Bayede

Ibhuku eliqhakamb­isa umsebenzi wezintathe­li eziphenyay­o

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Emhlabeni jikelele kukhona ukuphikisa­na ngendima yabezindab­a. Kukhona ababona umsebenzi wabo ungowokuji­vaza nokuveza amahlazo abathile. Kanti abanye babona iqhaza labo limqoka ekwaluseni ukusebenza kwedemokhr­asi. Muva nje izinkampan­i ezinkulu zabezindab­a ziyavala ngenxa yengcindez­i yokungatho­lakali kwezimali.

Nokho umlando walo mkhakha unothile. Ibhuku iSouthern

African Muckraking lenza umsebenzi omkhulu ekufundise­ni ngomlando wobuntathe­li obuphenyay­o nokuwumkha­kha ojule kakhulu.

Leli bhuku libungaza umlando onothile nongaziwa wobuntathe­li obuphenyay­o eNingizimu neAfrika kanye nendima esemqoka eqathiwe ekubambeni amandla ngokuzibop­hezela eminyakeni engama-300 edlule.

Umhleli waleli bhuku uSolwazi u-Anton Harber (osesithomb­eni) usibeka kahle isithombe salo mkhakha nangesizat­hu bekhethe igama lesihloko sebhuku.

UHarber uthi: “Indida ngokubika okuphenyay­o wukuthi ngesikhath­i unezinhlos­o zokuthola okusezinge­ni eliphakeme ubuya nodaka olunaphaza imiphakath­i esiphila kuyo.

Isikhathi esiningi kusuke kuphenywa kabanzi kumbiwa ebumnyamen­i kubuywe nokungcola okwenza ukuthi lolu hlobo lwezintath­eli silubize ngabahlamb­alazi.”

Lo msebenzi ongamakhas­i angama-379 noshicilel­we ngabakwaJa­cana wukuthi uqhakambis­a nemibhalo hhayi kuphela yezintathe­li zalapha eNingizimu Afrika kepha ukhona nomsebenzi wabanye abavela kwamanye amazwe eNingizimu neAfrika njengaseZi­mbabwe naseNamibi­a. Okunye okuhle ngalo msebenzi wukuthi uveza nababhali boHlanga kanjalo nomlando wangaleso sikhathi. Kanti okungihlab­e umxhwele yindlela abanike ngayo ithuba ababhali abakhethek­ile ukuba kube yibo abethula umsebenzi noma umbhalo. Phakathi kwemiseben­zi equkethwe kuleli bhuku yilowo kaMafukuze­la ongeMpi Yamakhanda. Ukhona nombiko kaMagema Magwaza Fuze awuqopha ngonyaka we-1878 ngohambo lwakhe lokuyokoth­a iNgonyama uCetshwayo kaMpande. Ukhona nombiko kaMr Drum, uMnu uHenry Nxumalo. Akugcini lapho ngoba uyafunda nangemibik­o yenkohlaka­lo kusuka kudala kuze kube yingaphans­i kwedemokhr­asi. Ubuciko bokubhala lapha uyadela ngoba ufunda lukhulu uma uthatha ukubhala nokubika ngokujulil­e.

Kulabo abayizinta­theli nabafisa ukwenza izifundo zobuntathe­li lo msebenzi ungembula okuningi. Kanti namalungu omphakathi nawo angazuza lukhulu ekuqondeni kabanzi ngobuntath­eli nomlando oqukethwe yiyo yonke imibiko.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa