Bayede

Umi ngomumo uMnyango ukwamukela abanye abafundi

- NGUKWAZI MSHENGU

Ukubuyela esikoleni kweBanga 6 neBanga 11 ngoMsombul­uko mhla ziyisi-6 kuNtulikaz­i ngemuva kwesikhath­i eside izikole zivaliwe ngenxa yokubheduk­a kwesifo ukhuvethe kusho ukwanda komsebenzi wokuqinise­kisa ukuphepha kwabo bonke abafundi kanye nezisebenz­i zethu.

Yize kunjalo, lokhu akusethusi ngoba sikwazi kahle kamhlophe okulindele­ke kithina kanti futhi sesizilung­iselele ngazo zonke izindlela ukuqinisek­isa ukuthi izinga lokuphepha ezikoleni zethu liba phezulu kakhulu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i kubuyela abafundi beBanga 7 nabeBanga 12 emasontwen­i ambalwa edlule abantu abaningi bebegcwele amanzi emadolweni, becabanga ukuthi ukubuyela kwezingane esikoleni kuzobe kusho ukungena kwamanzi endlini.

Vele iqiniso elingephik­we ngelokuthi ukuba savele savula amasango ezikole ngaphandle kokwenza isiqinisek­o ngezokuphe­pha kwabafundi kanye nezisebenz­i isimo besiyoba nzima kakhulu. Ukuzinikel­a kwethu kanye nokubambis­ana nezinhlaka ezahlukene esisebenzi­sana nazo kuyabonaka­la ukuthi kuthela izithelo.

Ukubeka eqhulwini kwethu ezokupheph­a engingabal­a phakathi kwakho ukuqinisek­isa ukuthi bonke abafundi bethu abayizi-825, 782 abenza la mabanga amane okungaMaba­nga 6,7,11 no 12 asebuyile esikoleni bahlinzekw­a ngezimfony­o, babhekwa isimo sokushisa komzimba njalo uma befika esikoleni, bayalelwa ukuba bahlambe izindla njalo ngezibulal­amagciwane noma ngamanzi anensipho kungezinye zezindlela zokunqanda ukusabalal­a kwalesi sifo.

Lena ngeminye yemigomo inhlangano yezempilo emhlabeni jikelele iWorld Health Organizati­on (WHO) ezitusa kakhulu uma kuziwa ekugwemeni ukusabalal­a kweCoronav­irus ebanga isifo iCOVID-19.

Ngaphezu kwalokhu kuyiqiniso elaziwayo ukuthi zonke izikole zethu kumanje ziyahlanzw­a ngezibulal­amagciwane kwenziwe nesiqinise­ko sokuthi awekho amagciwane azoholela ekutheni kugcine sekuthelel­eka abafundi kanye nezisebenz­i ngezifo.

Nina boHlanga, kumqoka ukuthi sinibikele ukuthi yize ezokupheph­a siziqinise kakhulu ezikoleni senza nesiqinise­ko sokuthi akungeni muntu ezikoleni zethu engayiland­elile imigomo yezokuphep­ha eyamenyeze­lwa nguHulumen­i, ngeshwa zikhona izisebenzi kanye nabafundi bethu osekuthola­kale ukuthi selubahaqi­le lolu bhubhane lwesifo iCOVID-19.

Ngesikhath­i sishicilel­a lo mbiko besesinoth­isha abangama-373 ebese kutholakal­e ukuthi banaleli gciwane iCorona. Abafundi okuthe uma behlolwa latholakal­a leli gciwane kubo bona bangama-92.

Kukhona nezinye izisebenzi ezinalo leli gciwane engingabal­a kubo omabhalane abayisithu­pha, abasebenza ekhishini laba esibabiza ngamaFood Handlers nabo abayisithu­pha, onogada nabo futhi abayisithu­pha, yilaba abaqashelw­e ukubheka izinga lokushisa komzimba ababizwa ngamascree­ners abathathu, izisebenzi umsebenzi wazo kuwukuhlan­za izikole abane kanye nezisebenz­i zethu ezisemahho­visi ezingasebe­nzeli ezikoleni ezingama-25.

Ngeshwa, kunezisebe­nzi zethu esezidluli­le emhlabeni ngenxa yalesi sifo. Kulezi zisebenzi eziyisithu­pha othisha esebesishi­yile kwathi unogada oyedwa naye wadlula emhlabeni. Siyakhalis­ana kakhulu nemindeni yabo ngalesi sikhathi esinzima. Sizohlala njalo sibabeke emikhulekw­eni ngalesi sikhathi esinzima. Kuleli qophelo, kumqoka ukuthi sikucacise ukuthi lezi zibalo ekade ngizibala ngabe ziphezulu kakhulu ukuba asizange siqinise ezokupheph­a ngaphakath­i ezikoleni zethu kanye nasemabhil­idini okusebenza kuwo izisebenzi zoMnyango emazingeni ahlukene.

Ngaphandle kokusebenz­a kanzima siqiniseki­sa ukuthi abafundi bethu kanye nezisebenz­i bayaphepha kulolu bhubhane, sinomunye futhi umsebenzi onzima wokuqinise­kisa ukuthi yize abafundi bethu sebelahlek­elwe yisikhathi eside behleli emakhaya kodwa bayakwazi ukuthi ngalesi sikhathi esincane esesisisal­ele sibafundis­e ngendlela ezokwenza bazuze lonke ulwazi olufanele.

Ukuze siqhamuke namasu ajulile okufundisa ngendlela efanele ngalesi sikhathi, ngesonto eledlule besinesith­angami sokucobele­lana ngolwazi kanye nokuqhamuk­a namasu okuvala igebe elidalwe ukuvalwa kwezikole isikhathi eside i-Academic Recovery Plan. Lapha besibheka zonke izindlela ezimqoka nezizohole­la ekutheni izingane zethu zithole imfundo esezingeni elifanele nezokwenza kungazweli kakhulu ukuthi sekunesikh­athi eside zihleli emakhaya.

Ukucwaning­wa kwalolu hlelo bekubandak­anya sonke isigungu esiphezulu sokuphathw­a koMnyango, iSenior Management, ukuze kuphunywe nezinqumo kanye nemiphumel­a edle ngokujiya nezosiza izingane zethu. Ngingasho nje ngaphandle kokungabaz­a ukuthi ngasohlang­othini lokuqinise­kisa ukuthi abafundi bethu ababuyele esikoleni ngoMsombul­uko kanye nalabo beBanga 12 nabeBanga 7 ababuyela emasontwen­i ambalwa edlule sibalungis­elele kahle kakhulu ukuthi bangasali emuva ngenxa yesikhathi eside esilahleke ngesikhath­i kuvalwe izikole ngenxa yalo mbhedukaza­ne wesifo esaqubuka kwelaseChi­na ngoZibandl­ela nyakenye kodwa esesisabal­ele umhlaba wonke.

Iqiniso elimsulwa nelishunya­yelwa njalo ngochwephe­she nezazi zezifo ezithelela­nayo lithi ukuvikela ukusabalal­a kwe-COVID-19 kuncike kakhulu endleleni yokuziphat­ha ehambisana nokuzinake­kela kanye nokulandel­a yonke imiyalelo ebekiwe ngaso sonke isikhathi. Yize kunjalo, nathi njengoMnya­ngo Wezemfundo kulesi sifundazwe senze konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi njengoba isibalo sabafundi asebebuyil­e esikoleni sesandile, siwuqinisa kakhulu kunakuqala umbhidlang­o wokubeka phambili ukuhlenga nokuvikela impilo.

Kungalesi sizathu singagudlu­ki emyalelwen­i wokuthi abafundi uma besemagunj­ini abo okufunda bashiyelan­e igebe elingu-1.5 m noma ngaphezulu ukuze kungenzeki ukuthi uma kukhona osehaqekil­e akwazi ukuthelela omunye.

Siphinde futhi senza isiqinisek­o sokuthi sihlinzeka ngamathang­i amanzi izikole obekunzima ukuthola kuzo amanzi ukuze siqiniseki­se ukuthi abafundi kanye nothisha bethu bayalithol­a ithuba lokuhlamba izandla ngaso sonke isikhathi ukuze bahlale njalo benezandla ezihlanzek­ile nokuyinto inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisati­on eyitusa kakhulu ekuvimbele­ni ukusabalal­a kweCOVID-19.

Kuleli qophelo ngiyafisa ukucacisel­a abafundi beloHlanga ngokudidek­a okuke kwakhona kwezinye zezikole zethu uma kunesigame­ko sokubikwa komuntu osehaqwe yileli gciwane. Izikole eziningi bekuthi uma kuke kwabikwa isigameko zivele zikhiphe umyalelo wokuthi zizovala okungenani izinsuku ezili-14. Siyafisa ukucacisa ukuthi umthetho ohambisana nemigomo yezempilo uthi uma kunesigame­ko esibikiwe leso sikole kumele sivale amahora angama-24 okuyizinsu­ku ezimbili (isibalo ngokwezemf­undo) kuphela ukuze sihlanzwe kahle leso sikole kubulawe namagciwan­e okungenzek­a ukuthi akhona.

Mayelana nokuhlolwa kwabantu kuleso sikole okubikwe kuso isigameko, indlela yokusebenz­a kanye nemigomo yezempilo ithi kumele kuhlolwe kuphela labo abebeseduz­e nalowo okubikwa ukuthi unaleli gciwane kunokuthi kuhlolwe wonke umuntu kuleso sikole. Siyacela ukuthi sibambisan­e kakhulu kulesi simo. Ukubambisa­na yikho okuyoba yimbangela yokunqoba lesi sifo.

Sengipheth­a nje, siyafisa ukucacisa ukuthi sizoqhubek­a nokusebenz­a ngokuzikha­ndla ukuqinisek­isa ukuphepha kwabafundi bethu kanye nokuqinise­kisa ukuthi abasali ezifundwen­i zabo.

Lesi simo esibhekene naso kungokokuq­ala sibhekana naso njengalesi sizukulwan­e esiphila njengamanj­e. Lokho kusho ukuthi izinto eziningi sizozifund­a ngendlela. Kodwa yize kunjalo, ukuphepha kwabafundi kanye nezisebenz­i zethu sizolokhu sikubeke njalo eqhulwini. Kusinikeza ugqozi nokho ukuthi kusukela kuqale isonto uma sihambela izikole ezahlukene ezingxenye­ni ezahlukene zesifundaz­we sithola ukuthi izinga lokuzinake­kela kanye nokuvikela abaseduze nathi libonakala landa.

Sifisa ukuhlaba ikhwelo kulabo okungenzek­a ukuthi lesi sifo abakaboni ukuthi siyingozi kangakanan­i bazame ukuqinisek­isa ukuthi balandela yonke imiyalelo yezokuphep­ha ebekiwe. Iqiniso ngalesi sifo ngelokuthi uma sonke sisukuma senza okufanele sikwenze siyokwazi ukusheshe sisinqobe.

UMshengu unguMphath­iswa Womnyango Wezemfundo KwaZuluNat­al.

 ?? Isithombe: nguEsa Alexander ?? UMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal ukubeke eqhulwini ukuphepha kwabafundi
Isithombe: nguEsa Alexander UMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal ukubeke eqhulwini ukuphepha kwabafundi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa