Izinsolo zasakaza isiQwabe sagcwala izwe
Kwakuthwalwa isidumbu seNkosi uma sekufikwa endaweni lapho isidumbu sayo sasizoshiselwa khona, kugawulwe izinkuni eziningi kakhulu. Kuleyo ndawo kwakuba khona nezinkabi.
Kwakuthi-ke inkabi yeNkosi edlala umkhosi ngayo nayo ihlatshwe ukuze izohamba kanye neNkosi. Kuthi uma umlilo usuvutha ifakwe. Kulandele izinceku zayo nazo ziyilandele. Ngemuva kwalokho kwakulandela izikhulu zibizwe ngasinye.
Ngakho-ke kwakufa abantu abaningi ngalelo langa. Nayo-ke inkosi yayishiswa khona. Wonke umolotha wawuthathwa uyothelwa esizibeni. Nokho isenzo sokushiswa kwesidumbu sikaKhuzwayo sagcina sidale izinkinga ezizukulwaneni ezalandelayo ngokuthi njalo ziwele emlilweni. Baba baningi ababanezibazi zomlilo kusukela ngaleso sikhathi.
Indlalifa kaKhuzwayo nguSimamane umkakhe owayengunina kaMfunda owazala iNdlovukazi uNandi eMthinemide eLangeni enhla nomfula uMhlathuze, lapho sekulipulazi lomlungu u-Osborn. Siyazi ukuthi uNandi wazala iNgonyama uShaka eyahlanganisa izizwe zamaZulu ukuba zibhekane nezitha zabelungu ezase ziqalile ukuhlasela kwaXhosa.
Indlalifa kaSimamane nguLufutha umnawabo okwakunguMakhanya. Nasiya isizwe sakwaMakhanya eMbumbulu. Sasikade sakhe ngasemfudlaneni iNonothi.
Yena uMakhanya wazala uMnengwa owazala uDuze, uDuze wazala uMakhutha.
Okuhle ukuthi namhlanje kunendawo eyagcina igama lakhe. Indlalifa kaMakhutha nguMntambo owayeneminyaka engamashumi amane ngonyaka we-1904 esadla anhlamvana. Amanye amadodana kaKhuzwayo ngoDonda, uMgwabeni, uPoyi, uDlamuka, uNdingi noDweba.
Inkosana kaLufutha nguMncinci indodana yakhe uSophane eyahamba noNqetho bayokhonza eNgonyameni uShaka ngenkathi kuhlanganiswa izizwe zamaZulu ngemuva kokunqotshwa kukaPhakathwayo kaKhondlo. Inkosana kaMncinci nguKhondlo induna yakhe okwakunguMbokazi.
Wayezele kakhulu uKhondlo. Amanye amadodana aphuma okhalweni lwakhe ngoNqetho noGodide owazala uMamfongonyana.
Uthunjana kaKhondlo nguVubukulwayo. Inkosana uKhondlo nguPhakathwayo: UNomaxoko! UMhlabisandlovu! UMnumzan’ ozihlabanelayo. Usendis’ uMkhonto nodadewabo. Udadewabo uNomaxoko (Kwaliwa mhla egana kwagwazwana)
Ngesikhathi seNkosi uPhakathwayo isizwe sakwaQwabe sasisikelene nesakwaDube esasiholwa nguNzwakele kaKhushwayo wakwaGubhethuka umuzi wakhe, esasakhe eMhlathuze. Leyo ndawo kwakuthiwa kuseHlangeni ngoba umhlanga wakhona umkhulu. Kwakuyizwe elaligcwele izinyathi. Isizwe sakwaQwabe sasikhuphuka njalo ngomfula kuze kuyofika emthonjeni womfula uMlalazi.
Umthombo kaKhondlo wawuseduze kwalapho iSilo uMpande sakha khona umuzi waseZulwini (owagcina ususiwe kwakhiwa okaYamela Shange waseNkanini) ngowe-1883. Izwe lalihamba lize liyovinjwa Uthukela lapho kwakwakhe khona uNqetho. Lalize lizithathe zonke izintaba zoNgoye. Emfudlaneni iNwaku kunethuna likaKhondlo. Kwakuthi abakwaQwabe uma sebethukuthele bethelwa ngamanzi bathi “Ngifung’ uKhondlo eseNwaku.” ENtumeni kwakwakhe amaMbedu abakwaQwabe.
Amathuna oLufutha noMncinci aseMatigulu lapho umfudlana iNwaku ingenela khona emfuleni iMatigulu. Umuzi kaPhakathwayo omkhulu owawakhe lapho kwagcina sekungumuzi waseHabeni khona. Igama lo muzi kwakuseMasundwaneni. Unina wakhe kwakunguZunguse wakwaMngadi.
Umna kaKhondlo kwakunguGodolozi. Amanye amagama ayebizwa ngawo kunguNkunzembi noZinwedlana. Iqhawe elagqama lawedlula wonke amaqhawe akwaQwabe ngesikhathi soNoma nguMkhonjwa kaMhlaba Sishi: UNomaxoko! UMhlabisandlovu! UMnumzan’ ozihlabanelayo. Usendis’ uMkhonto nodadewabo.
Udadewabo uNomaxoko (Kwaliwa mhla egana kwagwazwana)
Ngesikhathi seziNgonyama uDingane noMpande isizwe sakwaDube sawela uThukela. Lokhu kwakulandela ukuhlatshwa ngomkhonto engalweni kweNgonyama uShaka, izinyanga eziyisithupha abelungu befike KwaZulu ngoNhlaba we-1824. Lowo mkhonto wawuqhamuka esixukwini. Kwasolwa abantu bakwaQwabe.
Empeleni lokhu kwakungukuqala kokusebenza kweSandla seSithathu KwaZulu okwakuhlelwe yilona idlanzana lamaNgisi ukudala ukungethembani kumaZulu. Abelungu base bekwazile ukuxabanisa izizwe zamaXhosa phesheya kweNciba.
Laba abanikwa iziza yiNgonyama uShaka babeyinto eyodwa nalabo ababelwa kwaXhosa. AbakwaQwabe bagcina besukile lapho babakhe khona bayokwakha kwaMaphumulo lapho kwakhiwa khona umuzi waseMthandeni.
UGodolozi wayeganwe nguNtombikababa bazala uFokazi noMsu. Unina kGodolozi nguPhobo kaMbabala wakwaNcwana kwaZungu. Inkosana kaGodolozi nguMusi yena owazala uMeseni owayeliqhawe nowaphaka impi kulwelwa ukukhokhwa kwentela yemali yamakhanda noNdlovu kaThimumi kaMudli ngowe-1906.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.