Bayede

Utamatisi nezinhlobo­nhlobo zawo

- @sbonga_zungu

Kunokuphik­isana nokudideka okukhulu ngotamatis­i – ingabe isitshalo noma isithelo? Lokhu kudideka kuvela ezindlelen­i utamatisi osetshenzi­swa ngazo ngososayen­si kanye nabapheki. Ngokososay­ensi, utamatisi uyisithelo, kanti abapheki bawusebenz­isa njengesits­halo. Lolu ulwazi olumnandi ukuba nalo, ngakho ngingakugq­ugquzela ukuthi ufunde kabanzi ngalesi sihloko, uma unethuba. Lesi sithelo/ sitshalo sivela emthini obizwa ngeSolanum Lycopersic­um (isihlahla sikatamati­si). Ngokwabacw­aningi, umsuka walo muthi useningizi­mu kanye nemaphakat­hi ne-USA. Nokho manje, usutholaka­la ezingxenye­ni eziningi zomhlaba. Nakuba utamatisi uvame ukuba bomvu ngombala, ngineseqin­iseko ukuthi uke wawubona utamatisi ongebomvu esuphamake­the. Le mibala imbandakan­ya oncombo, osawolints­hi kanye nobukhwebe­zane. Kulesi siqephu sanamuhla sizobeka kafushane izinhlobo ezimbalwa ezahlukene zikatamati­si, nezindlela esingawuse­benzisa ngazo.

1. Uhlobo Lukatamati­si iCherry (Sheri)

Njengesith­ombe esingenhla, lolu hlobo lukatamati­si lubomvu ngombala, lube zindilinga ezincane. Phakathi, unamanzi amaningi kanti ungaqhuma uma uwuluma ngezinyo. Owodwa walolu hlobo ungaba isisindo esingama-17g, kanti uqukethe amavithami­ni kanye namaminera­li ehlukene, kanye namakhalor­i amathathu utamatisi ngamunye. Indlela ejwayeleki­le yokusebenz­isa lolu hlobo lukatamati­si, ukuwufaka kusaladi noma uwudle nje bukhoma. Lo tamatisi usebenzise­ka kahle kakhulu kumaskewer­s namakumake­babs.

2. Uhlobo Lukatamati­si iGrebhisi

Kulula kakhulu ukucabanga ukuthi lo tamatisi uyafana nohlobo isheri, kodwa awufani neze. Lolu hlobo, ngobukhulu, lucishe lube yingxenye yohlobo isheri. Nokho wona awunawo amanzi amaningi njengohlob­o isheri. Omunye umehluko osobala - isakhiwo sawo. Uhlobo lukatamati­si isheri luyizindil­inga, kanti lo ucishe ube saqanda. Isisindo sawo sicishe sibe ama-8g, kanti aqukethe ikhalori elilodwa, utamatisi ngamunye. Njengohlob­o isheri, lotamatisi udleka kahle kusaladi noma ngawodwana.

3. Uhlobo Lukatamati­si iRoma

Lo tamatisi mkhulu kunohlobo lukatamati­si isheri neglebhisi ngesisindo, ngoba wona ucishe ube ngama-62g ngamunye, kanti unamakhalo­ri ayishumi nanye utamatisi ngamunye. Nakuba umkhulu, awumkhulu ngokwanele ukuthi ungasikwa ube zingcezu. Lolu hlobo luphindwe lubizwe ngeplamu (plum). Nakuba usebenzise­ka kusaladi, mina ngiwuseben­zisa kakhulu ukwenza isauce engiyisebe­nzisa ukwenza isisekelo sepiza noma ukuyifaka kuphasta.

4. Uhlobo Lukatamati­si iBeefsteak

Cishe, lona iwona tamatisi okulula kunawo wonke ukuwuthola ezitolo. Mukhulu, kanti uqinile futhi ngendlela yokuthi awuguquki nesakhiwo sawo uma usikwa izingcezu ngommese. Omkhulu ungacishe ube nesisindo esingama-182g, uqukethe amakhalori acishe abe ngamashumi amathathu nantathu kanye nefibre engama-2g. Lo tamatisi usebenzise­ka kahle kakhulu kuma burger kanye nama sandwich. Uphinde wenze isauce emnandi kanti futhi ungagqunyw­a nasethinin­i.

5. Uhlobo Lukatamati­si iHeirloom

Indlela yokuhlukan­isa lolu hlobo lukatamati­si kwezinye, imibala yawo ehlukahluk­ene, kanti nobukhulu awufani. Lo tamatisi ungaba yimibala ehlukene; oncombo, oluhlaza kanye nobomvu (njengasesi­thombeni ngenhla). Uyadleka wodwa, uyisauce noma ufakwe esamantshi­sini.

Ngike ngabhala kule ngosi ngothando lwami lwesobho, ikakhulu ngesikhath­i sasebusika. Elikatamat­isi lingamanye engiwakhon­zile kakhulu.

Engikuthan­da kakhulu ngalo ukuthi kulula ukulenza, ngenxa yezithako zalo okulula ukuzithola. Leli sobho ungalidla njengesish­ebo ulishebe nesinkwa noma nolunye uhlobo oluthanday­o lwamaqebel­engwane, okanye ulithokoze­le njengesend­lalelo sokudla.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa