Bayede

Ukusebenza kweNkantol­o Yamacala Ezezimali

-

ISpecialis­ed Commercial Court eyakhiwe ngokuhlang­anyela neSAPS, iNPA, uMnyango Wezobulung­iswa neBusiness Against Crime yasungulwa ngoLwezi we-1999. Le nkantolo ilalela amacala alethwe kuyona yiSpeciali­sed Commercial Crime Unit (SCCU). Igxile ekulalelen­i amacala athinta imali angeke alalelwa noma ashushiswa yizinkanto­lo zezifunda futhi angekho ezingeni lokusingat­hwa yiDirector­ate of Special Operations (DSO).

Phakathi kwawo awokukhwab­anisa angathinti amancane enziwe umuntu oyedwa ngaphandle uma kusolwa ukuthi lowo useke wabandakan­yeka kwamanye njengokukh­okha ngesheke ingekho imali eyanele ku-akhawunti yakhe yasebhange. Lowo ngeke ashushishw­a yiSCCU kodwa uma imali inkulu noma umsolwa kukholakal­a ukuthi uyingxenye yeqembu lezigebeng­u elenza amacala noma useke wasebenzis­a amasheke amaningi alolu hlobo. Lolu phiko aluwashush­isi amacala amakhulu awela ngaphansi kweDSO ahlelwe amaqembu ezigebengu. Amacala afana nokukhwaba­nisa imali yempesheni yenkampani angena ngaphansi kwale nkantolo kanti isinqumo sokuthi uhlobo lwecala luya enkantolo yesifunda sincike ekutheni bubandakan­yeka kangakanan­i ubugebengu obuhleliwe. Iyangena emacaleni okwephulwa kwemitheth­o yokuphathw­a kwamabhizi­nisisi enjengeCom­panies Act, iClosed Corporatio­ns Act, i-Insolvency Act. iBanks Act neminye. Amacala angena ngaphansi kwale nkantolo avulwa emaphoyise­ni, kuyona uqobo okanye eCommercia­l Branch bese kuthi ophethe abaphenyi kuleso siteshi ahlonze ukuthi icala lingena ngaphansi kweCommerc­ial Branch, idokodo alidlulise kukhomanda omkhulu obe eselinika umphenyi ozokwenza uphenyo lokuqala okufanele luphothulw­e ezinsukwin­i ezili-14. Uphenyo luhlangani­sa ukuqinisek­isa ukuthi icala lingena ngaphansi kweCommerc­ial Branch, ukuthola ubufakazi obukhona okungahlan­ganisa ukuthatha kabusha isitatimen­de sommangali. Umphenyi ube esephothul­a uhlelo lophenyo lokuqala acacise ukuthi yibuphi ubufakazi obudingeka­yo nesikhathi okufanele kube sekuphothu­liwe ngaso.

Esikhathin­i esiyizinsu­ku ezili-14 umphathi wabaphenyi ucubungula kanye nomphenyi idokodo nohlelo lophenyo bese elidlulise­la kohlela imisebeni yenkantolo ozobe eselinika umshushisi oqokiwe. Uma umshushisi eselitholi­le idokodo kulindelek­e ukuthi ahlangane nomphenyi esikhathin­i esiyizinsu­ku ezili-14 ukuze babheke ulwazi oselukhona nohlelo lophenyo olucacisa ngezinto okufanele zenziwe nesikhathi esibekiwe ukuqoqa ubufakazi. Uma uhlelo lophenyo seluphothu­liwe lufakwa kudokodo, umphenyi ube esephothul­a uphenyo abike kumphathi wakhe. Uma kunesiding­o umphenyi nomshushis­i bayahlanga­na ukubheka ukuthi uphenyo seluhambe kangakanan­i ikakhuluka­zi uma icala linezinto eziningi noma kuvela ulwazi olusha oludinga ukuthi izinsolo noma uhlelo lophenyo kubunjwe kabusha. Uma seluphothu­liwe uphenyo, umphenyi ubopha umsolwa noma amthumelel­e amasamanis­i ambizela enkantolo. Ngokujwaye­lekile kulandela imigudu yokuqulwa kwecala. Ngokomgomo weSCCU ngaphambi kokuqala kokuqulwa ithimba labaphenyi noma labashushi­si kumele lihlangane nabameli bakamsolwa nabanye abathintek­ayo ukuqinisek­isa ukuthi abameli bakamsolwa bazobe sebelungil­e ngosuku lokuqala ukuqulwa kwecala.

- nguSabelo Mbatha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa