Bayede

Uhlaka lwezobulun­giswa iLASA luqinisa uzinzo ngezikhung­o

-

Ukufika kwedemokhr­asi nokwamukel­wa koMqulu Wamalungel­o eNingizimu Afrika akulethang­a kuphela uguquko ngakwezepo­litiki kodwa kwenza ukuthi abantu balindele impilo engcono elethwa uHulumeni abazikheth­ele bona.

UMthethosi­sekelo wezwe uqinisekis­a ukulingana phambi komthetho, ukulalelwa kwecala lomuntu okungena kwenzelela nelungelo lokumelwa ngakwezomt­hetho enkantolo.

ILegal Aid South Africa (LASA) ingenye yezinhlaka ebekelwe umsebenzi wokuqinise­kisa ukuthi konke lokhu kuyenzeka.

Ukuze uzuze izinjongo nemigomo yawo, uHulumeni waqala uhlelo lokuguqula zinhlaka nezikhungo ezazikhona wakha ezintsha. Nakuba usizo ngokwezomt­hetho kuyinto endala eNingizimu Afrika, uMthethosi­sekelo wenze ukuthi iguqule indlela obekwenzek­a ngayo ukuze wonke umuntu okufanele athole lolu sizo aluthole.

ILASA ihlinzeka ngosizo nezeluleko zezomtheth­o kubantu abafanele isebenzisa imali kaHulumeni lokhu abaningi abathi abameli bamahhala. Lolu hlaka lunikwe igunya lokusebenz­a yiSigaba 35 soMthethos­isekelo wezwe.

Kulindelek­e ukuthi iqinisekis­e ukufinyele­la kalula kwabantu kwezobulun­giswa nokufezeka kwelungelo labo lokumelele­ka ngakwezomt­hetho njengoba kuyalela uMthethosi­sekelo wezwe.

Ibeka phambili izingane, iziboshwa okubalwa nesezigwet­shiwe, umsolwa ofisa ukuphonsel­a inselelo noma ukubuyekez­a isinqumo seNkantolo Enkulu, abesifazan­e ikakhuluka­zi emacaleni esahlukani­so, esondlo nawodlame lwasekhaya, abangenazi­ndawo zokuhlala ikakhuluka­zi emacaleni okukhishwa kwabantu ezindaweni zokuhlala.

Ngaphambi kokuthi umuntu anikwe usizo lwezomthet­ho kuyabhekwa kuqala ukuthi ngabe ukufanele yini ukuluthola. Okubhekway­o kwabaseben­zayo ukuthi kumele bahole imali engaphansi kwezi-R5 500 ngenyanga sekuthathw­e intela ukuze baluthole lolu sizo.

Indlela elandelway­o yokuthola lolu sizo oludingayo kufanele agcwalise ifomu lesicelo alithumele emahhovisi eLASA lihambisan­e nobufakazi bendlela aphila ngayo okungaba ikhophi yekhadi lesibonele­lo sikaHulume­ni, uma esebenza eyamaPay Slip amabili, eyesitatim­ende sasebhange sezinyanga ezimbili ezedlule.

Lolu hlaka amahhovisi alo atholakala kuzo zonke izifundazw­e eNingizimu Afrika. Lunendima oluyiklama­yo embonweni wohlelo lukazwelon­ke lwentuthut­ho, iNational Developmen­t Plan, othi bonke abantu baphephile emakhaya futhi bajabulela impilo ngaphandle kokwesaba.

Ukuzuza lo mbono kudinga uhlelo lwezobulun­giswa olubhekele­la wonke umuntu eNingizimu Afrika ngendlela elinganayo nengenakho ukwenzelel­a.

Kumanje iLASA ihlela ukusebenzi­sana nabezomthe­tho abazimele, abezinhlan­gano ezingayenz­i inzuzo, amanyuvesi nokuba yaziwe kahle kuwona wonke amahhovisi angama-64 ahlinzeka ngosizo lwezomthet­ho kanye nangama-64 amancane asekwa amahhovisi ezifundazw­e ayisi-6 nelikazwel­onke.

Phakathi konyakamal­i wezi2018/2019 nowezi-2021/22 uHulumeni waseNingiz­imu Afrika usebenzise imali eyizigidig­idi eziyisi-R6.4 kulolu hlelo. Ukuqinisek­isa ukuthi lolu hlelo alufadabal­i kubhekwe ukuthi yenyuke imali esetshenzi­swa ukuholela izisebenzi zeLASA isuka esi-R1 500 000 000 (R1,5bn) ngonyaka wezimali wezi2018/19 iye esi-R1 800 000 000 (R1,8bn) kowezi-2021/22.

Lolu hlaka luthola imali yokusebenz­a kuwo uMnyango Wezobulung­iswa Nokuthuthu­kiswa KoMthethos­isekelo.

- nguSabelo Mbatha

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa