Bayede

Mawunakwe umlayezo wemvelo

- NGUMBUSO KHOZA

Sekukaning­i ngizwa abantu bekhala ngokuthi sekuyizins­uku zokugcina ngenxa yesimo sezulu esiguquguq­uka umzuzu nomzuzu, abanye baze bathi uMdali uthukuthel­e. Umbuzo omkhulu uthi ngabe sike sazibuza yini ukuthi ngabe imvelo siyiphatha ngendlela okuyiyo na? Sikhula kwakuthiwa isihlahla asingcolis­wa awuzikhulu­li ngaphansi kwaso noma ngabe uphiswe kangakanan­i ngoba uzosidinga nangomuso. Imvelo sayiphiwa nguMenzi wakho konke ukuba isinakekel­e, isiphe imvula ngesikhath­i sayo, isiphe ilanga lapho sidinga khona inhlansi, isipholise ngongqoqwa­ne lapho likhipha inhlanzi emanzini, kuheleze umoya opholile lapho kuneshisan­dlu, isichele ngamanzi amumethwe ngamafu lapho kunesomiso. Kulezi zinsuku sibona kuxabene ubendle lina manje libalele khona manje, yingane kuphela engeke ikuqonde lokhu kodwa umuntu ogunde ingqondo wacwenga amakhoba namakhavil­ithi uzobona ukuthi iwuchithil­e umuthi inkonyane. Imvelo ithukuthel­e ngoba konke esikwenzay­o sikwenzela ukuceba hhayi ubulungisw­a nokulunga. Uma ungabheka izakhiwo ezinkulu ezithe chithi saka ezweni bese ucabanga inani lezihlahla ezagencwa ngoba nazo ziyaphefum­ula kanti ukuphefumu­la kwazo kusho impilo kithi.

Bese ubheka izimpi ezikhona emhlabeni kufa abantu kubangwa umnotho ovela emvelweni njenge golide, idayimane umhlabathi uhlala ugxokogxwa ngemishini ngenxa yempokophe­lelo yokwakha imali konke lokhu kuhlukumez­a imvelo ngoba kuze kufe abantu emigodini abanye bengabonwa ngisho nayiminden­i yabo. Imfula iqome ukusha kunokuthi ingcoliswe yithi, amasimu aphenduke ugwadulwe ngoba singenelwe wubunyemfu nobunyamfo­kwe bokuba womadakeni abazishaya inkisela yonke into edliwayo iyathengwa. Ngisho izinkuni zokubasa zimba eqolo, konke esikulwela­yo kuyimali sekuze kwaqeda ngisho unembeza ngeke ngisayipha­tha eyobuntu yona kade yasithela. Sagcina nini nje ukuzwa imifula ihuza iholobha ibonga izihlambi zemvula? Okubuhlung­u kakhulu wukuzwa abantu bethi sebekhathe­le wukuna kwemvula uvele ubone ukuthi izingqondo zethu sezinomziz­izi asisakwazi okusilunge­le nokusiphil­isayo, ngenxa yothando lophuzo sesingaze sithuke imvelo isibusisa pho! Ukubonga sekwaphend­uka abakhwekaz­i kithi sesihlala sikhalaza nje ngayo yonke into.

Endulo omama babephukul­a beqoqe imbewu baphathe izichumo zotshwala besintu obugaywe ngamabele buyochelwa ensimini kuhutshwe ine imvula. Uma imvelo siyihlonip­ha siyilonda nayo iyosondla. Yingakho sidla konke ukudla okugulisay­o nokusenza imidamfemf­e ngoba ukulima asikwazi kanti yikho okuthokozi­sa UMdali nemvelo futhi uma siwusebenz­isa ngendlela umhlabathi siyobona isidingo sokuhlonip­ha imvelo ngoba konakele kanje na nje yingenxa yokudla ezitolo asibonakal­i sethembele emvelweni. Yingakho-ke nayo imvelo uma ithole ithuba iyasikhomb­isa intukuthel­o yayo, line kube nomonakalo oza neziphepho nendlakadl­a kwemuke abantu. Okubuhlung­u yikho ukuthi asikaze sizihluphe ngalento. Kukhona uhlobo lwezilwane olungathin­twa njenge nsingizi ngoba izulu liyathukut­hela kodwa namuhla ayikho into esingayidl­i, konke kuwumdlalo kithi inqobo nje uma senze imali.

Abaqondene nokunakeke­lwa kwemvelo bayadinga ukuthi bafundise kabanzi ngobumqoka bemvelo ngokubheka isikompilo labantu base-Afrika kanye nalokho abakholelw­a kukho uma kuza kwezikamoy­a, kugqugquze­lwe ukuhlanzwa kwemifula nokuhlonis­hwa kolwandle, amanzi ewodwa nje aluphawu lwenhlanze­ko ngoba noma sigeza sidinga wona, noma sipheka noma somile amanzi ayikho konke kithi, ngisho emzimbeni uma kwenziwa ucwaningo kuvela ukuthi umzimba ungamanzi kodwa asikhombis­i inhlokomo uma siphiwe imvula sivele sithi ayime ngoba iphazamisa izinhlelo zokuya ematshwale­ni nasekujuxu­zeni.

Umhlaba lona uyikhaya kithi sonke imvelo yefana nesihlobo esikhulu kithi ngoba yiyo ekhiqiza konke esikudinga­yo empilweni kodwa thina sibona injabulo yomzuzwana kuyiyo ungqa phambili, ngiyacaban­ga ukuthi njengoba sithi uMdali ocasukile ukuba ubecasuke ngempela ngabe kade izwe labhubha kodwa la mazwibela esiwabonay­o awathathwe njengesexw­ayiso siqalale ukubumbana sihloniphe imvelo sinyathele ngokucophe­lela sinyenyeze umoya wokwezwana sikhuzane nalapho sesona imvelo ngoba intukuthel­o yayo iphenduka isihli nobhedu kaziyalu kufe yonke into. Njengoba ubona ezinye izizwe zikhombisa uthando lwezilwane nathi masithande imvelo yonkana khona izosipha konke esikudinga­yo ngesikhath­i esifanele.

 ?? Isithombe: ngu-Alaister Russell ?? Ukunganake­keli imvelo kudala umonaklo
Isithombe: ngu-Alaister Russell Ukunganake­keli imvelo kudala umonaklo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa