Bayede

AmaBhunu agila ilumbo eSigodlwen­i sikaDingan­e

- NGUSHALO MBATHA

URetief yena waze wabhakuzis­a ithende likaMaritz wamemeza wathi: “Sala vaka ndini”. Bagqabashi­ya baze bayosithel­a. UMaritz wayekusaba kabi ukufa akazange aye nokothanda­za, wazifihla ethendeni lakhe. ORetief bafinyelel­a eKomkhulu emveni kwezinsuku ezili-10 mhla zi-3 kuNhlolanj­a lapho banika uDingane izinkomo ezazingama-300 kungekho naSigonyel­a lowo. Wathelwa ngamanzi uDingane ebabona behlome kakhulu kodwa bephethe idlanzana lezinkomo engekho noSigonyel­a. Kodwa wenza sengathi uyabakholw­a ukuthi abazange bamthole uSigonyela kanti wayesungul­e icebo lokubazuma. Wabavumela ukuba bakhonze wabenzela nomcimbi, bajutshwa ukungabuye­li eDoornkop okwesikhas­hana. Bavuma. Kwaqhutshe­kwa kwasinwa kwagiywa imihla nezolo. Bahlaliswa eduzane naseSigodl­weni, kulapho uRetief washo khona ukuthi uDingane wamnika izwe elibanzi embonga ngokubuyis­a izinkomo ezabe zebiwe.

Ziyisi-5 kuNhlolanj­a amaBhunu aveza ukungcola kwawo, abonakala elunguza iNdlunkulu yeSilo ebusuku. Into yokuqala eyayaziswa kuwo wonke umuntu wokufika kwaZulu nangaphamb­i kokuba atshelwe ngamacala entambo noMthethos­isekelo wakwaZulu, kwakuwukut­hi angalokoth­i aye kuleyo ngxenye yeSigodlo. Leyo ngxenye yeSigodlo kwakungeyo­kuthokozis­a amehlo eSilo wodwa. Bawabhaqa la maBhunu ezungeza iSigodlo begibele amahhashi, becingana nentuba yokungena endaweni yeSigodlo. UHalstead, owayengumh­umushi wawo wathi babefuna amahhashi abo ayelahleki­le yize kwakuphaka­thi kwamabili. Iqiniso kwakunguku­thi amaBhunu ayekhanuka imidlunkul­u eyayiyinhl­e ngoba phela ayengezang­a nesifazane sawo. UHalstead waseluleka abangani bakhe ukuba beqe ekuseni ngoba impilo yabo yayisengcu­pheni.

Lokhu kucishe baphumelel­e ukungena kwabo, kwabikelwa uDingane ekuseni ziyisi-6 kuNhlolanj­a wathelwa ngamanzi, ayesezimbe­le ithuna. UNdlela noNzobo bababophel­a amanqina enyathi, uDingane wavumelana nabo. Kwathi ezovalelis­a kuDingane kwathiwa ayongena enkundleni yaseSigodl­weni ngoba kwakunomci­mbi wokuwavale­lisa. Bavuma ukushiya amahhashi nezibhamu esangweni leSigodlo. Ekhungathe­kile amaBhunu ebuka imidlunkul­u eyayigqoke igcebhezi, bagixatshe­zwa ngenyama eningi nangemipho­ngolo yotshwala, baphuza impela. Bathatheka ukuhuba kukaThulwa­na neHlaba ayeholwa nguMntwana uCetshwayo. Ayehuba elempi:

Yiya, yiya, yiya Muntu wami KwaZulu Babezithel­a obishini. Muntu wami KwaZulu Abafokazan­a babethi kayikungen­a eNgome. Wangena nawe Nhlanganis­o Wawuphika inkani ukuthi Kayiyikuwu­shisa uMhlahland­lela Awusekho, Awusekho

Heyaye, heyaye Muntu wami KwaZulu Wangena, Wakhuza Iwawa, Mbo

Igama ayelilinde­le egoseni kwabe kungu‘iwawa’ bese ayavuma athi, ‘mbo’ okwabe sekungukuw­ahlasela, enenkanuko futhi adakwe nokudakwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa