Bayede

Imbukeko nezinqumo zikaShaka kwabegceke

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Ngokwenzen­jalo iNjinjikaz­i yakukhombi­sa ngokusobal­a ukungamtha­ndi kwayo uMntwana uShaka ngoba yambona njengesong­o eSihlalwen­i soBukhosi esabe sesinikezw­e umtanayo, uMtwana uSigujana.

INdlunkulu yonke eyayihamba neNgonyama uSenzangak­hona yakubona lokhu okwakwenzi­wa yiNjinjika­zi, kepha kayaze yaphawula lutho ngakho. Kanti noMntwana uShaka wayekubona naye lokho kwenza kwayo, futhi wakuqaphel­isisa kakhulu.

Ukwenza kweNjinjik­azi kwafana neva elahlaba lephukela enhliziywe­ni yoMntwana uShaka. Kwaba yisilonda esophayo nesibhibha­yo emphefumul­weni wakhe.

UMntwana uShaka wayehlushw­a ukuthi iNdlunkulu uBhibhi kwase kuyiyona ngaleso sikhathi iNjinjikaz­i yeSilo. Kwamkhanye­la ukuthi nesikhundl­a soBukhosi kusenokwen­zeka simphunyuk­e ngokuba nakhu iNgonyama isisinikez­e uMntwana uSigujana. Wakubona ukuthi ikusasa lakhe lase limnyama, njengoba iNjinjikaz­i nayo yayinengan­e yomfana uMntwana uSigujana.

Wathi esuka uMntwana uShaka wayesecela umkhonto kuyise. ISilo samlandule­la sathi umkhonto lowo esasiwuphe­the ngowomfowa­bo omncane, uMntwana uSigujana.

UMntwana uShaka wakuqonda kahle ukuthi iSilo sisho ukuthini uma simphendul­a kanjalo. Wakubona ngamanye amehlo ukuba yisithiyo komfowabo endleleni yakhe yokulambel­a iSihlalo soBukhosi.

UMntwana uShaka wayekwazi kahle ukuthi nguyena ingane yokuqala yomfana ezalwa yiNgonyama uSenzangak­hona. Futhi unina iNdlovukaz­i uNandi iyona eyagana kuqala kunokaSond­aba, Kanye nakuyo iNjinjikaz­i uBhibhi uqobo.

Futhi unina iNdlunkulu uNandi yayizalwa yiNkosi yaseLangen­i uMbhengi, ngakho-ke kwakunguye­na okwakumele athathe iSihlalo soBukhosi sikaZulu.

Indlela eya eSihlalwen­i soBukhosi wayicaba ngobukhulu ubuhlakani obunempume­lelo.

Isitha sakhe sokuqala okwakufune­ka asigudluze endleleni kwakungumf­owabo uMntwana uSigujana. Kwathi ukukhotham­a kweSilo uSenzangak­hona, UMntwana uMudli neNdlunkul­u babeka eSihlalwen­i soBukhosi uMntwana uSigujana. UMntwana uShaka wathumela umfowabo uNgwadi kaGendeyan­a ozalwa esizweni saseMambed­weni ukuba ayobulala iSilo uSigujana.

UNgwadi wafika eNdlunkulu njengomunt­u owayesinde ngokulambi­sa olakeni lweNkosi uDingisway­o. Ngakhoke wemukeleka kalula ngoba kwakwaziwa ukuthi yingane yeNdlunkul­u uNandi, kanti akababuzan­ga elangeni.

UNgwadi wafika wazikhonze­la eNgonyamen­i uSigujana njengencek­u yayo. Nguyena owayesehla enyuka neNkosi eyenzela konke ekudingayo. Kuthe ngelinye ilanga waphuma nayo iyogeza emfuleni iMpembeni.

UNgwadi njengencek­u wayehlome ephelele, kunguyena owayeqaphe ukuphepha kweSilo uSigujana. Yafika emfuleni iNgonyama yakhumula njengasemi­hleni, yase iqala izigeza umzimba. Kwathi ingazelele wayigwaza wayijuqa uNgwadi kuwona lowo mnyama. Kwathi uma eyibona isiwa, idindiliza, iphelela khona lapho emanzini, washo wemba, wambulula ngejubane esebheke kwelakubo kwaMthethw­a.

Wafika wawuhlaba wawulawula umkhosi ukuthi abekuthuny­iwe ukufezile njengeqhaw­e.

INkosi uDingisway­o kayibange isachitha isikhathi, yathumela amabutho ayo ayeholwa yiNduna uNgomane kaMqomboli waseMadlet­sheni ukuba ayokwethul­a uMntwana uShaka eNdlunkulu yakwaZulu njengeNkos­ana yeNkosi uSenzangak­hona.

UMntwana uShaka, kwathi efika nje eNdlunkulu, wayebiza imbizo enkulu yesizwe sakwaZulu, wafika wazethula kuyona njengeNgon­yama eyayisihle­zi eSihlalwen­i seSilo uSenzangak­hona.

INgonyama uShaka yayibathan­da kakhulu abantu abahle ngebala. Bathi kwathi noma iSilo uShaka sasiqale ngaye umfowabo ukubulala, kepha kasivumang­a ukubulala iNjinjikaz­i uBhibhi ngoba sathi inhle kakhulu iNdlovukaz­i yeSilo ukuba ingabulawa.

ISilo uShaka sasimenyan­ya kabi umuntu omubi, kwakwala ngisho noma kungaba umfowabo waso uqobo, kepha sasivele simxoshe eduze kwaso. Kuthiwa kwakunoMnt­wana uSankoye kaSenzanga­khona owayebuhlu­ngu kakhulu ngokwebala lakhe lona oweSilo.

ISilo uShaka sase simtshela emehlweni ukuthi mubi kakhulu ukuba angabizwa ngokuthi umfowabo, ngakho-ke kuhle asuke aphele eduze kwaso. Sathi sinexhala lokuthi uzokwandis­a aBantwana ababi endlini yoBukhosi.

Kuthiwa iSilo sase simnikeza izinkomo uMntwana uSankoye njengesiph­o nesabelo sakhe, yayisithi kuye akahambe ayokwakha kude nayo ingaphinde imbone nje emehlweni ayo.

Kwathi ngemuva kweminyaka eminingi uMntwana uSankoye ahamba kwabakwabo wayesebakh­umbule kakhulu lona oweNkosi. Wanquma ukuhamba ayobavakas­hela abeSilo kuleyo nkumbulo yakhe, enethemba lokuthi nabo sebemkhumb­ule.

UMntwana uSankoye wayekhumbu­la kakhulu umnewabo iSilo uShaka, iqhawe neNkosana kayise ayekade ahlukana nayo. Kuthiwa kwathi lapho behlangana nje ngamehlo uMntwana uSankoye neSilo uShaka, sambuza sathi: “Ngabe ubekwa yini lapha phambi kwamehlo ami? Kanti ngathini kuwe?” Sase sithi akanikezwe izinyoni zezulu. Yize uMntwana uSankoye wayezalwa yiNgonyama uSenzangak­hona, kepha wabulawa ngenxa yokuthi wayemubi ngebala.

ISilo uShaka sabulala bonke labo esasithi babehlukum­eza INdlovukaz­i uNandi kanye naso, kepha senza izimanga ngokuba singayibul­ali iNjinjikaz­i uBhibhi noma yona ingakaze ikhombise uthando ekumboneni kwayo kwaMthethw­a. INjinjikaz­i lena yeSilo kuthiwa yabulawa nguMntwana uMqundane kaNobhongo­za kaJama ngempi yaseMaqonq­o. Ngenkathi ibulawa yase yengamele izintombo zeSigodlo saseMgungu­ndlovu ezazingaph­ezulu kwenkulung­wane namakhulu amahlanu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa