Imbukeko nezinqumo zikaShaka kwabegceke
Ngokwenzenjalo iNjinjikazi yakukhombisa ngokusobala ukungamthandi kwayo uMntwana uShaka ngoba yambona njengesongo eSihlalweni soBukhosi esabe sesinikezwe umtanayo, uMtwana uSigujana.
INdlunkulu yonke eyayihamba neNgonyama uSenzangakhona yakubona lokhu okwakwenziwa yiNjinjikazi, kepha kayaze yaphawula lutho ngakho. Kanti noMntwana uShaka wayekubona naye lokho kwenza kwayo, futhi wakuqaphelisisa kakhulu.
Ukwenza kweNjinjikazi kwafana neva elahlaba lephukela enhliziyweni yoMntwana uShaka. Kwaba yisilonda esophayo nesibhibhayo emphefumulweni wakhe.
UMntwana uShaka wayehlushwa ukuthi iNdlunkulu uBhibhi kwase kuyiyona ngaleso sikhathi iNjinjikazi yeSilo. Kwamkhanyela ukuthi nesikhundla soBukhosi kusenokwenzeka simphunyuke ngokuba nakhu iNgonyama isisinikeze uMntwana uSigujana. Wakubona ukuthi ikusasa lakhe lase limnyama, njengoba iNjinjikazi nayo yayinengane yomfana uMntwana uSigujana.
Wathi esuka uMntwana uShaka wayesecela umkhonto kuyise. ISilo samlandulela sathi umkhonto lowo esasiwuphethe ngowomfowabo omncane, uMntwana uSigujana.
UMntwana uShaka wakuqonda kahle ukuthi iSilo sisho ukuthini uma simphendula kanjalo. Wakubona ngamanye amehlo ukuba yisithiyo komfowabo endleleni yakhe yokulambela iSihlalo soBukhosi.
UMntwana uShaka wayekwazi kahle ukuthi nguyena ingane yokuqala yomfana ezalwa yiNgonyama uSenzangakhona. Futhi unina iNdlovukazi uNandi iyona eyagana kuqala kunokaSondaba, Kanye nakuyo iNjinjikazi uBhibhi uqobo.
Futhi unina iNdlunkulu uNandi yayizalwa yiNkosi yaseLangeni uMbhengi, ngakho-ke kwakunguyena okwakumele athathe iSihlalo soBukhosi sikaZulu.
Indlela eya eSihlalweni soBukhosi wayicaba ngobukhulu ubuhlakani obunempumelelo.
Isitha sakhe sokuqala okwakufuneka asigudluze endleleni kwakungumfowabo uMntwana uSigujana. Kwathi ukukhothama kweSilo uSenzangakhona, UMntwana uMudli neNdlunkulu babeka eSihlalweni soBukhosi uMntwana uSigujana. UMntwana uShaka wathumela umfowabo uNgwadi kaGendeyana ozalwa esizweni saseMambedweni ukuba ayobulala iSilo uSigujana.
UNgwadi wafika eNdlunkulu njengomuntu owayesinde ngokulambisa olakeni lweNkosi uDingiswayo. Ngakhoke wemukeleka kalula ngoba kwakwaziwa ukuthi yingane yeNdlunkulu uNandi, kanti akababuzanga elangeni.
UNgwadi wafika wazikhonzela eNgonyameni uSigujana njengenceku yayo. Nguyena owayesehla enyuka neNkosi eyenzela konke ekudingayo. Kuthe ngelinye ilanga waphuma nayo iyogeza emfuleni iMpembeni.
UNgwadi njengenceku wayehlome ephelele, kunguyena owayeqaphe ukuphepha kweSilo uSigujana. Yafika emfuleni iNgonyama yakhumula njengasemihleni, yase iqala izigeza umzimba. Kwathi ingazelele wayigwaza wayijuqa uNgwadi kuwona lowo mnyama. Kwathi uma eyibona isiwa, idindiliza, iphelela khona lapho emanzini, washo wemba, wambulula ngejubane esebheke kwelakubo kwaMthethwa.
Wafika wawuhlaba wawulawula umkhosi ukuthi abekuthunyiwe ukufezile njengeqhawe.
INkosi uDingiswayo kayibange isachitha isikhathi, yathumela amabutho ayo ayeholwa yiNduna uNgomane kaMqomboli waseMadletsheni ukuba ayokwethula uMntwana uShaka eNdlunkulu yakwaZulu njengeNkosana yeNkosi uSenzangakhona.
UMntwana uShaka, kwathi efika nje eNdlunkulu, wayebiza imbizo enkulu yesizwe sakwaZulu, wafika wazethula kuyona njengeNgonyama eyayisihlezi eSihlalweni seSilo uSenzangakhona.
INgonyama uShaka yayibathanda kakhulu abantu abahle ngebala. Bathi kwathi noma iSilo uShaka sasiqale ngaye umfowabo ukubulala, kepha kasivumanga ukubulala iNjinjikazi uBhibhi ngoba sathi inhle kakhulu iNdlovukazi yeSilo ukuba ingabulawa.
ISilo uShaka sasimenyanya kabi umuntu omubi, kwakwala ngisho noma kungaba umfowabo waso uqobo, kepha sasivele simxoshe eduze kwaso. Kuthiwa kwakunoMntwana uSankoye kaSenzangakhona owayebuhlungu kakhulu ngokwebala lakhe lona oweSilo.
ISilo uShaka sase simtshela emehlweni ukuthi mubi kakhulu ukuba angabizwa ngokuthi umfowabo, ngakho-ke kuhle asuke aphele eduze kwaso. Sathi sinexhala lokuthi uzokwandisa aBantwana ababi endlini yoBukhosi.
Kuthiwa iSilo sase simnikeza izinkomo uMntwana uSankoye njengesipho nesabelo sakhe, yayisithi kuye akahambe ayokwakha kude nayo ingaphinde imbone nje emehlweni ayo.
Kwathi ngemuva kweminyaka eminingi uMntwana uSankoye ahamba kwabakwabo wayesebakhumbule kakhulu lona oweNkosi. Wanquma ukuhamba ayobavakashela abeSilo kuleyo nkumbulo yakhe, enethemba lokuthi nabo sebemkhumbule.
UMntwana uSankoye wayekhumbula kakhulu umnewabo iSilo uShaka, iqhawe neNkosana kayise ayekade ahlukana nayo. Kuthiwa kwathi lapho behlangana nje ngamehlo uMntwana uSankoye neSilo uShaka, sambuza sathi: “Ngabe ubekwa yini lapha phambi kwamehlo ami? Kanti ngathini kuwe?” Sase sithi akanikezwe izinyoni zezulu. Yize uMntwana uSankoye wayezalwa yiNgonyama uSenzangakhona, kepha wabulawa ngenxa yokuthi wayemubi ngebala.
ISilo uShaka sabulala bonke labo esasithi babehlukumeza INdlovukazi uNandi kanye naso, kepha senza izimanga ngokuba singayibulali iNjinjikazi uBhibhi noma yona ingakaze ikhombise uthando ekumboneni kwayo kwaMthethwa. INjinjikazi lena yeSilo kuthiwa yabulawa nguMntwana uMqundane kaNobhongoza kaJama ngempi yaseMaqonqo. Ngenkathi ibulawa yase yengamele izintombo zeSigodlo saseMgungundlovu ezazingaphezulu kwenkulungwane namakhulu amahlanu.