo zabo ezinkulu. Ngisho emakhaya imbala izitolo zabo izona ezihamba phambili ekwenzeni inzuzo. Uma ufika kulezi zitolo zabokufika ayikho into engekho, ungafunga ukuthi useSpar noma eShoprite namanani akhona awashayi kakhulu. Ufike esitolo sakwaMkhize noma kwaNgubane uzothola kukhona izinto ezimbalwa, phezu kwalokho zimba eqolo.
Impatho abanayo laba bokufika bayakhombisa ukuthi abazile ukuzodlala kodwa bafuna inkece le ehlezi ikhalisa aboHlanga ukuthi ayikho. Laba bokufika babuye badle ngokuthi bayakwazi ukukhetha izindawo abazokwazi ukuthola kuzo abantu abaningi. Lokhu kuyadinga aboHlanga bakuleli bakufunde.
Ukhwakha Izindlu
Uma ungaya eMzinyathi, eNdwedwe, eWaterloo, eMkhomazi nasezindaweni zasemalokishini kunezithabathaba zezindlu.
Uzibuze uziphendule ukuthi ingabe le nkampani ebiyakha lo muzi yini igama layo? Uma usuthola utshelwa
ukuthi cha amadoda amahlanu okufika abakha lowo muzi. Ngaphandle kwekhono abanalo kodwa into abadla ngayo ukuthi bayawenzisisa umsebenzi futhi benza isiqiniseko sokuthi bayaqeda.
Iningi labakhi bakuleli bazimisela uma besebenzela inkampani yokwakha ethile, kuthi uma bezisebenzela bona kuthatha cishe izinyanga eziningi ukwakha amagumbi amabili nje endlu. Abanye baze badinge ukulandelwangemuva sebengasabonakali, kwesinye isikhathi bangawuqedi umsebenzi. Kwenye indawo baze bakubeka njengento enhle ukuthi indlu ithi iphela ibe seyakhiwe ngabakhi abaningi ngokwehlukana.
Ukucwala amakhanda
Uma ungaya edolobheni alikho ikhona elingenayo indawo yabantu abacwala izinwele. Ukufika kwabadabuka emazweni aseAfrika kwenza ukuba kuqale ukubonakala kwezikhangiso ezenziwe ngendwangu emhlophe, kwadwetshwa imidwebo yamakhanda agundwe izitayela ezehlukene. Cishe amaphesenti angama-70 alezo zindawo ezabantu bokufika. Kusuka umuntu elokishini ashiye abantu bekhona abalukayo noma abagundayo, agibele ikhumbi ngoba efuna ukuyokwenza ikhanda kumuntu wokufika. Kungekhona ukuthi benza ngomuthi kodwa yingenxa yempatho, inani kanye nekhono abanalo.
Ukukhanda izicathulo
Uma ujika ekhoneni elithile emgwaqeni ubona okusanqola egcwele izicathulo ezahlukahlukene, kujwayelekile ukuba kube ngeyabokufika beqhamuka emazweni aseAfrika. Akukho lapho bebhala khona kodwa bawakhumbula wonke amakhasimende abo uma eselanda izicathulo. Uma sikhuluma ngezicathulo sibala nalezo eziphakeme zabesifazane abaswenka ngazo, ezenziwa ngenani eliphansi. AboHlanga bakuleli kumele bafunde kokwenziwa yilaba bokufika.