AmaBhunu agila ilumbo eSigodlweni sikaDingane
URetief yena waze wabhakuzisa ithende likaMaritz wamemeza wathi: “Sala vaka ndini”. Bagqabashiya baze bayosithela. UMaritz wayekusaba kabi ukufa akazange aye nokothandaza, wazifihla ethendeni lakhe. ORetief bafinyelela eKomkhulu emveni kwezinsuku ezili-10 mhla zi-3 kuNhlolanja lapho banika uDingane izinkomo ezazingama-300 kungekho naSigonyela lowo. Wathelwa ngamanzi uDingane ebabona behlome kakhulu kodwa bephethe idlanzana lezinkomo engekho noSigonyela. Kodwa wenza sengathi uyabakholwa ukuthi abazange bamthole uSigonyela kanti wayesungule icebo lokubazuma. Wabavumela ukuba bakhonze wabenzela nomcimbi, bajutshwa ukungabuyeli eDoornkop okwesikhashana. Bavuma. Kwaqhutshekwa kwasinwa kwagiywa imihla nezolo. Bahlaliswa eduzane naseSigodlweni, kulapho uRetief washo khona ukuthi uDingane wamnika izwe elibanzi embonga ngokubuyisa izinkomo ezabe zebiwe.
Ziyisi-5 kuNhlolanja amaBhunu aveza ukungcola kwawo, abonakala elunguza iNdlunkulu yeSilo ebusuku. Into yokuqala eyayaziswa kuwo wonke umuntu wokufika kwaZulu nangaphambi kokuba atshelwe ngamacala entambo noMthethosisekelo wakwaZulu, kwakuwukuthi angalokothi aye kuleyo ngxenye yeSigodlo. Leyo ngxenye yeSigodlo kwakungeyokuthokozisa amehlo eSilo wodwa. Bawabhaqa la maBhunu ezungeza iSigodlo begibele amahhashi, becingana nentuba yokungena endaweni yeSigodlo. UHalstead, owayengumhumushi wawo wathi babefuna amahhashi abo ayelahlekile yize kwakuphakathi kwamabili. Iqiniso kwakungukuthi amaBhunu ayekhanuka imidlunkulu eyayiyinhle ngoba phela ayengezanga nesifazane sawo. UHalstead waseluleka abangani bakhe ukuba beqe ekuseni ngoba impilo yabo yayisengcupheni.
Lokhu kucishe baphumelele ukungena kwabo, kwabikelwa uDingane ekuseni ziyisi-6 kuNhlolanja wathelwa ngamanzi, ayesezimbele ithuna. UNdlela noNzobo bababophela amanqina enyathi, uDingane wavumelana nabo. Kwathi ezovalelisa kuDingane kwathiwa ayongena enkundleni yaseSigodlweni ngoba kwakunomcimbi wokuwavalelisa. Bavuma ukushiya amahhashi nezibhamu esangweni leSigodlo. Ekhungathekile amaBhunu ebuka imidlunkulu eyayigqoke igcebhezi, bagixatshezwa ngenyama eningi nangemiphongolo yotshwala, baphuza impela. Bathatheka ukuhuba kukaThulwana neHlaba ayeholwa nguMntwana uCetshwayo. Ayehuba elempi:
Yiya, yiya, yiya Muntu wami KwaZulu Babezithela obishini. Muntu wami KwaZulu Abafokazana babethi kayikungena eNgome. Wangena nawe Nhlanganiso Wawuphika inkani ukuthi Kayiyikuwushisa uMhlahlandlela Awusekho, Awusekho
Heyaye, heyaye Muntu wami KwaZulu Wangena, Wakhuza Iwawa, Mbo
Igama ayelilindele egoseni kwabe kungu‘iwawa’ bese ayavuma athi, ‘mbo’ okwabe sekungukuwahlasela, enenkanuko futhi adakwe nokudakwa.