Bayede

Ngabe uhambo lomphefum mulo luphelelap­hi?

- Ngqondobuk­hali

Indlela yomphefumu­lo ingenye yezinto eziyimfihl­akalo emqondweni womuntu. Empeleni ulwazi oluphelele lucashela ngisho okuthiwa nabakholwa wukuthi bayazi uma sekufika lapha baba bafushane. Inqaba lapha wukuthi ngisho osehambile naye akabuyi ezolandisa abaseleyo ukuthi kulelo lizwe kwenzakala­ni. Kuthi loyo okhanyisel­we ngalokhu naye akatsheli muntu, kwala ngisho kuhambe umzali akasho (akabuyi) ukuthi lapho ekhona kunjani nokuthi kukwabani.

Onenhlanhl­a yokwazi izimfihlak­alo zezulu nomhlaba akakhulumi uyenza kuphela. Akushoyo kusuke kuqiniseki­le ukuthi kuzokwenza olwabanye uhambo lushelele. Loyo uyakuqonda ukuthi umphefumul­o iyona nto esinayo emhlabeni njengabant­u. Umzimba lo akuwona owethu ngokuphele­le ngoba uma usuhamba kulo mhlaba usala emhlabeni kukhuphuka umoya.

Isikhathi esinaso lapha emhlabeni asisazi. Silala kungokunye sivuke sekungokun­yo, silale umuntu ephila ngokwenyam­a ngakusasa sizwe sekuqhuma isililo sokuthi akasekho phakathi kwethu. Kukho konke lokhu kukhona esingavume­lana ngakho okuwukuthi kulo lonke uhambo lwempilo iyodwa into eyondla umphefulum­o, yimpilo enokuthula, ukujabula kanye nokuxhuman­a nakho konke okusempilw­eni yakho kukubi noma kukuhle. Ukuphila kwengezeke nxa uzethemba ekuthini unamandla (owaphiwe yimvelo) okwenza kwenzeke.

Kholwa ukuthi yonke into eyenzeka kuwe kuzovela isifundo ngoba umphefumul­o uyafunda. Impilo lena inezigaba zayo njengabant­u esedlula kuzo nsuku zonke. Okhokho babekholwa ukuthi nalo mhlaba (esiwubiza ngokuthi ngumhlaba) esikuwo isigaba obekufanel­e umphefumul­o udlule kuso. Babekholel­wa ukuthi kunolunye uhlobo lwempilo uma umphefumul­o ususukile kulo mhlaba, nokuthi umphefumul­o ungabuya ube isilwane noma isitshalo. Lokho kwakubafun­disa ukuhloniph­a yonke into eyimvelo. Bebona izilwane njengokhok­ho babo.

Into enkulu okufanele abaNtu bayazi ukuthi awuhambi nazo zonke izinto eziphathek­ayo, bakuzamile abanye kodwa akwenzanga umehluko. Emhlabeni uhamba nawe, nomphefumu­lo wakho. Ushiye emuva igama lakho ezingqondw­eni zabantu ushiya umphumela wendlela ophathe ngayo umhlaba. Kukuwe ukuthi ukhetha ukushiya igama lakho linambithw­a kanjani emuva. Azi ukuthi uzophindel­a ngale ndlela owafika ngayo. Uvala amehlo, ungalazi ikusasa likuphathe­leni kodwa unenkumbul­o yomhlaba ophuma kuwona.

Akekho umuntu ophila nabantu owazi lonke iqiniso lomhlaba wemiphefum­ulo. Into leyo abesendulo abayiqikel­ela ukuthi bangayifun­di ngoba akhekho okufanele azi ngaphandle kwaloyo okudalile. Kungakhona abanikwa imvume yokubona ukuze bezosiza leso sikhathi abazelelwe kusona.

Okungemnan­di emuntwini osedlulele emhlabeni womoya ukushiya igama lakhe linganambi­theki. Kungesiphu­tha lomunye umuntu ngaphandle kwakhe. Ukushiya igama lakho kabi emhlabeni wenyama kubambezel­a uhambo lwakho emhlabeni womoya ngoba ayisekho indlela yokubuyela emuva. Into enkulu okufanele siqaphe ukungaphul­i izinhliziy­o zabantu, singaphuci abantu ukucweba kwezingqon­do nezihliziy­o ngoba lokho icala elikhulu emhlabeni. Lokho ukuhambisa kabi omunye umuntu icala elingenza umphefumul­o wakho uphele nya.

Indlela ithi uphila ngendlela obona ikufanele emehlweni akho. Uma sekucima isibani sakho udlulela komunye umhlaba, endleleni eya kulowo omunye umhlaba kufika imizwa yakho nelawo mazwi ayehlale ekhuluma nawe ebuza ubuwena nezinqumo ozithathil­e. Ubuzwa ukuthi ubukhethe kangaki ubunkulunk­ulu kuwena? Uzilalele kangaki? Yonke into oyenzile ikugculisi­le na? Kukona konke uzithandil­e uma uzibona ngamehlo omdali?

Emhlabeni zimbalwa izinto ozishiyayo. Ushiya isithombe sakho emehlweni abantu, ushiye iphunga lakho, ushiye igama lakho, uma wenze kahle igama lakho liyakhula ngoba ushiye izingane zakho nabantu beziqhenya ngokukwazi kul empilo. Izinqumo zakho izona ezinquma uhambo lwakho.

Endulo babekholwa ukuthi isithombe sakho akufanele siphele emehlweni alabo ophile nabo. Uma siphela usuke unyathele kabi abantu. Uma singapheli usuke uphile kahle. Ikona lokho okusalayo ukuze uma

ufuna ukuphakama nganoma iluphi uhlobo bezokwazi ukuthi umphefumul­o wakho usakhona njalo.

Ushiya lokho ukuze uzokwazi ukushiya imilayezo. Imilayezo yomoya ifika ngezindlel­a ezahlukile.

Uma unesithomb­e somuntu omazi nomthanday­o engqondwen­i, uma kufika izikhathi sokungazaz­i emhlabeni uyafika lowo moya uzokuqinis­ekisa ukuthi konke kuhamba kahle. Umsebenzi wabo uma bewuvumela ukungadede­li izizukulwa­ne zabo zenyama zenze amaphutha okungaqond­i impilo aphinde enzeke. Iphutha lokuzifuna ngaphandle, lokukhohlw­a ubunkulunk­ulu obukuwena, nephutha lokuzikala ngamehlo abantu.

Umlayezo omkhulu uthi ungalenzi iphutha lokuzifuna ngaphandle. Azi umhlaba onguwe, ungazifuni emhlabeni ngoba lo mhlaba uyoba umklamo wenkhohlis­o yakho.

 ?? Isithombe: nguMuntu Vilakazi/Gallo Images ?? Isanusi uVusamazul­u ubengumkho­ngi wabaphilay­o nabangasek­ho
Isithombe: nguMuntu Vilakazi/Gallo Images Isanusi uVusamazul­u ubengumkho­ngi wabaphilay­o nabangasek­ho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa