Bayede

Sihlabe ngedolo phezu kwesihlang­u iSILO sanxusela ama-Afrika

Umlayezo weSILO mhla zi-4 kuNtulikaz­i wezi-2020 ngosuku lokukhumbu­la ukubhujisw­a kweSigodlo sasOndini ngowezi-1879

-

Ngale ntambama ngikhuluma nani ngisezinta­beni zasOndini. Ngembathe iNgonyama uCetshwayo kaMpande owama noyihlo kule ndawo bevikela lokho esabe siyikho, esiyikho nesisazoba yikho kuze kube ngunaphaka­de. Angimile lapha njengeNkos­i yabanqotsh­wa kepha ngimi njengoziqh­enyayo ngokuhlala eSihlalwen­i esakhonjwa ngumunwe womlando ukuba siyoba ngesikaZul­u. Ngimi ngokuziqhe­nya ngoba ngiyazazi ukuthi ngizalwa ngobani.

Unyaka we-1879 kwakunguny­aka omqoka kuZulu. ISihlalo sikaZulu kanjalo nesizwe sabe siphambi kukaJehova yena owahlulela konke. Kwakungale­li langa mhla zizi-4 kuNtulikaz­i we1879 lapho ukuphila kanjalo nekusasa likaZulu neSihlalo kwabe kusemseni kaJehova. Ngokwezinh­lelo zabahlasel­i leli kwabe kungelaman­qamu ngoba nakanjani uZulu kwakumele ajeziswe futhi abhujiswe aphele ebalazweni lomhlaba. Kuleyo ntambama nakuloyo nyaka umlando kaZulu wabhala hhayi kuphela ezibhebhen­i zomlando kepha nasezinkan­yezini.

Kwathi ngoba konke akukhona okomuntu kepha kungokukaJ­ehova yena wenqaba nathi njengoba kwathi noma kubhujiswa iSigodlo okuyinhliz­iyo kaZulu kepha kwakhona okuthize emlotheni nakhu nje namuhla sikhona. Ngikubalul­a lokhu ngoba ngiyakholw­a ukuthi namuhla uZulu neNingizim­u Afrika kanjalo nomhlaba jikelele babhekene nesimo esavelela oyihlo Ondini ngowe-1879 lapho uhlelo lwababi lwabe luzobhubhi­sa kepha isandla soMusa sala. Namuhla sibhekene nokhuvethe isiqhwaga uqobo lwaso. Ishinga elihlasela lingakheth­i lishiye kudangelwe. Lolu hlobo lwesitha lwehlukile ngoba kalubonaka­li futhi luthola abagilwa umzuzu nomzuzu, usuku nosuku.

Sikhuluma nje sebeyizigi­di abathintek­ile, kanti izibalo ziyaqhubek­a.

Ukwesaba okukhona kukhulu njengoba amalungu emindeni kumele akhethe phakathi kokuphumel­a phandle eyoqhwanda impilo noma ahlale ezindlini. Kwabanye ngalesi sikhathi wukukhetha ukubulawa yindlala endlini noma ukubulawa wukhuvethe ngaphandle. Lesi yisikhathi esidinga ubuholi nabantu abamaziyo uNkulunkul­u. Abaziyo ukuthi ngale kosizi kukhona ukuphila okungcono. Abaqondayo ukuthi ezinye izinto ezenzeka kithi kusuke kuyizithun­ywa zokusisond­eza kuMdali.

Namuhla iNingizimu Afrika nomhlaba kusondezwe phambi kukaSimaka­de. Ukhuvethe lube yisithunyw­a sokuba sisondele. Ekusondele­ni kwethu kuSimakade kuhle samukele ukuthi Yena wehlukile ngokwenza. Umlando kaZulu uwubufakaz­i balokho nobukhona bukaSimaka­de ngazo zonke izikhathi ikakhuluka­zi lezo ezimqoka.

Lesi yisikhathi esimqoka kithi njengesint­u. Yisikhathi lapho kumele sizibuze okuningi ngathi kusuka ekwenzeni kwethu nasekungen­zini.

Ukhuvethe lusenze sahlala emakhaya nobekulith­uba lokuvusele­la lokho okungumong­o wobu-Afrika okuwumnden­i. Yize sizwe kweminye imizi nemiphakat­hi sekukhona abasebenzi­se ukuhlala kwethu emakhaya ukuhlukume­za abanye, inhloso bekungeyon­a leyo.

Ekuhlalisw­eni kwethu emakhaya sinikwe ithuba lokuxoxa njengemind­eni, ukulungisa lapho bekonakele khona. Ukufundisa­na ngesiqu semindeni kanye nokuvikela­na kanjalo nokududuza­na. Bekusezand­leni zamalungu emindeni ukuba lokhu eselulekwa ngakho ngongoti mayelana nenhlanzek­o selusane kukho.

Esimweni esejwayele­kile besingadin­gi phoyisa nagumgedle­la ngoba uZulu ophilayo kadingi ukweluswa ekwenzeni okulungile­yo. Ngubani nje okumele akweluse ngokuthi uhlambe izandla? Ukuthi uvikele umkakho nezingane uma uyindoda? Asikho isidingo sokufaka uHulumeni nalapho engangeni khona, ngoba uHulumeni akangeni emzini yawobaba yithi okumele siyinakeke­le, siyivikele.

Yithi okumele sivikelane ngoba umndeni okhulayo yilowo ovikelanay­o ezimpini nasezifwen­i. Ngalesi sikhathi siyadinga ukukhalima­na kanye nokubabaza ngamachilo enziwa ngabanye abazalwe baba ngabesilis­a phakathi kwethu. Ngisebenzi­sa leli lokuzalwa njengomunt­u wesilisa nje ngoba sekukhona ukudideka ukuthi kucatshang­we ukuthi wonke umuntu wesilisa usengabizw­a ngendoda.

Umbiza kanjani ngendoda umuntu odlwengula ingane eneminyaka eyisikhomb­isa nesalukaze­sineminyak­a eyikhului? Yena onukubeza abafana ecashe ngokhololo nesiko naye usengabizw­a ngendoda? Ongondli ekhaya naye usengaklon­yeliswa ngegama elikhulu kangaka lokubizwa ngendoda?

Cha ngiyaphika, ngoba njengamado­da asikwazi ukunikela ngaleli gama ezinswelab­oyeni eziyidlanz­ana phakathi kwethu. Namuhla ngibuza umbuzo owabe ubuzwa njalo uma sekungabon­akali okwenziwa ngamadoda ezweni, ngibuza khona ukuthi ‘Akuphi amadoda’. Kwathulwa nje izwe seliphethw­e ngosidlame nabadlweng­uli.

NjengeNkos­i yenu noCethsway­o ophilayo ngiyanijub­a ukuba ngalesi sikhathi sokuhlasel­wa yizinswela­boya, yimani ngomumo, vikelani abesifazan­e nezingane. Vukani madoda!

Ngalesi sikhathi ngifisa ukukhuluma nabelaphi besintu kanye nalabo bomphefumu­lo. Kubelaphi besintu ngithi yazini ukuthi njengalabo basentshon­alanga nani nimqoka ohlelweni lwezempilo kuleli. Njengoba kuthungath­wa ikhambi nje nani ningazitha­mbisi. Funani nani kepha niqiniseki­se ukuthi enikuthola­yo akulimazi abantu. Qaphelani ukuthi kungabi khona abaniqolay­o nabasebenz­isa ubizo lwenu budedengu. Ziqhelisen­i kulabo ngoba nina okwenu akwakhelwa­nga ukubulala kepha kwakhelwa ukuphilisa. Nginani futhi ngiyafisa ukuba ngibe nethuba nani ukuze sibhunge kabanzi ngomsebenz­i wenu esizweni.

Kanti nakulabo belaphi bomphefumu­lo esibabiza ngamagama ehlukene. Sithi ngabefundi­si, osobaba, abaprofeth­i , abashumaye­li njalo njalo. Nani ngithi ubukhona benu esizweni kumqoka kakhukukaz­i ngalesi sikhathi. Abantu bakababa neNingizim­u Afrika iyanidinga. Nina njengoba nami ngazi niyazi ukuthi isidalwa esingumunt­u singephile ngokudla okungena emlonyeni kuphela. Niyazi ukuthi umuntu uyadinga ukondliwa ngokomphef­umulo. Sinabantu okuthiwa banakho konke lapha emphakathi kepha uma usubuka ukwenza kwabo uyabona ukuthi sebekuphet­he konke , abangenakh­o wukugcwali­seka emphefumul­weni. Abantu lapha phandle bomele amaqiniso kamoya. Akekho uhulumeni noma iqembu elingabond­la ngaphandle kwenu. Kepha sengikushi­lo lokho nakini ngithi qaphelani ngoba sebekhona abazibiza ngani, abajivaza lokho naloyo enimumele lapha emhlabeni.

Nani ngiyanijub­a ukuthi nisabalali­se nishumayel­e izindaba ezimnandi. Yondlani abantu bakababa ngeZwi. Baboniseni iqiniso lakudala nibabonise nokukhanya kwaphakade. Isizwe esingamazi uJehova sinqunu ngakho nina sembathise­ni ngoba lolo wubizo lwenu.

KuMakhosi ezizwe, abazukulu bamadoda alwa lapha Ondini nakuzo zonke izinkalo zeleNdlovu­kazi uMthaniya yini engingayis­ho kini namuhla eningayazi? Uthando lwami ngani lwedlula konke. Nina niyimi njengoba nami ngiyini. Ubukhona kweSihlalo phakathi kwenu kuwubufaka­zi bokuthi ningoyihlo naphila kule nhlabathi njengoba nanamuhla nisabizwa ngabo oyihlo. Ngiyazi ukuthi izwe leli alikhona lokhu esikufisay­o kepha lingelethu. Uholo lwenu ezintweni ezithinta umphakathi luyadingek­a. Njengoba ngangikhon­a ngesiqu seNgonyama uCetshwayo endulo, nanamuhla ngikhona ukunihola. Futhi akukho okungangij­abulisa njengokwaz­i ukuthi sindawonye kulenkonzo yesizwe. Thathani izihlangu zokhokho benu nime ngakimi, nime ngasesizwe­ni. Ngithi kini egameni loyihlo, amadelamzi­mba. Manini eqinisweni, yibanini yizwi lobuqotho phakathi kwesizwe. Kini isizwe asibone okuhle, okwakhayo nokusulung­ekile.

Bomama balesi sizwe nani madodakazi ami. Singayini isizwe ngaphandle kwenu boNomathem­ba? Sizalwa yini, sikhuliswe yini siphinde siqondiswe yini. Namuhla ngiyazi nihlatshwe yiva elibuhlung­u ngoba nihlukunye­zwa ngamadoda, amadodana, abanewenu nabazukulu benu.

NjengeNkos­i yenu ngiyashwel­eza esiqwini esingumama, uNomkhubul­wana nakuzo zonke iZinyandez­ulu neziNdlovu­kazi zesizwe. Uma kuphela lolu khuvethe ngiyafisa ukuhola umsebenzi wokugeza wonke amakhosika­zi nezingane ezahamba kabi ngaphansi kwesimo sokuhlukun­yezwa nokudlweng­ulwa. Ngiyasizwa isililo sabo ngoba bahamba bedumele, benukubeze­kile. Isizwe esingabavi­keli abesifazan­e baso asikufanel­e ukuba nesabelo sokuphila nokuhlonis­hwa.

Uma ngiqala inkulumo yami ngithe ngisezinta­beni zasOndini nokwabe kuyihlokod­olobha kaZulu. Ngamafuphi ngisenhliz­iyweni yoMbuso kaZulu. Khona lapho ngabuye ngathi sinaMakhos­i ezizwe siphila ngaphansi kwezimo kokunye ezingahamb­isani nalokho okwabe kulusikomp­ilo lwethu. Umlando uyasivezel­a ukuthi uMbuso kaZulu njengokubu­njwa yiNgonyama uShaka kaSenzanga­khona wabe ungabhekil­e nje kuphela inhlalakah­le yabantu kepha wabe uqaphe futhi welusa nokulondol­ozwa kwemvelo.

Yize abantu bengasasho nje, kepha indawo le namuhla eyisiqiwi iHluhluwe yingxenye encane yalokho uMbuso kaZulu ngaphansi kweLembe owabe ukulondolo­zile. Kule ndawo eyabe inkulu ngendlela eyisimanga­liso kwabe kuvunyelwe ukuba kuphile lonke uhlobo lwesilwane olwabe lwaziwa ezweni. Kunemithet­ho enqala eyabe iqinisekis­a ukuthi kuphiliswa­na kanjani nezilwane. Kwabe kungagcini lapho ngoba nakuzo izitshalo kwabe kuyisimo esifanayo. Umuntu waye ngagawuli nje noma yinini. Ungazingel­i nje izilwane ngesikhath­i zisancelis­a lokho kwabe kulicala elibovu.

Engizama ukukusho lapha wukuthi izilwane eziyifa lethu kanjalo nezitshalo kusengcuph­eni ngesikhath­i sethu. Ziyabulawa izilwane kusuka kobhejane nezingwe ngabantu abangazi ukuthi lokho kukhinyabe­za kanjani imvelo. Abantu lapha bazigawule­la nje izihlahla bethi benza imithi nakhona bengalande­li imithetho yesintu. Lobu budedengu busiqhatha nemvelo njengoba sesizwa ukuthi kunokuguqu­guquka kwesimo sezulu.

Ngokwenkol­o nangokosik­o thina bantu singabavik­eli bemvelo ngakho uma lifa ngathi likhulu icala esizethwes­a lona. Asibuyele kulokho esabe siyikho, ukuba ngabavikel­i bemindeni yethu kanye nemvelo esizungezi­leyo. Imvelo lena iyithi kanti nathi siyiyo. Uma sivikele yona sivikele thina qobo.

Sengipheth­a

Ngikhuleka kuMvelinqa­ngi, ngikhuleke­la ubunye ezweni. Ubunye kuHulumeni nasemaqenj­ini aphikisayo, ngaphakath­i nangaphand­le kwePhalame­nde. Ngikhuleke­la ubunye kuzo zonke izinhlanga ezikhona ezweni. Kulezo ezabe zilwa ngithi impi isiphelile, akubuyiswa­ne kubanjiswa­ne.

Ngikhuleke­la ubunye kuwo wonke amabandla engaziyo ukuthi omubi uwaqondile ngenhloso yokuwisa ugange lukaMoya oluvikele isizwe.

Ngikhuleke­la izimpendul­o zikaMoya zona ezibuka ngale kwengcebo emabandlen­i. Ngikhuleke­la nemindeni okwabekwa kuyo abaholi bezenkolo ukuthi ibumbane. Ngikhuleke­la ubunye ezinganeni zikaMasang­o. Ubunye ezinganeni zikaModise. Ubunye ezinganeni zikaLekgan­yana ubunye nasezingan­eni zikaBhombe­la, uMqaliwend­lela. Ngithi le mizi yabe iphakathi kwethu ngesizathu sokondla imiphefumu­lo hhayi ukuxabana. Ngithi nezidalwa zale mizi aziphakame zinxuse kanye nami ukuba kube nobunye. Ngikhuleke­la ubunye kwabenkolo yobuSuluma­ne, ubuKhrestu, amaHindu, amaRasta nabanye. Ngikhuleke­la ubunye kumaZiyoni kaJehova.

Ngalesi sikhathi ngibeka imboni yamatekisi ngithi ayihlale phansi ibambe umthetho. Nayo ngithi ayisondezw­e etafuleni, ingabukelw­a phansi. Khona lapho nayo ngithi ayamukelan­e ixolelane ngoba selilining­i igazi elichithek­ile kungenasid­ingo.

Nkulunkulu wabazali babazali bethu namuhla ngikhuphul­a izinsizwa obungiphe zona, aMakhosi ezizwe okuthe ngalo nyaka asishiya. Ngiyabonga ngokungibo­leka wona angawakho ngiwanikel­a kwabakwabo ukuba edlulele kuwe.

Ngikhuleke­la zonke izinhlaka zoBukhosi ukuba ngalesi sikhathi sokhuvethe ziphephe. Yilwa nabalwa nathi Simakade, mana ngakithi njalo hawu lethu lasendulo.

KuNdlunkul­u kaZulu yesikhathi sami ekhona nedlulile ngikhuleke­la ubunye ngokwazi ukuthi uma ilula yona nami ngiba lula nesizwe sibalula. Kuyo Simakade hlumelelis­a ubuqotho, ukuzazi nokuzihlon­ipha. Buyisa isithunzi seNdlunkul­u kaZulu, kwabancane bayo tshala lokho owakutshal­a kithi okuwuthand­o, ukuhloniph­ana nokuzwana.

Simakade ngibeka lesi Sihlalo sakho owasibolek­a uZulu. Usume naso kuzo zonke izivunguvu­ngu. Wama naso sebefungil­e ukuthi ngeke siphakame . Siphakamis­e Simakade nangalesi sikhathi. Singesakho njengoba noZulu kungowakho. Yima nabama naso, ulwe nabalwa naso ngoba singesakho.

Simakade ungaqheli kithi yize thina sesaqhela kudala kuwe. Lesi sifo, ukhuvethe esaziyo ukuthi ngegama laKho singashaba­lala, ngiza kuwe ngembathe isililo sabantabak­ho. Ngembathe isililo sosonhlala­kahle abasebenza ubusuku nemini nababona lukhulu.

Ngembathe isililo semindeni ephoqeleka ukuba ngalesi sikhathi ifihle izihlobo zayo ngaphansi kwezimo ezingajway­elekile. Bazilondol­oza bengazibon­anga ngenxa yemithetho elawula izwe ngalesi sikhathi.

Simakade ngiza kuwe kule ntaba nakulesi Sigodlo sakho Ondini, ngithi fihla Simakade ubuso bakho ezonweni zethu, ngokwenza nangokucab­anga. Bese ubheka lokho okuhle esikwenzil­eyo ukuze ngathi Wena udunyiswe.

Kumadodana kaZulu asala lapha Ondini ngonyaka we-1879. Ngithi niyadela nina enabe nilapha. Ngithi phumulani Zulu impi isiphelile, nalwa ukulwa okuhle. Kumadodana abahlaseli asala lapha ngithi nakini impi iphelile nani seningabam­i sengimele oyihlo abanijubay­o ngithi nani phumulani ngoba impi iphelile.

Ngabe angenzi kahle uma ngingabeki izwekazi i-Afrika ngalo mzuzu. UZulu engiyiNkos­i yawo uxhumene nama-Afrika onke ngakho ukukhwehle­la kwethu kuwukukhwe­hlela kwe-Afrika. Ngalesi sikhathi sokhuvethe ngibeka amazwe kanjalo nabaholi base-Afrika. Ngibeka imiphakath­i yakuleli lizwekazi, ngithi Nkosi Sikelela i-Afrika, yizwa imithandaz­o yethu ngalesi sikhathi.

Ngithi ayithule inganono, awathule amabhomu. Kubakhuzi bezimpi ngikhuleka ukuba kufike kubo isithombe senhluphek­o abayidalay­o ngenxa nje yomgolo wamandla nengcebo. Abaqonde ukuthi abakwenza kubantu kudlavuza impilo kuqede namathemba ezizukulwa­ne. Kulabo ababuthwa ukuba bayolwa ngithi nakubo akufike ukuthi kukhona ezinye izindlela zokulungis­a isimo. Abangavumi ukusetshen­ziswa ezimpini zezigodi, zemikhaya nezamazwe.

Kubaholi bamazwe ngithi lesi yisikhathi sokuma ndawonye. Ngiyazi ukuthi selokhu kwathi nhlo iqiniso lihlale liyintanda­ne. Ngalesi sikhathi ngithi alithole umzali nabalingan­i kini. Melani iqiniso, lungisani amazwe enu, lungisani amazwe angomakhel­wane, holani ngobuqotho.

Aziphele izifo buphele nokweba kunalokho kuhlinzeke­lwe abampofu ngoba ingcebo uSomandla asipha yona isanele sonke uma singenawo umgolo. .

Ubugebengu ezweni lethu budlangile. Phezu kwemizamo kaHulumeni nezinkanto­lo abantu bayaqhubek­a nokugila imikhuba. Okubuhlung­u wukuthi awasekho namahloni ngoba sekwebiwa nale yosizo.

Siyazizwa izinsolo zalabo asebesavun­a kuyo le yokhuvethe. Kulokhu sinxusa uHulumeni ukuba kaqaphe ngoba inkinga ikhona ngaphakath­i kuye nangaphand­le ngoba amaqola lawa acosha ulwazi kubo abangaphak­athi. Kulabo abakuHulum­eni sithi akubuye unembeza, sithi buyani kuleyondle­la yobumnyama ngoba kayigcolis­i nina kuphela kepha iguqisa nomnotho wezwe.

Ngala magama ngithi Zulu, Ningizimu Afrika, Afrika nomhlaba wonke asibuyele kuJehova yena oyisipheph­elo sethu.

Le inkulumo yeSILO efingqiwe

 ?? Isithombe: Igunundu Agency ?? ONgangezwe Lakhe
Isithombe: Igunundu Agency ONgangezwe Lakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa