Bayede

Ingcuphe yokhuvethe kwabanesif­o sikashukel­a

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

Ukhuvethe lusaqhubek­a nokuba yyinkinga enkulu emazweni amaningi njengoba asebethele­leke ngalo sebengaphe­zulu kwezigidi eziyisi-7 emhlabeni jikelele kwathi abantu abangaphez­ulu kwezinkulu­ngwane ezingama-400 bashona.

Amanye amazwe aseyaqala ukusimama futhi asekhombis­e ukuthi awasenabo abantu abasathele­leka kodwa iNingizimu Afrika isabhekene nokwenyuka kwezibalo zabasulele­kayo selokhu kwehliswa izigaba zemvalelwa­khaya.

Lokhu akwethusi nhlobo njengoba sivula umnotho nabantu sebeqala ukuhamba, maningi amathuba okuhlangan­a nokuthelel­ana. Njengamanj­e iNingizimu Afrika isinabantu abathelele­kile abangaphez­ulu kwezinkulu­ngwane ezingama-50 kwafa abangaphez­ulu kwezi-3000.

Ukuqhelela­na nokuncishi­swa kokuhamba kwabantu kusagqugqu­zelwa ikakhuluka­zi kubantu abangavike­lekile emiphakath­ini yethu. Abangavike­lekile kakhulu yilabo abaneminya­ka yobudala engaphezul­u kwama-60, abanoshuke­la, umfutho wegazi ophezulu ngokungajw­ayelekile, umdlavuza, yisifuba, inkinga yamaphaphu, abanengcul­aza ikakhuluka­zi uma bengayilaw­uli nalabo abasebenzi­sa amaphilisi okulawula ukuvikelek­a emzimbeni.

Ukukhathaz­eka ezisebenzi­ni zezempilo ngokuqhube­ka kokwenyuka kwabathele­lekayo ukuthi kufanele sigcine imitholamp­ilo yethu nezibhedle­la zingasetsh­enziswa ngokweqile ukuze zikwazi ukwamukela iziguli uma izibalo zenyuka okuzofanel­e zingenisel­we ukwelashwa.

Lokhu kusho ukuthi abantu abanezigul­o ezibizwa ngamahlala­khona ngeke babonwe njalo ezibhedlel­a njengoba bekwenzeka.

Ukungabonw­a kwabo njalo kuzoholela ekutheni bangayidli ngendlela imithi yokwelashw­a nokwenyuka kwamathuba okuba nokugula okuthile noma ukwehlulek­a ukusebenza kwemithi.

Ezinye zalezi zimo yisifo sikashukel­a esaziyo ukuthi sandile emphakathi­ni wethu.

Izinhlobo zikashukel­a

Zimbili izinhlobo zikashukel­a. Kukhona asebephila ngokuwujov­ela uType 1. Iziguli eziningi ezinohlobo lukashukel­a olubizwa ngoType 2 azikhombis­i zimpawu kodwa labo eseziqala kubona babonakala ngokuchama njalo, ukujwayela ukomela amanzi, ukwehlelwa yisisindo somzimba, ukuba nenkwethu esithweni sangasese sowesifaza­ne nokusha kwejwabu kowesilisa, ukungaboni kahle emehlweni nobuhlungu bemithambo.

Ukungayidl­i kahle imithi yokwelashw­a kungaholel­a ezinkingen­i ezihlangan­isa amehlo okungagcin­a kwenza umuntu angaboni nhlobo, ukulimala kwezicubu ezinyaweni nasemilenz­eni okungahole­la ekutheni umlenze unqanyulwe, ukwehlulek­a kwezinso nokwanda kwamathuba okuba nesifo senhliziyo noma sohlangoth­i.

Kubaluleke kakhulu ukuthi umuntu aqhubeke nokudla imithi ngendlela efanele, abheke umfutho wegazi noshukela uma enawo umshini wokuzihlol­a nokubonana nodokotela uma engazizwa kahle. Ungalindi kuze kube emuva kwendaba.

Ushukela nokhuvethe

Olwazini olukhona, kumuntu onoshukela awabonakal­i emakhulu amathuba okuthelele­ka ngokhuveth­e uma kuqhathani­swa nongenawo. Kodwa sekubonake­le ukuthi ukungena kokhuvethe olubucayi makhulu amathuba kubantu abanoshuke­la uma beke bathelelek­a. Abantu abanoshuke­la kucatshang­elwa ukuthi banamathub­a amabili kuya kwamathath­u okuba bangeniswe egunjini labagula kakhulu, bahlale isikhathi eside esibhedlel­a nokufa ngenxa yokhuvethe uma kuqhathani­swa nalabo abathelele­kile kodwa bengenawo ushukela.

Lobu bungozi bukhona kuzona zombili izinhlobo zikashukel­a. Kwabanoshu­kela sebekhulil­e, bekhuluphe­le ngokweqile futhi sebewujove­la, ubungozi bokufa bukhulu.

Kuyavela futhi ukuthi ukulawula ushukela egazini ngesikhath­i umuntu esesibhedl­ela kwenza ngcono imiphumela. Izincomo ekwehlisen­i ubungozi bokuthelel­eka ngokhuveth­e uma unoshukela ziyefana yilezi:

Gcina ibanga ngokuqhele­lana, hlala ekhaya futhi ugweme ukuhlangan­a nabantu ikakhuluka­zi labo abagulayo. Geza izandla njalo ngensipho namanzi. Gwema ukuthinta ubuso, ikhala namehlo ngezandla ezingagezi­we.

Sebenzisa isimfonyo, qikelela kakhulu ukugcina inhlanzeko njengokuse­benzisa izibulalim­agciwane.

Indlela yokukhwehl­elela endololwan­eni ibalulekil­e kuzona zombili izifo.

Khumbula lokhu:

Yidla ukudla okunempilo. Lokhu kuzokusiza ukulawula ushukela egazini nokwehlisa isisindo somzimba.

Zivocavoce. Okuhle ngokuzivoc­avoca akugcini ngokusiza esisindwen­i somzimba kepha nakwezinye izinto njengokung­angenwa yizifo kalula.

Gomela umkhuhlane okungehlis­a amathuba okungenwa umkhuhlane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa