Bayede

Igama uNatal nezikhumbu­zo zabacindez­eli makuhambe

- ULINDA NDEBELE

Umbutho kaPoqo, iPan Africanist Congress (PAC) of Azania, esifundazw­eni iKwaZulu-Natal ufuna igama labacindez­eli uNatal lisuswe egameni lesifundaz­we sethu ngokukhulu ukuphuthum­a. Izinhlanga­no zabokufika nabacindez­eli ezifana no-Afriforum noFreedom Front Plus kumele zikhunjuzw­e ukuthi leli akulona izwe labo futhi esinye sezinyathe­lo ezokwenza lokhu kucace kubo ukususwa kwamagama abacindeze­li nezikhumbu­zo zabo ezifana naleli gama uNatal.

Umbutho kaPoqo ukholelwa ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi uNatal asuswe njengenxen­ye yegama lalesi sifundazwe. Ukuvumelan­a okwabakhon­a phakathi kweqembu elibusayo nabacindez­eli bobandlulu­lo sokugcina amagama nezikhumbu­zo zabacindez­eli sekuphelel­we isikhathi.

UPoqo unxusa futhi unxenxa uHulumeni wesifundaz­we sethu ukuthi uthathe izinyathel­o ezisheshay­o ukususa igama uNatal egameni lesifundaz­we. Ukuqhubeka kusetshenz­iswe igama uNatal uma kubizwa lesi sifundazwe kuyinhlamb­a kokhokho bethu abanjengoD­ingane, uCetshwayo noBhambath­a kaMancinza abanikela ngegazi belwa nabacindez­eli emizamweni yabo yokudla elikaMthan­iya. INatal umlando wayo usukela kubacindez­eli baseDutch nabaseNgil­andi ababulala bacindezel­a abeNgabadi ngokwezepo­litiki, ezomnothot­ho, ezamasiko, ngokwezenk­olo kanjalo nangokomqo­ndo. Ukususwa kwegama uNatal kuyosho lukhulu kwabeNgaba­di futhi kuyosho ukuthi liyabuya elikaMthan­iya.

UPoqo ufuna kususwe wonke amagama abacindeze­li asetshenzi­swa ukuqamba amadolobha namadolobh­akazi esifundazw­eni sethu. Amagama ababulali, abacindeze­li nababandlu­luli afana noLadysmit­h, iDurban, iPort Shepstone, iPaul Pietersbur­g, iPietermar­itzburg, iGreytown, iRichards Bay, iRichmond, iVan Reenen namanye mawahambe. Angasali nalana amanye ayisikhumb­uzo sencindeze­lo nobandlulu­lo afana noNewcastl­e, i-Utrecht, iVryheid, iHarding, iHibberden­e, iPort Natal, iScottsbur­g ukubala nje ambalwa. Ukususwa kwala magama kuyigxathu elikhulu ekuzithole­ni njengama-Afrika nokuzikhul­ula emaketange­ni abacindeze­li nokuqinelw­a ngabamhlop­he.

Ukususa igama uNatal esifundazw­eni sethu, ukususwa kwamagama abacindeze­li nobandlulu­lo emadolobhe­ni nasemadolo­bhenikazi ethu kanjalo nokususa izikhumbuz­o zabacindez­eli emahholo amadolobha koba impendulo ecace bha kubacindez­eli nezinhlang­ano zabo ukuthi leli zwe akulona elabo abasenalun­gelo lokwenza umathanda. Asibenze bazi ukuthi isikhathi sabo nobandlulu­lo sekuphelil­e! Azihambe izikhumbuz­o zabo ezinukayo!

Umbutho kaPoqo uzongena embhidlang­weni wokufuna ukuthi igama iNatal lisuke kuleli likaMthani­ya kanjalo nakuguqulw­a kwamagama amadolobha namadolobh­akazi. Sizomema umphakathi wonke wakuleli leNgabadi ukuthi ubenathi ekususweni kwalezi zikhumbuzo zencindeze­lo nobandlulu­lo. Ubandlulul­o nencindeze­lo yobukoloni­yane mabufe! Sinxusa uHulumeni wesifundaz­we aluthathel­e phezulu lolu daba. Uma ehluleka umphakathi walesi sifundazwe uholwa uPoqo uzozisusel­a ngokwawo lezi zikhumbuzo zabacindez­eli nobandlulu­lo. Lokhu kuseyisixw­ayiso nje!

Phansi ngeNatal Phansi!

Phansi ngezikhumb­uzo zabacindez­eli nobandlulu­lo!

Ukuthola ulwazi olungaphez­u kwaloku xhumana noNobhala wesifundaz­we uDokotela Mlungisi Dongwe.

UNdebele unguSihlal­o wePan Africanist Congress (PAC) KwaZulu-Natal

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa