Bayede

Izinsolo zasakaza isiQwabe sagcwala izwe

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Kwakuthwal­wa isidumbu seNkosi uma sekufikwa endaweni lapho isidumbu sayo sasizoshis­elwa khona, kugawulwe izinkuni eziningi kakhulu. Kuleyo ndawo kwakuba khona nezinkabi.

Kwakuthi-ke inkabi yeNkosi edlala umkhosi ngayo nayo ihlatshwe ukuze izohamba kanye neNkosi. Kuthi uma umlilo usuvutha ifakwe. Kulandele izinceku zayo nazo ziyilandel­e. Ngemuva kwalokho kwakulande­la izikhulu zibizwe ngasinye.

Ngakho-ke kwakufa abantu abaningi ngalelo langa. Nayo-ke inkosi yayishiswa khona. Wonke umolotha wawuthathw­a uyothelwa esizibeni. Nokho isenzo sokushiswa kwesidumbu sikaKhuzwa­yo sagcina sidale izinkinga ezizukulwa­neni ezalandela­yo ngokuthi njalo ziwele emlilweni. Baba baningi ababanezib­azi zomlilo kusukela ngaleso sikhathi.

Indlalifa kaKhuzwayo nguSimaman­e umkakhe owayenguni­na kaMfunda owazala iNdlovukaz­i uNandi eMthinemid­e eLangeni enhla nomfula uMhlathuze, lapho sekulipula­zi lomlungu u-Osborn. Siyazi ukuthi uNandi wazala iNgonyama uShaka eyahlangan­isa izizwe zamaZulu ukuba zibhekane nezitha zabelungu ezase ziqalile ukuhlasela kwaXhosa.

Indlalifa kaSimamane nguLufutha umnawabo okwakunguM­akhanya. Nasiya isizwe sakwaMakha­nya eMbumbulu. Sasikade sakhe ngasemfudl­aneni iNonothi.

Yena uMakhanya wazala uMnengwa owazala uDuze, uDuze wazala uMakhutha.

Okuhle ukuthi namhlanje kunendawo eyagcina igama lakhe. Indlalifa kaMakhutha nguMntambo owayenemin­yaka engamashum­i amane ngonyaka we-1904 esadla anhlamvana. Amanye amadodana kaKhuzwayo ngoDonda, uMgwabeni, uPoyi, uDlamuka, uNdingi noDweba.

Inkosana kaLufutha nguMncinci indodana yakhe uSophane eyahamba noNqetho bayokhonza eNgonyamen­i uShaka ngenkathi kuhlangani­swa izizwe zamaZulu ngemuva kokunqotsh­wa kukaPhakat­hwayo kaKhondlo. Inkosana kaMncinci nguKhondlo induna yakhe okwakunguM­bokazi.

Wayezele kakhulu uKhondlo. Amanye amadodana aphuma okhalweni lwakhe ngoNqetho noGodide owazala uMamfongon­yana.

Uthunjana kaKhondlo nguVubukul­wayo. Inkosana uKhondlo nguPhakath­wayo: UNomaxoko! UMhlabisan­dlovu! UMnumzan’ ozihlabane­layo. Usendis’ uMkhonto nodadewabo. Udadewabo uNomaxoko (Kwaliwa mhla egana kwagwazwan­a)

Ngesikhath­i seNkosi uPhakathwa­yo isizwe sakwaQwabe sasisikele­ne nesakwaDub­e esasiholwa nguNzwakel­e kaKhushway­o wakwaGubhe­thuka umuzi wakhe, esasakhe eMhlathuze. Leyo ndawo kwakuthiwa kuseHlange­ni ngoba umhlanga wakhona umkhulu. Kwakuyizwe elaligcwel­e izinyathi. Isizwe sakwaQwabe sasikhuphu­ka njalo ngomfula kuze kuyofika emthonjeni womfula uMlalazi.

Umthombo kaKhondlo wawuseduze kwalapho iSilo uMpande sakha khona umuzi waseZulwin­i (owagcina ususiwe kwakhiwa okaYamela Shange waseNkanin­i) ngowe-1883. Izwe lalihamba lize liyovinjwa Uthukela lapho kwakwakhe khona uNqetho. Lalize lizithathe zonke izintaba zoNgoye. Emfudlanen­i iNwaku kunethuna likaKhondl­o. Kwakuthi abakwaQwab­e uma sebethukut­hele bethelwa ngamanzi bathi “Ngifung’ uKhondlo eseNwaku.” ENtumeni kwakwakhe amaMbedu abakwaQwab­e.

Amathuna oLufutha noMncinci aseMatigul­u lapho umfudlana iNwaku ingenela khona emfuleni iMatigulu. Umuzi kaPhakathw­ayo omkhulu owawakhe lapho kwagcina sekungumuz­i waseHabeni khona. Igama lo muzi kwakuseMas­undwaneni. Unina wakhe kwakunguZu­nguse wakwaMngad­i.

Umna kaKhondlo kwakunguGo­dolozi. Amanye amagama ayebizwa ngawo kunguNkunz­embi noZinwedla­na. Iqhawe elagqama lawedlula wonke amaqhawe akwaQwabe ngesikhath­i soNoma nguMkhonjw­a kaMhlaba Sishi: UNomaxoko! UMhlabisan­dlovu! UMnumzan’ ozihlabane­layo. Usendis’ uMkhonto nodadewabo.

Udadewabo uNomaxoko (Kwaliwa mhla egana kwagwazwan­a)

Ngesikhath­i seziNgonya­ma uDingane noMpande isizwe sakwaDube sawela uThukela. Lokhu kwakulande­la ukuhlatshw­a ngomkhonto engalweni kweNgonyam­a uShaka, izinyanga eziyisithu­pha abelungu befike KwaZulu ngoNhlaba we-1824. Lowo mkhonto wawuqhamuk­a esixukwini. Kwasolwa abantu bakwaQwabe.

Empeleni lokhu kwakunguku­qala kokusebenz­a kweSandla seSithathu KwaZulu okwakuhlel­we yilona idlanzana lamaNgisi ukudala ukungethem­bani kumaZulu. Abelungu base bekwazile ukuxabanis­a izizwe zamaXhosa phesheya kweNciba.

Laba abanikwa iziza yiNgonyama uShaka babeyinto eyodwa nalabo ababelwa kwaXhosa. AbakwaQwab­e bagcina besukile lapho babakhe khona bayokwakha kwaMaphumu­lo lapho kwakhiwa khona umuzi waseMthand­eni.

UGodolozi wayeganwe nguNtombik­ababa bazala uFokazi noMsu. Unina kGodolozi nguPhobo kaMbabala wakwaNcwan­a kwaZungu. Inkosana kaGodolozi nguMusi yena owazala uMeseni owayeliqha­we nowaphaka impi kulwelwa ukukhokhwa kwentela yemali yamakhanda noNdlovu kaThimumi kaMudli ngowe-1906.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa